AMAGUGU ALELIZWE AYOSALA EMATHUNENI!!!! Umshumayeli 1:7 - TopicsExpress



          

AMAGUGU ALELIZWE AYOSALA EMATHUNENI!!!! Umshumayeli 1:7 “Yonke imifula iyaya olwandle, kodwa ulwandle lona alugcwali”. Imifula kulomhlaba esiphila kuwona ihlukahlukene. Kukhona emincane bese kuba khona emikhulu. Khona enamagama, khona engenawo amagama. Khona lemifula othi uma uhamba ku freeway ubone ngamabhodi ukuthi usufika emfuleni othize, njengo Tugela River, Umkomaas River kanjalo. Eminye yalemifula itholakala ngisho kwi map yomhlaba, njengo Limpopo River, ngenxa yobukhulu bayo, nokubaluleka kwayo. Bese kuba khona lemifudlana lena yangakini engenagama, ethi meyibizwa kuthiwe “UMFONGOSI” nalena emincane kakhulu ekuthiwa “ISEMHOSHENI”. Lemifula emikhulu iba namabhodi abhalwa kuyona asuke etshela abantu ukuthi abangawulahli udoti khona, ngoba uma kukhona okewabanjwa, uzoboshwa. Uma udlula khona uwuthola ucolekile ngaso sonke isikhathi. Bese kuba khona le emncane othola khona kuntanta oplastiki baka Truworths, Markham, Spitz, nabo Pick n’ Pay. Bese kuba khona le emincane kakhulu ekuthiwa isemhosheni, lapho kulahlwa noma yini khona, futhi akekho okhuza omunye, alikho futhi ibhodi elikutshela ukuthi uzoboshwa uma ulahla khona. Lomfudlana lona uthatheka kancane, ilapho uthola ukuthi indoda uma ixinekile, kukhona omunye umuntu endlini encane, ivele iqonde khona iyozikhulula, ishiye intaba yayo lapho. Uma kufe inja ekhaya, izingane zithunywa ukuba ziyoyilahla emhosheni. Lemifula emikhulu ingayichomela lemifula emincane, ithi awusibheke bheke thina sibakhulu nina eningelutho, futhi sicolekile kodwa nina niyanuka. Lemifula emncane ingaziqhenya iqhenyele imifula emincane eyimihosha ithi kuyona kuntanta oplastiki ababizayo, kodwa emhosheni, kuntanta izikhumba zezinja, namathini angasena label, no plastiki abangenamagama. Kodwa okusalayo, yonke iya olwandle. Uma ungathatha I microphone ubuze lomfula omkhulu ukuthi njengoba uhamba nje ulibhekisephi, uzophendula uthi uya olwandle. Uma uphinde ubuze lona omncane odelelekile ukuthi uyaphi, nawo uzophendula ukuthi uya olwandle. Ungaze uwubuze ngenxa yobuncane bawo ukuthi uyofika nini, kodwa uzokutshela ukuthi awazi, kodwa okusalayo uzofika. Kuyo yonke lemifula, awukho nowodwa obuye uphumule endleleni, uthi ukhathele, uthi eminye imifula ayidlule. Kodwa yonke izimisele ukufika olwandle, noma ngabe ingcole kangakanani. Umlomo wolwandle uhlezi uvulekile, wamukela imifula njalo, ehlukahlukene emikhulu, nemincane. Uma isingena olwandle, yinye into ulwandle oluyenzayo. Lithatha konke ukungcola okufike nemifula, likukhiphele ngaphandle, bese imifula isale icolekile. Legenge ekhonze ukuya olwandle ngalezi nsuku ezinkulu zokubhukuda, awukaze uyizwe ithi ifuna ulwandle lihlukanise ukuze abhukude emfuleni wangakubo, ngoba konke kusuke sekufana. La emhlabeni siphila sifana nemifula. Kukhona o President river, Teacher river, Lawyer river, Doctor river, nabo Pastor river. Bese kuba khona lemifula edelelekile enjengo taxi driver river, garden boy river, domestic worker river, scabha river. Kuye kuthi ngoba nakhu sifundile, kube khona labo esizobabukela phansi. Ngisho ungaba u President wezwe, kube khona amadoda angasalali emakhaya, ngoba e busy egadene nenye indoda, kodwa isiphetho sakho ithuna. Yonke lento onayo oqhenyela ngayo abantu, ngeke ungcwatshwe nayo. Uma usachomela abantu ngemoto, ngiyakudabukela, iyosala ngemuva bayibange, beshaya ngayo isidudla wena ungeke usasho lutho. Lemali ozibona ukuthi ngoba unayo bese ubona abantu abawo zero, bazobe sebenza ngayo ama braai nama party ungasekho wena. Imfundo yakho, nomuzi wakho, nezingubo zakho zentalyani, ngeke uhambe nazo. Khumbula ukuthi “Yonke imifula iya olwandle, kodwa ulwandle lona alugcwali”. Uthanda ungathandi uyakhona, futhi uma sesifile, sonke siya emhlabathini, akubikhona mehluko ukuthi ubufundile noma cha. Uyosala uwedwa ethuneni lakho. Asihloniphane bazalwane. AMAGUGU ALELIZWE AYOSALA EMATHUNENI!!!!! Sanele B. Gumede
Posted on: Sun, 24 Aug 2014 04:26:35 +0000

© 2015