Abakwa Mkhize. EBurundi (central Africa) kukhona indawo ebizwa - TopicsExpress



          

Abakwa Mkhize. EBurundi (central Africa) kukhona indawo ebizwa ngokhuth ise Mumbo, ilapha kwasuka khona abantu abangabe Nguni. Ngeminyaka yabo 1700 basuka belibangise kwelamaShangane (Mozambique). Nalapho bafike bangazinze, behla njalo begudle ugu lolwandle empumalanga yeNingizimu Africa, ngenxa yokuth babethenda kukhulu imfuyo yabo babefuna indawo enamazolo khona izinkomo zabo zizodla khona. Basuka ngasogwini basondela izintaben zaseTalagubhe. Nalapho abahlelanga kahlulu, bafudukela kulendawo esibizwa ngokuth kuseMbo namhlanje, ingabo kwafika zbant ababeqhamuka eMumbo (Burindu) behamba namakhosi abo. Ilaphoke kwaphuma khona izizwe ZabeNguni esibala kuzo uDlamin, Shabalala, Mkhize, amaSwaz, Ngwani nabanye, kuze kube sengath abant bakwa Mkhize kuphela abaphume eMbo, ingoba ngesikhath senkosi uShaka, uZihlandlo indodana kaMavovo yakhetha ukuzicelela uxolo wakhonza ngaphansi kombuso kaShaka. Zonke lezi ezinye izizwe zabalekela eSwazin, wasala nabant bakhe uZihlandlo kaMavovo eMbo.
Posted on: Mon, 18 Aug 2014 17:31:25 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015