EMBO-KINGDOM AMAKHOSI ASEMBO NGOKWEZINDLU - TopicsExpress



          

EMBO-KINGDOM AMAKHOSI ASEMBO NGOKWEZINDLU ZIKAMAVOVO Kunezindlu eziyishumi nantathu zamakhosi ASembo. 1.Eyokuqala indlu yase Mshazi lendlu itholakala endaweni eyaziwa ngokuthi kuse Bothas hill,eMshazi. Izalwa uNomhlanga kaGubhela kaSibiside. UGubhela lona wabe engesiyo iNkosi, kodwa wabe engumntwana weNkosi, futhi engumfowabo weNkosi uMavovo. UMavovo wathatha abantu ebahola ebayisa ezintabeni zoBombo, wabuye wabathatha wabayisa ezweni lase Nkandla,nokuyilapho efika wakhothama khona. Kungenzeka kanjani ukuba uGubhela abe nguyise kaMavovo njengoba abanye besho, kanti uGubhela wakhothama lapha eNkandla, okusho ukuthi uma sithi uMavovo ngokaGubhela kuyobe kuchaza ukuthi akusiye uMavovo owayehola abantu baseMbo ezindaweni ezikhizayo, beze bebizwa ngokuthi abakwaMkhize. Kuthe ekukhothameni kukaMavovo, UGubhela wabamba izintambo zobukhosi, ebambela uKhabazela owayengakakhulu ngokwanele ukuthi usengaphatha izwe,okwathi lapho esekulungela ukubusa uKhabazela wabuthatha ubukhosi bakhe. UGubhela wazalelwa endaweni eyaziwa ngokuthi kuse Piet Retief.Waze wakhothama aBambo sebazinza endaweni yaseNkandla nokuyilapho khona ekutholakala idlinza lakhe.Lendlu ibuswa inkosi uZwelithini kaVusumuzi kaHlehla kaGwadu kaPhoshane kaBhungane kaManjana kaNomhlanga kaGubhela kaSibiside. 2.Indlunkulu yesibili ingeyase Mgeni (Empunga).Mhla uDingane echitha izwe, indlu kaMagabha kaMbangi kaMavovo yayihleli le endaweni yeseNkandla, kwathi ngokuba kukhothame inkosi uZihlandlo,bahlangana bathi akuhanjwe kuyiwe lapho aBaMbo bebheke ngakhona. Kukhona umfowabo uBacwali owayesebalekile kusabusa uShaka, walibangisa ezansi nezwe phesheya koMkhomazi endaweni ekuthiwa kuseShluthankungu,eJolivet.nebala bahamba,kodwa bona abaphumanga ngendlela eyahamba AboMbo abaningi, kwathi bona bagudla ulwandle, badabula bayowela uMngeni, bathi ukuhlala isikhashana endaweni eyaziwa ngokuthi Isethusini, laphokwakhe khona iNyuvesi yakwa ZuluNatal. Babuye baqhubeka, baze bayofika esiHluthankungu. Bafika kuBacwali, wabamukela, wayesekhonza eNkosaneni yasendlini yakwabo. Uzalo luka Magabha kaMavovo lutholakala eMzinto kuya eXobho. Sekwahamba kwaba khona amakhosi amabili aphuma kuleNdlu ekaNontshelwa kaMagabha nendlu kaThole kaMagabha.LeNdlu njengamanje itholakala kwelase Jolivet, yakhelwe izigodi ezintathu, uMfulomubi, Gudlucingo kanye nasaseKenterton enamba 2.kubusa UFana oyibamba emva kokukhothama kukaLinda kaXhawulengweni kaMekseni kaBangizwe kaMaBhunu kaNjana kaMthimkhulu kaNontshelwa kaMagabha kaMbangi kaMavovo. 