EVENING PRAYER. Nkulunkulu ka Jobe , Nkulunkulu wabantwana - TopicsExpress



          

EVENING PRAYER. Nkulunkulu ka Jobe , Nkulunkulu wabantwana bakwa Israel , Nkulunkulu ka Jacobe , Nkulunkulu wethu. Nkosi siyabonga ngokusigcina singabaphilayo. Siyakubonga Nkosi usuku lwanamuhla. Bakhona Nkosi lolu suku obelungabaphethe kahle ngoba bethole indaba ezidabukisayo noma behlelwe ngokubi. Nkosi iba nabo. Ubaphe amandla okundlula ebunzimeni ababhekene nabo. Siyalala Baba. Masilale ngokuthula Nkosi. Ube ngu mvikeli wethu kokubi. Konke Nkosi okubi okubhekiswe kithina makungaphumeleli. Nkosi ikhona imikhuhlane esigcwele kulo mhlaba esiphila kuwo. Abacwaningi beze sayensi bathi ayelapheki. Bakhohlwe Nkosi ukuthi wena ungu JEHOVA ongehlulwa lutho. Ungu JEHOVA umnini mandla onke. Silwele nale mikhuhlane Nkosi. Mabaphile Nkosi abantwana bakho. Oh JEHOVA siyakhala kuwe Ngonyama yeZulu. Bonakalisa amandla wakho Baba. Bakhona Nkosi abasemisebenzini. Bavikele nabo Nkosi kokubi. Abanye ngama security Nkosi. Basebenza endaweni ezingaphephile. Oh Thixo onamandla , iba ukukhanya endleleni zabo. Bakhona Nkosi abasebenza ema Restuarant nasemagalaji , bazoshayisa ebusuku Nkosi. Behamba ngenqola zomlilo. Behamba emigwaqweni egcwele ubugebengu. Oh Mdali wezulu nomhlaba , mabaphephe Baba. Konke lokhu sikucela sethembele eGameni lendodana yakho ogazi layo laphalala eCalvary. AMEN. If you PRAYED with us pliz say AMEN. Good Nighty.
Posted on: Mon, 30 Sep 2013 19:02:46 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015