Ephume Phambili : Love Letter Number 2 Msakazi...ngongqambothi - TopicsExpress



          

Ephume Phambili : Love Letter Number 2 Msakazi...ngongqambothi lezwi elasho kwaxega amadolo kwadidiseka abakhulu bakufaka esikhundleni, phambi kwabo ubuxhakalala bemishini, uchofachofa ngobuciko bakho ngicela ungidlulisele lomyalezo ugcizelele lothando olungbulalayo ku nkosenhle wami. Ulikhiphe lelo phimbo, ahlangane lawo mazwi eqe imifula nemifudlana afinyelele kulawo madletshana, kumamatheke lowo mlonyana, zihlashana ezipholishekile. anginciphisi ngoba ngithanda ngikujeqezisa emuva, siqala ukuhlangana siqothongene kwi condor, izinyawo ziphambene, umjuluko ulokhu wehle kuhle kwemvula kukubi kodwa ulokh ungthe laphalazi ngalawo mehlo, ngth wewu!......ngiphelele lapho. Noma ngibhocobele, ngiwudaka, abelungu beygogode yonke ingqondo kodwa inhliziyo ayivumi kuvunyiswa, igxumagxuma kokheleke ubuhanguhangu bomlilo ithi ngingephele mandla ungaxoxanga nowakhethu......ngingephele mandla lingankentezanga kwawakho lelo lizwi. uma ugula sthandwa kugula mina kakhulu, ngisho kungena ucoll back wakho ngimamatheka, ngicikiceke ngoba konke okwakho mina kuyangibusisa. Phela wena muntu wam noma bengishaye obudala ma sengizobalisa ngalothando ngivuka ngibe umqabaqaba. Yeka lolo ncumo lwakho sthandwa oluhlaba ekujuleni kwenhliziyo, kushise isifuba ngizithuke sengikhipha izinyembezi kungonakele lutho.....indlela engikuthanda ngayo sthandwa uma ungenyamalala ngisho isidwedwe esesahlala enhlabathini sadabuka sayizicucu, angeke ngasishiya uma nje bekungesakho....ngingasibamba ngisibambisise angikhathazek noma ngabe ngifake ijazi laziphi iziqu, ngiconsa nginjeya.....ya. sithandwa ngingeqede ukubalisa, lothando lukhula umzuzu nomzuzu....sungaze ufelwe owakwakho uma kunje, nangale komhlaba kepha ngiyobe ngisazithandela wena....phela uyakuthanda uma gwayiba wakho bandla.
Posted on: Sun, 31 Aug 2014 11:28:46 +0000

Trending Topics



MP. Leaving
inShang? V1.4 (Latest Version) Super high definition HDMI Cable
Public service FB self-defense tip courtesy of Louie Psihoyos
ok, this is all i want: IT"S ONLY SIX tinsy little THINGS! Hit me
Share★Share★Share★Share FOLLOW ME FOR MORE TIPS AND
MOTHER Our Mother is the best Teacher in the world. Kay gitudloan
El niño y la camarera En los días en que un helado costaba

Recently Viewed Topics




© 2015