BAMBELELA OMUNYE UMZUZWANA MTAKABABA!!!! KUBALULEKILE UKUHAMBA - TopicsExpress



          

BAMBELELA OMUNYE UMZUZWANA MTAKABABA!!!! KUBALULEKILE UKUHAMBA NABANTU ABAHAMBA INDLELA EFANA NEYAKHO!!!! Uthi u Gabriel ingelosi ku Zakariya, isikhathi esifanayo ngonyaka ozayo, uElizabeth uzobe ephethe ingane ezandleni zakhe. Kuthiwa uZakariya waba nokungabaza wathi izokwenzeka kanjani into enjalo. UGabriel wamuvala umlomo ngoba ebona ukuthi lomuntu yize ekuloluhambo, kodwa akasiye owohambo luka Elizabeth. Uma uElizabeth ezwa lezizindaba kuthiwa wacula iculo elisha elingakaze laba khona nangelinye ilanga, ngenxa yokuthi uyaluqonda uhambo akulona. Umuntu ongesiye wohambo lwakho uzofika nokungabaza kuloluhambo. Athi ngeke ube nemoto, ngeke ushade, ngeke ube nomuzi. Usho kanjena nje ngoba ebona into oyiyona namhlanje. Into angayiqondi ukuthi uma sithatha uhambo, kubukeka sengazathi umi ndawonye wena izihlahla ezihambayo, kanti lutho, uya phambili. Ohambweni udinga abantu abazothi konke kuyenzeka uma sikholwa kuJesu. Ungabona engathi impilo imi ndawonye kanti cha, uyahamba. Ufana nomuntu ongena kwi lift ibe ikwi ground floor efuna ukuya esicongweni sebhilidi. Uma engena ngaphakathi akaphatheki kabi, futhi akakhathazeki ukuthi umi ndawonye. Kunye nje akwenzayo yena. Ucindezela i button eline number yalapho eya khona abese eyalinda. Kungekudala ngenxa yokulinda kwakhe endaweni eyodwa isikhathi eside enganyakazi, uzozithola esefikile esicongweni. Impilo yekholwa nayo injalo mtakababa. Ukukhuleka kufana nokucindezela i button lalapho ufuna ukuya khona bese uyalinda, ugoqe izandla, ubuke uJehova ekuyisa kwelinye izinga. Ungathi uhamba nabantu, kanti bakukhaphile bazojika endleleni, noma kube uwena okhaphe bona. Uma uJehova esekubusisa, kubuya ngisho ama Ex ezofuna nibuyelane, abakuxoshile emsebenzini, babuye bezofuna ukusebenza nawe. Baqale ababekushiya unethwa imvula kodwa imoto ingagcwele bazoboleka eyodwa kulezi zakho ezikelile egcekeni, ulala ulambile, bethi angeke bakwazi ukukuphakela ukudla akukho, kodwa ama fridge namakhabethe egcwele, kodwa bazobuya bezofuna isigaqa sika anyanisi la kuwe. Sikhonza uNkulunkulu wesimanga. Ungabalahli abantu ngoba ubona engazathi izimpilo zabo zimile, ngoba kuyosa ngokunye. Awuyazi imithandayo yabo abayikhulekayo phakathi kwamabili bekhihla isililo, bebiza izinto zabo kuSomandla. Kufana nomama okhulelwe. Isisu awusiboni sinwebeka sikhula kodwa noma kunjalo siyakhula sona. Impilo yakho ungabona engazathi imile kanti iyahamba mtakababa. Uma sekuyisikhathi se breakthrough, uyozwakala ucula iculo elisha. Babodwa abayothi uyahlanya, bakuthuke, bakubize ngamagama onke. Lalela mtakababa, uma uthi unemoto ungakakabi nayo, uthi ushadile ungakashadi, uthi unomuzi ungakobi nawo, uthi uyasebenza kodwa usafesa, awuve uqamba amanga. Ungahambi ngokuthi abantu bazothini. Hamba ngokuthi lithini izwi lika Somandla, Sibiza izinto ezingekho njengezinto ezikhona. Kungekudala bazobona ukuthi ubusangana nje kodwa izinto zakho zilungile. Uma uJehova esethe YEBO, ngisho nesihogo siyathuthumela, amadimoni awe ngomhlane.Lalela mtakababa, uma isihogo singakwazi ukuvimba, nosathane angeke akuvimbe. Uma usathane engakwazi ukukuvimba, namadimoni angeke akwazi ukukuvimba. Uma amadimoni engakwazi ukukuvimba, nama Satanists nama devil worshipers angeke akwazi ukukuvimba, ngoba mukhulu ongakithi kunaloyo osezweni #Asipheli_Moya_Mtakababa. Vuseleleka Njalo No Ps Sanele B. Gumede
Posted on: Mon, 07 Jul 2014 05:04:14 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015