ITHEMBA LAMI NGUWE NDODAKAZI- Season 3 Part 2 (True - TopicsExpress



          

ITHEMBA LAMI NGUWE NDODAKAZI- Season 3 Part 2 (True Story) Ibhalwe uZama Goqo “ who is she?” “Angazi akumina lona ngayithunyelelwa lento” “who are the f*** is this? “Zama angazi ngempela” “usholo ukuthi angsalazi igama lakho manje mina. Uthe uzokhuluma iqiniso. If u can’t get the hell out of my flat NOW!!!!!!”... wayesedinwe ebila lapho uZama “bbe I can explain.... I’m sorry” “Ngithe ubani igama lakhe?” “USiza” “owaphi? “waseKatlehong” “ oh how thats just great. Wangthuka wangbeka inamba mangithi angfuni uye lapha. Wathi ngik’sukela ngento engekho while you knew that uyakuyena” “ besikwi break Zama” “ what? What did you just say? Oh mina bengingavumelekile ukwenza lutho sikule break cause bowuthi asihlukene. Ungiceba kusisi wami uthi mina I behave as if sihlukene kanti wena ubusy nezinto zakho. Wow uyamangaza yazi!!!!!” “ bbe I am sorry I swear asthandani naye. Ngangizidlalela mina ngase ngaya kubo safike salala kodwa kwaphelela lapho. Uyazi naye ukuthi khona wena. Ngiyazi besingahlukene. Bekuyi break ngempela kodwa beyingasho ukuthi omunye usengajola. Ngenze iphutha MaNdaba” Iphutha? Did you just trip and fell on her vagina? Thats nice ......Wavele wakhexa uZama waphelelwa amzwi wehla embhedeni wayolala koka flatmate wakhe. Wabe esancenge uNhlaka ukuthi akabuye balungise izinto. Wazithulela nje uZama. Ubuthongo abuzange bufike kubona bobabili ngoba babelokhu bephenduka nje kodwa engekho okhulumisa omunye. Kwaze kwasa ek’seni. UNhlaka wavuka waya kuZama....... “bbe ngicela ungixolela ngiyazi ngikonile kakhulu. Ngicela ungisize to fight my weakness. I cannot lose you Zama. Not now bbe, not ever.” Wazithulela nje uZama. “bbe please talk to me” “Nhlaka its over”!!! “bbe nooooo. Don’t do this” “get the hell out of my flat.......NOW!!!!!!!!!!” Wabona uNhlaka ukuthi akudlalwa lana akaze phela amphakamisele izwi kanje uZama noma bengaxabana kangananani. Wasukuma wagqoka wahamba ngabo5 ekseni. Wasala uZama wavula ilaptop waqala wadeleta yonke into ethi Nhlaka. Nasefonini wakhipha konke. Wamublocka kuwhatsapp. Wathumela umyalezo kuBBM... “bbe ngicela uxolo, ungangilahli Ndabezitha ngiyakucela. I am nothing without you” Wayifunda wazibekela le ifoni wayibeka lena. Zihambile izinsuku engawaphenduli amacalls wakhe. Mayembingelela avume kuphele kanjalo. Mayethi uqala ingxoxo athi ayi ubhizi. UZama wayesenza lento eyayenziwa wuye ngoDecember. Kokunye awaphendule kudala amameseji akhe. Lapho-ke uZama kwakungathi kunomthwalo osukile esehlala ebhala kuBBM izitethasi zomuntu okhombisa injabulo. Izinyembezi zavele zoma zaphela. Esbhedlela wanikwa incwadi yokuyobona abezokululeka ngengqondo (Physiotherapists) bathi uhlukumezeke kakhulu. Kulapho ebekhala zonke izinyembezi zakhe. Ngoba bekhuluma nomuntu ongezomjaja kodwa ozolalela kphela ethulula okusemoyeni wakhe. Beyimsiza kakhulu iPhysiotherapist kanye nomngani wakhe uNkosi obevuka nasebsuku amduduze mekhala. * * * * “Zama ngicela skhulume” Nhlaka “ ngani kambe? Zama “ bbe ngicela silungise izinto. Uthembisile ukuthi uzongsiza kwiweakness yami” Nhlaka “ ngeke ngisakwazi Nhlaka. Angisenawo amandla. Uzozikhipha wena kulento njengokuzifaka kwakho futhi. Namanje mangikucabanga kubuya lento engayizwa as if ngayibona ngamehlo. Angikwazi mfethu kusamele nje ngidlulise lesiya sthombe of which I don’t know how and when will that happen. For now ngicela ungshayise ngomoya I need my space and time to think things through” “okay Zama ngizokwenza njalo. Hlale wazi ngiyakuthanda kodwa” “ bekumele ukhumbule lokho ngaleskhathi ucela amabreak uthi syeke nocansi ngoba nakhu