How i wish that political parties can train their suporters to - TopicsExpress



          

How i wish that political parties can train their suporters to behave like human beings not like animals. Only an animal uses feelings not mind, but now it is a vise vesur. Izigigaba zodlame lwenhlese yezepolitiki ehambisana nokwethukana, ukubulalana ,ukulwa kanye nokucekelwa phansi kwempahla akwemukelekile. Futhi ngifuna ukuphonsela inselelo labo abasazabalazela amaqembu abo ngokulwa ukuthi lento yabo ayinamvuzo. Uyazi ukuthi ngemuva kokhetho labo bantu obalwelayo ukuthi ngeke besakukhumbula. Kungenzeka ubhilita kangaka nje neqembu lelo alikwazi uyisiwengu nje. Isilo saMaZulu sisanda kuyigxeka lento naso. Ngikhumbula incazelo yomunye woMengameli bakuleli engingemusho, ngahlabeka umxhwele uma echaza ukuthi y abantu bakuleli babe nodlame. Lelizwe livela kude lapho izinto eziningi bezingenzeki kuze kube nemibhikisho enodlame kufe abantu bese kwenzeka, kusho lo Mengameli. Eqhuba uthi: Abantu abaningi bakhula bahlala ezindaweni ezinezidubedube zodlame, manje lento ihlale njalo isezinqondweni zabo kubo sekufana nesiko ukulwa uma befuna izidingo, kusho yena ephawula ngemuva kokudlanga kwemibhikisho enodlame. Sizwe ukuhlukana ngamaqembu ezepolitiki akusho ukuthi siyizitha kodwa kusho ukuthi intando yeningi ikhona. Asiphathane kahle singalwi. Amandla!
Posted on: Mon, 31 Mar 2014 07:49:25 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015