3.Indlunkulu yesithathu yase Hlokozi Kwathi ngokwanda komuzi kaMagabha, kwase kwaphuma indlu yasekhohlo, ezalwa uThole kaMagabha. Kuthe lapho befika bevela kwaZulu,bafika ezintabeni zaseHluthankungu, babe sebesabalala nezwe belithatha kusuka eMzinto, baze bayovala ngeXobho, bethiywa imingcele yakwa Dlamini, endlini yaseNhlangwini. Indlu kaThole yakha ngasezansi, kwathi eNotshelwa yakhe ngasenhla. Njengamanje lendlu yakhelwe yizigodi eziyisithupha Intapha, Gudlucingo, Nhlosana, Nkawini, Goxe kanye nase Mahlubini.Ubukhosi busingethwe undlunkulu wenkosi uFelize (owakhothama)kaMathane kaMkopoli kaTomasi kaDabulamanzi kaMahawule kaNocanca kaThole kaMagabha. 4.Indlunkulu yesine okungeyaseMtshezi, indlunkulu yesine okungeyase Mtshezi okuyindlu kaNalana kaDlephu kaMadunjini kaGoba kaKhabazela itholakala kukwaHlathikhulu eMtshezi. Ubukhosi baqala ngoNalana, owalekelela ekwakhiweni kuka Jantshi obheke eGoli , ube esebongwa ngokuba anikwe izwe azolibusa elinikwa ngabelungu, indawo yakhona yayaziwa ngokuthi kukwaMkhize.kubusa inkosi uSibonelo kaMduduzi kaDecember kaMkhubela kaNalana kaDlephu kaMadunjini kaGoba kaKhabazela kaMavovo.Kunezikole kwaMkhize Primary school nenkantolo yesizwe sabaMbo (AbaMbo court) 5.INdlunkulu yesihlanu eseMkhomazi okungeyase Mbuthweni indlunkulu yesihlanu leyo kuthiwa nguMngenela,lowo owabe ubuswa nguSambela kaGcwabe,futhi kuyigama lomuzi wakhe.USambela wazakhela lobu bukhosi ngobuqhawe ayenabo,nokuthanda impi. Kuthiwa abanye babethi kufanelwe abulawe, kodwa uBhambhatha kaShabase kaKhabazela wamkhuza uZihlandlo ethi angalokothi ambulale, ngoba lokho kuyodala ukuba uzalo lulwe naye. Namuhla lendlu ungayithola endaweni enentaba eyaziwa ngokuthi iNhlazuka, yakhelwe yilezi godi ezilandelayo, Mbuthisweni, Shiyampahla, Mpofana, Kwenzokuhle, Zamokuhle, Osuthu kanyenaseMalizayo.Kubusa inkosi uMoyeni kaMhlabunzima kaMqolombeni kaNgangezwe ka-Sambela kaGcwabe. 6.Indlunkulu yesithupha okungeyaseButateni Lendlu iyindlu yesibili emadodaneni kaSambela kaGcwabe,futhi ebalulekile emlandweni wabaMbo, yileyo evela kuMsengi kaSambela. Lendlu eMbo yayaziwa ngokuthi indlu yaseButateni.uMsengi kaSambela wakhe endaweni eyaziwa ngokuthi kuseSangcwaba,ngoba imise okwengcwaba,nalapho kutholakala khona izizukulwane zikaMpongo kaZingelwayo wakwaNdlovu nabo njengoba babekhonze EMBO abasala eNkandla.Igama lendlu yakhe laziwa ngokuthi ngeyaseButateni.Kubusa Inkosi uFakazi kaZamindlela kaSomhlola kaJamengweni kaMunyu kaMsengi kaSambela kaGcwabe. 7.INdlunkulu yesikhombisa okungeyase Mxhakeni lendlu itholakala eHorwick ngaseMpophomeni.Basala mhla kufikwa kuvelwa kwelaseNkandla.EMvelweni UMbuzane kaGcwabe wazala uMzingani noBhodiyana okunguye owaba inkosi ngoba inkosana uMzingani waphinda emuva eNkandla leNdlunku kaMzingani ungayithola eQhudeni kuMadlozi kwesakwaDlomo babuyela eNkandla ngemuva kwezinxabano wabushiya uBukhosi bakhe.Babe sebuqhubeka noBhodiya owazala uIsaka, yena wazala uNyawana, yena wazala uVusumuzi, ozale INkosi uMakhosonke obusayo njengamanje. 