Copy From Vuthelani Icilongo 156. "Omni-Present" Sekuvamile - TopicsExpress



          

Copy From Vuthelani Icilongo 156. "Omni-Present" Sekuvamile ukuthi abantu belisebenzise leligama. UMfundisi uChiliza uyena owake walisebenzisa ngesikhathi echaza uShembe. Kodwa akanabanga kahle. Lijulile kodwa alinakekile leli gama... Ake silichaze kafushane... Umuntu okuthiwa u"Omni-present" akaze abekhona ngisho kwi-bible. "Omni-present" usho umuntu othi elana, ebe elaphaya ngesikhathi esisodwa bemubone yonke indawo. (Example) AbeseGoli, eCape Town, kwaZulu, Mozambique, Swaziland nasemhlabeni wonke. Bonke abantu bethi "Impela ubekhona izolo ntambama simubonile uShembe!". Uxakeke ukuthi ubese efike nini kulezi zindawo ngoba besihleli naye nje eMzimkhulu? Ngisho umoya (Air) ukhona yonke indawo kodwa awukho "Omni-present" ngoba kukhona lapho ungekho khona ezindaweni ezibizwa nge "Vaccum" izindawo ezingenawo nhlobo umoya. Ngisho ilanga "Sun" alikho "omni-present" ngoba kukhona lapho bengalitholi khona. UShembe uyena kuphela othi esindisa wena engozini yemoto eEastern Cape, ebe esindisa loya bemudubula eMsinga, ebe esukumisa isishosha eBuhleni, ebe ekhulumisa isimungulu eLinda kwaNongoma, ekwenze KONKE lokhu ngesikhathi esisodwa ebonwa ngamehlo. Bethi abantu simubonile ufike egqoke kanje! Bethi eNazaretha eMzimkhulu "Thina uShembe sihleli naye, akakaze aye ndawo". Kuze kuthiwa Shembe is "Omni-present" ngalokho-ke. Okuchaza ukuthi uShembe UKHONA ezindaweni zonke, emhlabeni wonke, kubantu bonke nangezikhathi zonke. INkosi uM.G Buthelezi yamushiya eKuphakameni uShembe, yamufica eUnited States of America, yaxakeka ukuthi kanjani? Kanti izomutshela ukuthi ucushelwe iBomb uzobulawa, akaqaphele. Kodwa manje abaseKuphakameni bathi uShembe bebelokhu behleli naye, akakaze athathe ibhanoyi eliya Overseas. Hhayi, sale sewuvuma nawe! UShembe unguNkulunkulu ocashe ngomzimba womuntu. Uma umbheka ngamehlo enyama ungathi umuntu kanti LUTHO. Angithi kunjalo MaNazaretha?
Posted on: Wed, 04 Sep 2013 14:24:00 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015