(Dedicated 2those who fail ther matric) Ngibabonile abangani - TopicsExpress



          

(Dedicated 2those who fail ther matric) Ngibabonile abangani ephepheni Elami igama belingekho ngisho ekugcineni And lento iyangidla enhlizweni Angikholwanga Impilo yami ayiphelanga Ngiyazi angiphumelelanga Liyeza kodwa nami elami ilanga Lokwenza ezami izimanga Lokuxazulula ezami izinkinga Noma kubuhlungu kodwa angeke ngazihenga UNkulunkulu uzongihlenga Uzongiwisela lezi izindonga Impilo yami ayiphelanga Ngiyazi angiphumelelanga Zikhona nami izimpi engisazozinqoba Akupheleli la okwalomhlaba Ngiyazi ngibaphoxile umama beno baba Mhlampe bazitshela ukuthi esikoleni bengenza imikhuba Kuzomele ngibajabulise makuvela elinye ithuba Impela nami ngiphoxekile ngoba ngisho ukuphumela bandle ngiyesaba Impilo yami ayiphelanga Ngiyazi angiphumelelanga BY:Mzamo Pace Mthembu #Sicikoza_Ngosiba #Better_Days_Are_Coming
Posted on: Wed, 07 Jan 2015 10:20:17 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015