GENERATIONS RELOADED By: SIYABONGA LEBOHANG NTSO MADIDA - TopicsExpress



          

GENERATIONS RELOADED By: SIYABONGA LEBOHANG NTSO MADIDA Esedlule: is.gd/GenerationsReloaded_15 * * * [Kwa Dlomo] Sbusiso:Yize kungenzekanga ngendlela ebengifisa ngayo kodwa angisho nje ukuthi nenze umsebenzi oncomekayo ngokuthatha lomfanyana, how is your wound? Cosmo:Ayi amanzamancane ngi grand boss, so ithini i-plan? Sbusiso:Lutho, okwamanje ukwenza sure nje ukuthi amantombazane ami are safe u Joe will contact us then sizo dealer naye ngaleso sikhathi. [Kwa Ruby] Ruby:Awu JB ubekwa yini la? Mehlo madala. JB:Hehehe nawe uyangazi ngihamba ngiphinde ngibuye. Ehhh Ruby nazi nezimbali engikuphathele zona ngithi nje akwehlanga lungehlanga umntwana alale ngoxolo ngizwile ngomshophi onehlele lapha ekhaya mayelana noDineo, may her soul rest in peace. Ruby:Uthini?! (acasuke) Rest in peace? Uthi umphefumulo kaDineo awulale ngoxolo utshelwe ubani ukuthi ufile hhe? Noma iyona nto uSbusiso akutshele yona leyo? [adonse ummese, amkhombe ngawo] Ruby:Yah khuluma-ke wambulala wamfihlaphi umntanami uSbusiso. JB:USbusiso? Errr . . . Ruby . . . beka phansi lowo mmese sikhulume kahle. Ruby:Uphi uDineo? Ngiyabuza maan uphi? JB:Whoa ehlisa umoya . . . asikhulume . . . [kungene uSompisi] Sompisi:Kanti liphi itiye lami kade ngilindile, hawu Nontando uzogana kanjani uhlezi ukhomba abafana ngommese? Buka nje lensizwa igqoke ihembe elinemibala egqame kahle kanjani? Nami ngangiwuthanda u sweet pink ngiseyibhungu. Ruby:Uyosindela ubaba ngiyakutshela, phumuphele emzini wami! JB:Ayi ngiyahamba vele, kanti uhlanya ngempela wena Ruby. Futhi wothi ngihambe nezimbali zami, azikufanele! [Kwa Dlomo ] Priska:Yah ke mfazi ndini. Ntombi:Ngingakusiza ngani Priska? Priska:Ndizokuxelela ukba uSbusiso indoda yam and if you dont want trouble uzohamba apha emzini wam and never come back uyandiva? Ntombi:Yazi its funny ngoba angimboni uSbusiso elandelana nawe, infact ungitshele yonke into ngawe, you are nothing but a gold digging piece of trash! Awunamahloni usanesibindi sokubeka imicondo yakho la. [Athelimpama uPriska, aphindisele noNtombi kube ongaphansi nongaphezulu. Qhude manikiniki mnikisongo lakhe!] Sbusiso:Hey! Hey . . . Hey kwenzakalani la, yewena Priska ungene kanjani la? Ntombi are you okay baby? (abalamule) Ntombi:Yah ngi right. Priska:Sbusiso please I love you, believe me. Sbusiso:Uyabo Priska uma ngike ngaphinda ngabona lobuso bakho . . . (kungene uMawande) Mawande:Sbusiso we need to talk. . . Sbusiso:Habe nawe uzolwa futhi? #cat_fight
Posted on: Fri, 24 Oct 2014 22:13:46 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015