8.Indlunkulu yesishagalombili okungeyase Snathingi okuyindlu yaseMkhambathawini okuyindlu kaMlandu kaGcwabe.Lendlu ibiyakhe kusuka eMkhambathawini kuya eMgungundlovu.Kwathi abaMbo befika lapha kwelaseNatali,bafika bazinza eMkhambathawini, nokuyilapho banaba khona. Ngalesi sikhathi babengenankosi, indlalifa nabantwana bakaZihlandlo bebulawe nguDingane. AbaMbo bafuna ukubeka uMlandu kaGwabe esihlalweni sobukhosi, khona ezovusa indlu yakwabo. UMlandu wathi akumiwe ukubekwa kwenkosi, kukekulindwe ukuthi akuzubuye yini kuqhamuke omunye wabantwana bakaZihlandlo osinde ngandlela thize. Nebala balinda, kuthe kungazelele kwafika abantu abashoyo ukuthi likhona izinyane lesilo elisindile ezembeli likaDingane. Walandwa uSingele lapho ayethukuswe khona. Kuthe lapho uSingela edlula nabantu bakhe, wasala uMlandu nabaMbo abasebezimisele ukuzinza kuleya ndawo. Okuthi ngokuhamba kwesikhathi lendawo yandliwa amapulazi, basuswa abaMbo,basakazeka nezwe. Njengamanje abanalo izwe okungelabo, elabo ladliwa amapulazi.kubusa inkosi uThembabambo kaMqamula kaMawoyiza kaMlandu kaGcwabe. 9.INdlunkulu yesishagalolunye okungeyakwaMaphumulo Lendlu izalwa nguMgidi kaZihlandlo. Kuthiwa ngesikhathi abaMbo besuka eNkandla ngenxa yezidumo zikaDingane, kuthiwa impi yakwaZulu yabulala bonke abantwana bakaZihlandlo, nabasindayo basinda ngokuzibalekela. Kuthiwa uMgidi wahamba wayohlala koninalume, kulapho wafike wacasha khona. UMgidi wasale esakha khona umuzi wakhe khona le endaweni yangasemfuleni iHlimbithwa, wamisa ubukhosi bakhe, khonakwaMaphumulo. Njengamanje lendlu ibuswa uKhandalengwenya kaBhekamambo (osakhothama)kaMnyinywa kaMajulumba kaNyakana kaMgidi kaZihlandlo kaGcwabe 10.INdlunkulu yeshumi okuyindlu yaseMfeni okuyindlukaSingele Lapho abaMbo sebefikile eMgwahumbe, babeka uSingela ukuba abe inkosi yabaMbo. Umuzi wakhe wokuqala wawuqamba ngokuthi kuseMfeni. Inkosana yalomuzi kwabe kunguMlulama. Okwathi lapho kukhothama uSingela kwaba khona ukubanga phakathi kukaNgunezi beno Mlulama babengabangi bona ubukhosi, kodwa uNgunezi wayefuna ukudla zonke izinkomo, nezabezingezinye izindlu. izigodi ezibuswa indlu yas’Emfeni kuse. iMophela,Sankonkontshe, Georgedale,eMalangeni.eNtshongweni, Kwandeni, KwaToni(Clifton Heights),eMakholweni(eMbumbulu) kanye naseNsuka (Hopewell).kubusa inkosi uThami kaMboyi kaMguqula kaMlulama kaSiyingele kaZihlandlo kaGcwabe 11.INdlunkulu yeshumi nanye eyobukhosi boHlanga lwasembo yaseSimahleni nokuyisigodlo seNkosinkulu uNdabezitha uKusakusa.USiyingele wavuselela ISiGodlo sikaYise uZihlandlo kaGcwabe okwabe kuthiwa ISIMAHLA,INKOSI YOHLANGA uSIYINGELE wakha ISimahleni phezu kwentaba iNgilanyoni neyaphathwa uNgunezi kaSiyingele nowayesezovusa isigodlo sikaNdabezithi inkosana kaZihlandlo kaGcwabe.UNgunezi wazala uTilongo noSkhukhukhu.UTilongo wabamba elikhulu iqhaza emzabalazweni kakhandapondwe benoBhambatha kaMancinza Zondi namanye amakhosi Njengo Sgananda kaZokufa Shezi ngo1906.Wagcina eboshiwe wasiwa ejele