Dear ntombazane enhle Imina u Dr Pitso L ONGAHLELEKILE Lona - TopicsExpress



          

Dear ntombazane enhle Imina u Dr Pitso L ONGAHLELEKILE Lona owakubamba ngesandla phakathi nomgwaqo Irobhothi livulekile wacela I kheli lakho Ilona leli engikubhalele kulo, Ungixolele ngokuxikiza ingoba ngiwudokotela ongahlelekile, ipeni lami belibuye lingabhali Ngizame khona la encwadini ukulibhalisa Ungawunaki lo CURRY oconsele encwadini Ngesikhathi ngibhala bengidla Bengidla ngesokunxele ngibhale ngesokudla Ungabe usuhalela lo curry bese ufuna Ukudla lencwadi uyishebe nophuthu Ngyaxolisa uma ihlayalami libheda Bengizama ukukdlalisa khona uzongthanda Ngyaxolisa mangikucasulile ngibe ngisakshela Ngyaxolisa ngokungay posti bengenawo U R2.00 we stembu, ngase ngikhetha ukuyiletha Ngiyishiye kumawakho, ne envelope angikwazanga ukuyithenga. Ngixolise ngokuyibhala ndawo zombili Ngisho ngingayigoqa iyabonakala Kodwa umawakho ngeke akwazi ukuyifunda Ngoba ngibhala kabi, lilodwa igama elibonakalayo Elithi NGYAKUTHANDA kodwa nalo ngilixikizile Angeke umawakho akuthethisele into exikiziwe Uma kukhona ongakuboni ngizokufundela masibonana Nawe bese ungbhalela impendulo Nayi nenombolo yakho yocingo ngikubhalele yona Ngoba vele angifoni, ithathe, ngizokubona masibonana Usale kahle, imina ozithobayo u: Dr_Pitso
Posted on: Sat, 23 Aug 2014 04:12:37 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015