INGABE KUFANELE SIBAZIBE ABALAMBILEYO! Ngasebona ubhudi - TopicsExpress



          

INGABE KUFANELE SIBAZIBE ABALAMBILEYO! Ngasebona ubhudi olambileyo emile maduze leshop ethengisa ukudla,bekuthi lapho othengayo ephuma amcele iR1 abanye bebephosela amaRand esitsheni abekade esithwele,kube khona ubaba ohloniphekayo obehamba ngemoto kanokusho,ungene eKFC wathenga ukudla okuchonsisa amathe,phakathi kwemoto ubeshiye ingane encane,uBhudi olambile embona ubaba ohloniphekayo,umlande ngasemotweni ukuba azicelele okuya ngasethunjini. Ubaba ohloniniphekayo ufike wakhipha ikfc wanikeza umntwana osemotweni,kusho ubesekhohliwe okunye okumele akuthenge waphuthuma eqonda eshop,kodwa ubhudi olambileyo lapho ebona ubaba eeonda ngaseshop,uqhubeke ecela ukudla kumntwana osemotweni,umtwana ubekhupha inyama echonsisa amathe wamnikeza lo olambileyo. Uma ubaba ekubona lokhu wathukuthela wagana unwabu,kabti umntwana usele wathatha i wallet kababa wayifaka phakathi kwebokisi elinenyama. Ubaba kakwazanga ukubekezela,ufike wamthuka ubhudi olambileyo ngezinkulu izinhlamba embiza ngamagama achwasayo,lokuhlupheka kwakhe. Ngentukuthelo uthethe lelo bhokisana ebelinyama waliphosela ku dust bin,ucelile uxolo ubhudi olambile kodwa kube sobala ukuthi inkulu intukuthelo,uze wakhetha ukushaya imoto ngesivinini esiphezulu,washiya abantu bengenankani. Kodwa ubhudi olambile uqonde kuleyo dust bin wafika waphuca ukudla okulahlwe yileya nsizwa. Evula ibhokisi uthole iwallet inemali, Udobhe iwalket wathatheka ngejubani. Kudlule imizuzu emihlanu kuphela wajika ubaba,ngoba esekhumbula ukuthi bekungenza umtwana uphosele iwallet kuleli bhokisi. Wathi ulahle imali engange 10 000 Kodwa yize sijinga amehlo yonke indawo asizange simbone ubhudi olambileyo,sithe uma sivula ibhokisi sathola ukuthi ikhona inyama ayilahlileyo,safakaza ukuthiulivulile ibhokisi waphuma esejabule. Olambileyo uphume esejabule emva kokuvula idustbin,kodwa olahle ukudla kufudtbin lapho eyivula,uphume zisehla izinyembezi,wakhumbula imali ayilahlileyo,kodwa olambile ukhumbule imali ayidobhileyo. Ngicela ufunde indaba ethi. UJehova uysphendula,uzothola isifundo sale indaba. Liyabakhathalela na abalambileyo. UNkulunkulu akwenzele kahle
Posted on: Fri, 12 Dec 2014 07:33:54 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015