Dirty Boss,Dirty Money,Dirty Life! Chapter 1 Ngiqedile manje - TopicsExpress



          

Dirty Boss,Dirty Money,Dirty Life! Chapter 1 Ngiqedile manje izifundo zami Zobunjiniyela,sengithandazela ukthola umsebenzi ungakapheli lo nyaka ukuze ngikwazi ukuxosha ikati eziko nami ngikwazi ukujabulisa othandiweyo wami nomndeni wami...khona sengibekezelile uma ngibuka ontanga yami kade basiqeda isikole baze basebenza mina ngisashukwa ilezifundo zami..angilungise iCV yami ngizwile kthiwa kuyaqashwa kwa Loliwe kumele ngivukele khona!! Ngivukile impela ,Ngifike nge Hora lesikhombisa emahhovisi akukavulwa,ooh Nanku nombhalo uyasho ukuthi kuvulwa ngehora lesishagalolunye...baningi abantu abafuna umsebenzi lapha Ama CV ama ningi kangaka...Bayamukela iCV base besho ukuthi bazongishayela ucingo noma bangisendele umqhafazo ukuba ngizokwenza inhlolo Msebenzi (interview) uma amaphepha abawadingayo nginawo.. Ngahlalela ethembeni lokuthi ngizofonelwa kodwa Lutho ucingo ukungena..Kwaphela inyanga sengikhohliwe ukuthi ngizowuthola lomsebenzi..kwathi ngizihlalele nje kwangena umqhafazo ophuma khona KwaLoliwe ,Ngiwufunde Sisitholile isicelo sakho Somsebenzi,Fika ngomsombuluko ngo 8 uphathe Imali ye Drink engango R1000 ucele uMr Msomi Ngaxakeka ukuthi inhloboni le Drink ebiza kangaka,kodwa ngabuza kubangani bami bangichazela ukuthi imali yokugwaza..ngayizama lemali ngayithola nganikela Khona ngamcela uMr Msomi,Akazange afune ukuyithatha le Mali ehhovisi lakhe kodwa Wacela ukuthi ngimnike ngezikhathi zetiye ngoba ehhovisi lakhe kho amakhamela.. Ngenza njengoba ecelile ngamnikela emnyango wase ethi sengiqashiwe ksasa angibuye ngizolanda umfaniswano Wo Msebenzi..ngavalelisa kuyena ngacela indlela inhliziyo yam ikhala ngalo R1000 awuthathile kodwa ngazitshela ukuthi vele njengoba sengiqashiwe lemali sengizoyiphindaphinda kaningi.. Ngaqala uksebenza ngagcina sengijwayele nami Kwa Loliwe,ngathola abangani khona ngaphakathi bexoxa indlela abangena ngayo kulenkampani ukuthi bagwaza ngemali abanye balala naye uMsomi lo oqashayo..uma umbuka uMsomi ungambuka umthembe ukuthi uyindoda elungile kanti Lutho uphilela nje ukudla igazi labanye abantu ngokubagwazisa emsebenzini.. Waqhubeka nakho ukuwenza lomsebenzi wakhe ukugwazisa abantu uMsomi egwazisa abantu ngemali elala nezingane zabantu singazi noma uyalisebenzisa yini ijazi lomkhwenyana uma elala nazo ngoba kungenzeka alifakwa ngoba izingane zabantu zisuke sixakekile zifuna umsebenzi zivuma yonke into ayisho lo Msomi ndini.. Zaqhubeka izinsuku amaphela amasonto nezinyanga waphela unyaka,sathola amabhonasi ngo Disemba saya emakhaya siyophumula..Ekhaya ngenza konke ngabajabulisa nangemali izipho kwazise ngase ngihola imali ethe ukuthi xaxa kancane ,sengicaphuna kusale ngoba kuhlangene ne Bhonasi.. Wafika uJanuary sabuyela emsebenzini,umsebenzi wami ngiwenza kahle impela abelungu bancoma abaqedi bathi ngisebenza ngokukhulu ukuzimisela ngyawuthanda nomsebenzi wami.. Okwakusithusa nje ukubona uMsomi encipha kancane eGazini singazi udliwa yini,Nabelungu bembona ukuthi akaphilile baze bamcela ukuthi akaye kophumula ekhaya azilaphe kodwa wanqaba ngoba ebona ukuthi uma egoduka le Mali agwazisa ngayo abantu isizodliwa abanye abantu.. Ukugula kwa Msomi Kwasiphatha kabi sonke emsebenzini ngoba phela Sazi kahle ukuthi amantombazane amaningi ulalile nawo la emsebenzini nawo aseqala ukwethuka indlela uMsomi asenciphe ngayo..umkhaba ayenawo usushone phakathi usegqunqile nasebusweni usubona ngamazinyo nje ngaphandle ukuthi umuntu lo.. Abelungu bagcina becelile ukuthi angibambe isikhundla sakhe uMsomi ngoba base bebona ukuthi impilo isimfishane kuyena,,,Ngasamukela ngezandla zombili lesi sikhundla sokuphatha emsebenzini ngaqhubeka nokuba intandokazi emsebenzi ngibahlonipha futhi nabantu kwazise imisebenzi emibi ka Msomi angizange ngiqhubeke nayo.. Akuphelanga Masonto amangaki ngiqalile ukuba induna no Msomi ese Sbhedlela ,Ngase ngiqala ngithola izinsongo kubangani bakhe ukuthi ngizenza ngcono kubelungu...abantu banomona abafuni ukubona omunye umuntu enza kahle ephumelela futhi,angizange ngibanake.. Ulwesihlanu emini bebade sonke sijabule emsebenzini ukuthi siya kwi Mpelasonto sekuzoshaya ne hora lesithathu sigoduke siye emakhaya siyoze siyibone ngomsombuluko eyomsebenzi...Kwakhala ucingo ehhovisi lami engazama ukuluziba kodwa lwaqhubeka lolukhu lukhalile ngaze ngaluphakamisa .. Hellow Transnet Port Terminals how can I help you? Ngiphendula ucingo Hello imina Umama Msomi Me : awu yebo Mama Msomi ninjani kodwa? Usenjani ubaba ngiphuthume.. MaMsomi : Ngifona ngalo udaba Lwakhe,usedlulile emhlabeni echiphiza ocingweni Chapter 2 coming soon!
Posted on: Fri, 08 Aug 2014 12:01:16 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015