elisesiqhing eSt-Hellena ,wabuye waphuma.Ubukhosana baBambo busesigodlweni ESIMAHLENIKubusa iNKOSI yoHlanga uKusakusa kaZwelinjani ka-Nkasa ka-Tilongo kaNgunezi ka- Siyingele kaZihlandla ka-Gcwabe kaKhabazela kaMavovo kaSibiside kaSidweba kaNdlozela kaLanga kaNkosi kaZalamkomo.Kunenkantolo yesizwe sabaMbo EMbo okuthiwa ISIMAHLA Tribary Authority 12.Indlunkulu yeshuminambili eyaseNsikakazi ekaSkhukhukhu kaNgunezi kaSiyingele kaZihlandlo kaGcwabe.Waboshwa naye nomfowabo belwela ukhanda pondo bagwetshwa iminyaka eyishumi wakhululwa ngonyaka ka1910.Kubusa inkosi uLangalasembo kaMzwamandla kaThimuni kaSkhukhukhu kaNgunezi kaSiyingele kaZihlandlo kaGcwabe.KunesiBhedlela esikhulu endaweni yeNkosi okuthiwa (EMBO-Hospital) 13.Indlunkulu yeshuminantathu,indlu yaseMzimkhulu kaLudonga kaMashukumbela kaGcwabe.Phela uMashukumbela wayeyisithunywa seNkosi YoHlanga uZihlandlo kaGcwabe beno Shaka kaSenzangakhona wayedlulisa imilayezo nezipho nemikhonzo yalamakhosi njengoba ayethanda futhi engabangani akukho okwakwenziwa omunye engatshelanga omunye babebizana ngoMnewethu umfowabo sisho uShaka noZihlandlo akaze balwe isidalo emlandweni babeligazi lokwakhiwa uMashukumbela wabulawa uZihlandlo ngoba esemxabanisa noMhlobo wakhe uShaka wafihla izinkomo ezilikhulu ezaziphuma kwaBulawayo kuShaka zize eMbo kuZihlandlo zizobonga izipho nemvunulo yeLembe elabe lisikelwe EMBO ladinwa ILembe ngalesisenzo sokubulawa kukaMashukumbela kanti noZihlandlo wayezivikela ngoba wayezofa kuqala esefuna ukukhonzwa uMashuku ngoba ejwayele ukubona izimfihlo zalemibuso ethi uZogudluza umfowabo uZihlandlo kanti uhambe kabi ngalolosuku.AbakaMashukumbela kaGcwabe Basuka ngaphesheya koThukela noLudonga kaMashukumbela bayohlala buduze nendawo yase Richmond babuye basuka lapho namaMishinali amasheshi,bahamba nomlungu uArchdecon Button.Waba namakhosikazi amaningi uLudonga.Kubusa inkosi uSiyabonga kaJerico kaMseze kaThomas kaLudonga kaMashuku kaGcwabe kaKhabazela kaMavovo kaSibiside. INdlukulu kaShange kaSibiside AbaMbo beNgonyama uMdladla(Sibiside)Mkhize USibiside uthe esakuzbona uba ukhulile wathi kuShange (unyana wendlu enkulu) noMavovo (unyana wendlu yangasekunene) mabakhuphisane ngobukhosi. Wahlaba inkomo uSibiside wathi mabakhethe, nankoo uShange ekhetha umlenze waze umavovo wakhetha insonyama. Insonyama yabe isaziwa njengeyona ndawo ifumbethe amandla enkomeni. Wabe wohluliwe ke uShange wakhalala wathi olo khuphiswano belungafanele. Wathatha konke okwakhe waya kuzakhela esakhe isizwe endaweni yaseNkanini eShowe, wasibiza ngokuba ngamaShange...... Wafika apho wazala uDumakude, owazala uMdima, wazala uYamela,wazala uMgoma, wazala uSinxi, wazala INkosi uKwazikwakhe yazala INkosi u-T.V Shange ophethe ezindaweni ezintathu iVuma, eNkanini naseMamba. IZITHAKAZELO ZAKWASHANGE Dumakude,Mdima, Sbhodla bakhothe umlomo abafokazane, Mfaz omabele made,Oncelis