Ake ngikusize mhlobo wami; khohlwa yinhlebo! Inhlebo ilimaza - TopicsExpress



          

Ake ngikusize mhlobo wami; khohlwa yinhlebo! Inhlebo ilimaza abantu abathathu; ohlebayo, ohletshelwayo no hletshwayo. Ngenkathi uhleba uzibizela ukuhletshwa kwawena. Yazi okwenza kwabanye kuyeza nakuwe kuphindiwe! UJehova uyabona. ... Uma uhletshelwa nqaba! Uma uhletshelwa ngomuntu uvumela ingozi yokuthi ungagcina usune attitude nalomuntu ohletshwayo. Uma usune attitude ngeke usakwazi ukwamukela izinto zakho ezibekwe kuyena. Udinga ukuba nenhliziyo evulekile towards lowomuntu ukuze ukwazi ukuthola izinto zakho ezikuyena. Uzoba nenkinga yokuhletshelwa ngomuntu kanti I breakthrough yakho ilele kuyena bese uyalimala. Kukhona izinto zakho ezingalungi ngoba ulalele Inhlebo! Wena ohletshwayo yini inkinga? Inkinga yokuhletshwa iqala uma ngabe nawe unesazela sento engahlebeka ngawe. Kuba nenkinga uma uzazi ukuthi awuphelele kukhona okushodayo kuwe uma kuke kwathiwa uhletshiwe kunovalo lokuthi basho leziyazinto ozaziyo. Into ezokusiza ukufunda ukuzazi ukuthi uphelele! Ake ngikusize; udalwe uJehova ongalenzi iphutha. Wena uphelele futhi uperfect for icebo likaNkulunkulu ngawe. Ungavumi ukukholwa amanga athi awuphelele ngoba naku ungafikile emaqophelweni abekwe ngabanye abantu. Uzalwe ngoba ufikile eqophelweni elibekwe nguJehova! Phila mhlobo wami! Inhlebo ayinamsebenzi! Zithande wazi uJehova unenhloso ngawe. God bless you!
Posted on: Thu, 24 Jul 2014 08:07:58 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015