wazi ufuna ukuyodla okufresh.” “bbe I am sorry” Akabange esayiphendula leyo uZama. Zihambile izinsuku laphela isonto. Langena elesibili. Ube nomngani weslisa uNkosi abezwana naye-ke uZama bebexoxa ngayo yonke into. Only to find ukuthi uNhlaka washela nentombi yaNkosi. Ubefuna ukuhlukanisa unyaka nayo la eJozi. Asazi_ke yabuye yavinjwa yini yangaya. Bababuza bobabili baphika. Ayi-ke baziqhubekela nobungane babo. Uyena muntu abekwazi ukuxoxa naye. One thing ngoZama akasiye umngani namantombazane. Nonina wayemnqabela nje esakhula ukuba nabangani. Ukhule edlala ibhola nabafana wazwana nabo ksukela lapho. Namanje futhi akwazi nje ukuba umngani osondelene namantombazane ngoba angamaxoki anezindaba. So kuye kubengcono ukuxoxa nomfana than intombazane kuyena. Akusikho ukuzitshela kodwa uyazivikela nje ezindabeni zama ntombazane. Futhi-ke abuye amgila amanye alala nendoda yakhe ebekade ethi abangane. UNkosi noZama baye basondelana kakhulu. Basopha ukuthi bazozikhipha bayoshawa umoya njengabantu abahlukumezekile othandweni bobabili. UZama-ke nje yena waye vulnerable ngenxa yobuhlungu ayebuvalele ngaphakathi. Ngoba iqiniso kwakubuhlungu kodwa engafuni ukumbonisa uNhlaka. Zihambile izinsuku uZama wamnyanya uNhlaka. Ngoba noma ebethi ukhuluma kahle naye bevele ambhekise le. Kwamcacela uNhlaka ukuthi cha this time around engathi uhambe wrongo. •13 January 2013 Kwangena umyalezo efonini kaZama ngo21:00 kuBBM.... “ hi Zama. Ngicela ukuxolisa once again kukho konke engikwenze kuwe. Ngikuohoxile Zama. Angikwazanga ukuba indoda engangithembise ukuba yiyo. People whispered my name in your ears. Unfortunately they finally won to attack our titanic of love. And its time I accept that i”ve lost. Kubuhlungu angikwazi ukwamukela. Kodwa ngyabona sengikuloosile futhi phinde ngikuthole back this time. Ngikuphathe kabi kakhulu Zama that I cannot justify. Ngenze izethembiso ngangazigcina. I was very rude and stubborn to you. Angikulalelanga. Kuhlule nabangani sebengikhuza azange ngibalalele. Ngoba bengiqhutshwa inkanuko yami. I must admit lo nyaka ngithandane nawe I learnt a lot of things about me nje ebengingazazi. You brought all that out kimi. I will deal with my anger issues. Sengibonile ukuthi I need anger management yet I’ve always pointed you while kuyimi onenkinga. Ngikwenze idoormat yami Zama L. Now I am all alone with no-one to talk to. No-one to hold. Kunzima Zama without you. I know I’ve always acted as if anginendaba nawe. Fact is you completed me but I neglected you ngoba ngazi ukuthi soze wangshiya. Ungiphe ithuba elimangazayo empilweni kaSiyamthanda, damn I love that little man. Ngicela uqhubeke umkhulise kahle umntwana wethu. Kimina uyohlezi eyindodana yami no matter what. MaMwelase ngikufisela okuhle empilweni. And I am thankful for the one who made you smile while I made you cry. Cause maybe you wouldn”t have made it. You are one strong sophisticated woman. Akekho engake nengiyomthanda njengawe. Kodwa ngibe islima ngadidwa ukuthandwa kakhulu ngakuthatha for granted. You deserve a lot better. Ngyakwazi konke okwenzile bowuqhutshwa uthando. Noma ubani ube too protective ngento ayithandayo. Anyway I wish you all the best in life. Ungabakhohlwa ekhaya bayakuthanda Zamengani Prudence Mlotshwa. Futhi bathembele kuwe. Ume njalo. Don’t neglect your Physiotherapy izok’siza kakhulu. I will always love you. I admit I have lost the game this time and I just have to watch you leaving meL L L.......” Wathatha ifone wafunda uZama wabe eseyibeka le futhi. Akaze azihluphe ngokuphendula.... Iyaqhubeka........
Posted on: Tue, 22 Oct 2013 13:01:16 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015