>>MEXABENE noMJIKJELWA AKANGAKHIPHI ISBHONGO ENJENI, INJA AYENZE - TopicsExpress



          

>>MEXABENE noMJIKJELWA AKANGAKHIPHI ISBHONGO ENJENI, INJA AYENZE LUTHO... #EZFUNDELA_IPHEPHA ISOLEZWE (Ngomgqibelo) >> 17 JAN 2015 » {PAGE 4} By: Charles Mncinde Khuzwayo OkaMaskandi ugxekwa ngesihluku sokukhahlela inja. >ISIHLABANI somculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose usegxekwe kakhulu ngesenzo sokukhahlela inja uma ecula ingoma ethi Injemnyama. Lomculi waqala ukuhamba nale nja ngesikhathi kunomcimbi eCurries Fountain Stadium ngonyaka odlule. Ngokuthola kwaleliphephandaba ngale nja usuke eqondise komunye umculi kamaskandi angcofana naye. Izihlwele ebezikwiKhuzimpi Maskandi Festival KwaMashu zashaqeka kakhulu ngesikhathi lomculi ekhahlela kabuhlungu inja ebe eyibambe ngentambo. Nenhlangano elwela ukuhlukunyezwa kwezilwane iSPCA ithe ayineme neze ngalesi senzo ngoba sephula umthetho olawula ukuvikelwa kwezilwane. Izinkakha zalo mculo zikhuze ibhadi ngalo mkhuba zathi azikaze ziwubone ngosho nakwaMadala eJudeni. Phakathi kwabaculi abakhombise ukungasenameli isenzo sikaKhuzani nguPhuzekhemisi ovele wathi lemikhuba eqhamuke nomaskandi bamanje seyiqala ukumkhathaza. Kuyangimangalisa ngempela ukuthi umuntu angathenga inja ngenhloso yokuzoyishayela esteji. Yimbi impela lento eyenziwa yilo mculi. Ngakho kufanele ayiyeke nje. Asihambisani thina baculi nokuhlukunyelwa kwezilwane ngoba abantu basuke bezobona umculi edlala hhayi lesisihluku abakhonjiswa sona, kuchaza uPhuzekhemisi. UMfiliseni Magubane uthe wababona abafana beqhuba inja kwiKhuzimpi Maskandi Festival KwaMasdhu ezinyangeni ezedlule. Ngathi uma ngibabuza ukuthi nale nja iyacula yini, bathi impela nayo iyacula. Kwangimangaza kakhulu lokho, usho maqede waphela yinsini uMfiliseni. Uthe uma enomculi angezwani naye, makuthi uma bethula behlangana kungekho bantu, akhahlele yena. Akayeke ukukhiphela ulaka lwakhe enjeni ngoba ayinacala. Yisilwane sikaNkulunkulu lesi futhi lesi senzo sakhe sizomqhatha nabomthetho, aze agqunywe ejele. Akasiyeke nje, kuchaza uMfiliseni. UMaqhunga Hadebe uthe abantu baya emicimbini ukuyojatshuliswa ngabaculi hhayi ukuyobona umculi ehlukumeza isilwane. Umsebenzi wenja ukuzingela nokugada ikhaya hhayi ukulwa izimpi zabaculi. Lomkhuba akawuyeke nje lomculi ngoba uthunaza isithunzi sethu, kuphetha umaqhinga weShabalala Rhythm. Eziphendulela uKhuzani uthe ubengaqondile uchuku kodwa ubetolika ingoma yakhe ethi Injemnyama. Ngathi nje angiqhamuke nesitayela esihlukile sokuthi abantu ngibakhombise ukuthi ngisuke ngikhuluma ngani kulengoma. Kungijabulisile ukuzwa ukuthi kukhona nabanye abaculi asebeqala ukungena nezinja esteji ngemuva kokukopela isitayela sami, kusho uKhuzani wodumo lwengoma ethi Amampunge. Uthe uzoqhubeka nokungena nale nja esteji aze akhiphe album entsha ngePhasika. Ngeke ngisaqhubeka uma sengikhiphe album entsha ngoba ngizobe sengigxile kuyo. Nabantu kodwa sebeyayithakasela le nja njengoba sebeze bangibuze yona uma ingekho. Esephetha uKhuzani uthe ngeke abeSPCA bambophe ngoba le nja akayishayi kodwa usuke esikaza ukuyishaya.
Posted on: Sat, 17 Jan 2015 09:56:13 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015