ABAKUHLEKILE, BASAZOKUSHAYELA IZANDLA, BAKUHLABELELE - TopicsExpress



          

ABAKUHLEKILE, BASAZOKUSHAYELA IZANDLA, BAKUHLABELELE INGOMA YAKHO!!!! Enye insizwa eyayisilobole enye intombi, sebezoshada. Laba ababili babethandana kakhulu. Ngenkathi kulungiselelwa umshado, kwafika nosuku lokuba bayothenga izindandatho (RINGS). Ngalelolanga isimo sezulu sasishisa kakhulu kuvukwa nje ekuseni. Kuthe uma befika edolobheni, baqala bahamba izitolo bebuka izindandatho, beqhathanisa. Baze bakhathala balamba bengakayitholi. Bangena e restaurant thizeni bahlala phansi badla. Ngenkathi besadla izulu lavele lashintsha isigubhukane emnyango. Nabo baphuma bayoqhubeka nokucinga izindandatho. Lase lilibi ngempela izulu ngalesosikhathi. Umkhwenyana wacela ingoduso yakhe ukuba imlinde phansi kwesihlahla thizeni esasinebhentshi ngoba wayefuna ukungena endlini encane. Izulu laselilibi kakhulu ngalesosikhathi, linomoya, seliduma, wonke umuntu edolobheni esebaleka efuna indawo yokucasha nokukhosela. Laqala nokuna kakhulu, lawisa amatshe. Intombazane ayisukanga phansi kwesihlahla eyayishiywe kuso ngumyeni wayo. Baqala abantu bayimemeza bethi ayisuke lapho ihlezi khona ngoba izulu libi, kodwa yaphendula yathi “UMNYENI WAMI UNGISHIYE LA, KOMELE ANGIFICE LA,NGOBA UMA NGISUKA KUNGENZEKA SIDUKELANE, KANTI SINESETHEMBISO SAMA RING UKUZE SISHADE”. Abantu bakhuluma konke abakuthandayo entombazaneni, babodwa ababethi iyisilima, idlala lomfana, abanye bethi izofela into engekho, abanye beyidabukela, abanye beyincenga ukuthi isuke phansi kwesihlahla. Intombazane yayilokhu imi ezwini elilodwa nje ithi umyeni wami uthe angime lapha. Yagcina isiphenduka ihlaya idolobha lonke kwakukhulunywa ngayo. Emva kwemizuzu engamashumi amathathu, sadlula isivunguvungu laphenya izulu, kwavela ilanga kwangathi akukaze kwenzeke lutho. Kwenzeka konke lokhu nje umyeni uyabona futhi ulalele nokuthi bathini abantu. Kuthe ukuba lingaphenya waqhamuka umkhwenyana, wayesephethe indandatho ebiza kunazozonke, wamanga waguqa ngamadolo phambi kwengoduso yakhe. Wathi impela mina ngithole umfazi okwazi ukumelana nazozonke izimo zempilo. Bamangala bonke akade behleka kusaduma izulu ukuthi kwenzekalani. Baqala ukusondela befuna ukuzizwela nokuzibonela. WAKHIPHA INDANDATHO EBIZAYO WAMFAKA YONA , WAMSHADA PHAMBI KWABAHLEKI. Abanikazi bezitolo ababeseduze baletha izipho khona lapho, ne garage elidayisa izimoto elaliseduze nalo lakhipha isipho semoto salezizithandani ezimbili. Kwafikwa ekhaya kwaba nendumezulu yomcimbi ezingubo ezinethiwe zakhunyulwa kwagqokwa ezomshado. Ngifuna ukuthi kuwe noma impilo ingakushintshela kanjani, likudumele, likunethe, libe nomoya, bakuhleke, bakubhuqe abantu ngesimo sakho, kodwa ungasuki endaweni lapho umyeni wakho onguJesu akushiye khona. “Uma ulaka lombusi lukuvukela ungayishiyi indawo yakho”. Baningi abethu abashintshelwe yimpilo, baduba umnyeni, basuka lapho bebebekwe khona. Lalela mhlobo noma kwenzekani empilweni yakho , uyakubona, uma sekwedlule lokhu uza nendandatho ebizayo. Labo abakade bekuhleka bekhuluma konke abakuthandayo bazomangala kusasa. Ungasuki endaweni yakho. UMYENI WAKHO UJESU USAKUTHANDA NAMANJE!!!!!
Posted on: Mon, 27 Oct 2014 11:39:35 +0000

Trending Topics



v class="stbody" style="min-height:30px;">
Fear of being thrown out of work is so widespread that equal

Recently Viewed Topics




© 2015