ingane ngaphesheya komfula, Wena ogeza ngensipho kapondo, Mathanga abushelelezi angenamangqwayimane, Phangandawo, Nojama, Owaduma ngomlenze abanye ngensonyama. Ubukhosi bakwaShange buqale ngoYamela nguyena oqale ukubusa eShowe.Izigodi ezibuswa ilendlu kaShange eShowe INkanini,iVuma kanye neMaMba. USIBISIDE wazala AMAKHOSI neZiNgonyama ake sibheke abantwana bakhe neziNdlunkulu: 1.UMAVOVO MKHIZE 2.GUBHELA MKHIZE 3.USHANGE(Dumakude) 4.NGCONGO(AmaPhambuka) 5.Hlengwa(Amahlengwa) 6.NOMAFU(uNgubane ooMbomvu eKZN namaBomvana eEC.)NoNGWANE KZN. 7.NJANYA ozale: 1.UMPONDO(AMAMPONDO 2.MPONDOMISE 3.UXESIBE(imfusi) 4.UNYAMBOSE(OoMthethwa)KZN nabanye.abaseMbo bonke bangaBaMbo. Namuhla sizotomula sixoxe NgeNdlunkulu yeNgonyama uMPONDO owabe eliwele neNgonyama uMPONDOMISE abayizizwe eziNkulu eKOLONI!. uSibiside ngenkathi engaphesheya komfula iZambesi wayevele esenabantwana abaningi kepha akesibuke ukuzalana kweNdlu kaMpondo nowahamba noXesibe umfowabo ngoba bengasazwene newele ngoba uMpondomise waqaba ukumnika isikhumba seNgonyama bahamba behlela eDedisa bakha baze bayoma ngoMzimvubu.Ithuna/IDlinza likaMpondo likhona lapho eDedisa akhothamela khona emva kokugula isikhathi eside,uMpondomise wadlula wayoma eMatatiele kudanyana noMzimvubu babuye balandela abakwabo eNdlunkulu kaMavovo baze bafika eNkandla kwaChwezi eMhlathuze bahlala lapho kwaze kwathi ngesikhathi indlu yaMaMPONDOMISE ibuswa uMALANGANA kaNjanya 2 kaSkhomo kaNdunu kaMPONDOMISE bawela uMzimkhulu babuyela emumva eKoloni.INdlunkulu kaMpondo yona izalana kanje. Sibiside Mkhize Njanya UMPONDO Suhula Mkhodwana Sikude UZiqelekazi UMhlamandane UTobe USiza UNcindise UCabe UNgangata UBala UFAKO Mqikela UPOTO Ulibo lweNdlunkulu kaMPondomise lumi kanje USibiside Mkhize Njanya MPoNdomise Ndunu Skhomo Njanya 2 MALANGANA NTOSE NGcwina Cirha Sabe Mhle Qengeba MAJOLA Ngwanya PHAHLO MAMANI(Indlovukazi) Sontlo MGcwambe MATIWANE MHlontlo. INdlunkulu kaXesibe imfusi yona izalana kanje: USibiside Mkhize UNjanya UXesibe Ntozabantu no Mganu UNzuza no Nxele UMiyana UBhimbi UNondzaba UKhandanyana no Hlabe UMnune no Bhathane UBhelesi.> uQwathi uMtshutshumbe(abayisizwe)eThembuland samaQwathi Umbuso waseMbo mukhulu ngendlela eyisimanga amakhosi maningi ngendlela eyisimanga.BaMbo bakaSibiside esimaphandla esaphandla abeNguni bavungama!uSibiside esiMjembelezana! Nibe nosuku olumnandi sophinde sihlangane ngokuzayo sibheke izindlu zaBaMbo baseMbo-EMBo.ngiyabonga History by **Mncedisi kaMavovo**»»live EMBO Kingdom ESIMAHLENIeMbumbulu
Posted on: Sun, 14 Sep 2014 04:50:25 +0000

Trending Topics



Se pare ca 9% din genomul
He said it best! If I had said this as a white girl (who is not
"... the more degradation to our Earth, the more money there is to
MA 2013. AUGUSZTUS 7. SZERDA, IBOLYA NAPJA VAN. SZERETETTEL
HOW TO GENERATE LEADS FAST ON FACEBOOK FROM ANY COMPANY OR

© 2015