Ibhalwe ngu Nontle KaMazeengelwayo Quella Umhlaba - TopicsExpress



          

Ibhalwe ngu Nontle KaMazeengelwayo Quella Umhlaba ungijikele(eyesihlanu) Esedlule : https://m.facebook/story.php?story_fbid=528413970591388&id=494096807356438&refid=17 Kushaye isikhathi sokuqala komcimbi angene lomfana athathe umbobho kuthule umculo abe esebheka ngakithina..Maye ngoba uThulani njena lona!!! Abingelele Sanibonani!Sanibonani!Sanibonani!! Igama ngingu Thulani abangazi kancono bangibiza Tman,bayaphila abantu?! Kuchwaze yonke into ehholo u Dj adlale ingoma kutshweze lapho mina ngavele ngafikelwa izinyembezi ngiyazibuza ukuthi kungabe indlela kankulunkulu lena ukuthi ngize lapha ukuze ngihlangane nobaba walengane engiyithwele?kodwa kona lengane kungabe eyakhe lo Thulani? Uzothini yena sengifika ngimtshela ukuthi ngikhulelwe? Ngisule izinyembezi ngizenze umuntu oshiselwayo bese ngiqhweba uLebo ngimtshele ukuthi ngisashaywa umoya ngaphandle athi kulungile. Ngiphumele ngaphandle ngibone okuyibhentshana laphaya ngihambe ngiyohlala kulona nginabe,kodwa nakhu ngizozala singakashayi isikhathi,kwanyuka shukela kwanyuka BP, ngishawa nawuvalo, angazi noma ngimubize lomfana ngimtshele ngaloludaba noma ngenzenjani. Kuthi kusenjalo kuqhamuke uMandisa eshwibeka edlula ngakumina,akangiboni ngimubize Mandisa!Mandisa!! Aphenduke angibone agijime eze kumina zethu kwenzenjani wahlala ngaphandle khona ubuhlungu obuzwayo? ~Mandisa Cha akunalutho,angizwa zinhlungu ukushisa nje kuphela,usamkhumbula uThulani lo owayehamba nami nakhu siye emlazi eParthini ngo Mashi? Kubuza mina ngimubheka emehlweni Ja girl,uyena lo ophethe ishow ngaphakathi,should I call him for you?~Mandisa ehleka kancane Ehhe ngicela ungicelele yena masekphelile konke ngifuna ukuxoxa naye kancane ngisho ngibheka phansi Allright girl if you dont mind,Im rushing somewhere ngiyolanda imake up for uZandile ngzobuya manje ~washo Wahamba ke uMandisa ngasala ngabuyela ngaphakathi,akukho engangisakuzwa ngasengijahe ukuzwa ukuthi uzothini uThulani,lengane engiyikhulelwe eyakhe noma cha. Kwabamnandi ngoba wonke umuntu wayebukeka ejabule no Lebo kubonakala nje ukuthi badle amponjwana indlela abaphaphe ngayo hhayi nami ngazama ukuhlela ubuzo ukuze kube sengathi nje ngijabule Umcimbi usuphelile,uZandile uphume isibili sajabula kakhulu saphumela emnyango samanga kwabamnandi nami ngaqala ukujabula kancane. Nakho ke sekufika imoto lena yo Lebo ezosithatha angisamboni uMandisa nalo Thulani angisamuboni,ngaze ngalingwa weJesu kungenzeka yini ukuthi uMandisa umtshelile lomfana ukuthi ngiyamufuna waseyabaleka? Pho makunjalo ushonephi uMandisa ngisakuleyomicabango nangu uLebo engibiza Zethu! Asambe isifikile imoto sizokushiya eskoleni mina ke ngizoqhubekela phambili nayo Ayi Lebo hambani sthandwa ngizohamba no Mandisa kukhona into engiyifunayo kuyena Okay kulungile ngizokubona ntambama wahamba uLebo ngasala nabantu engingabazi ngilokhu ngihamba ngibaphendla ngifuna indawo yokuhlala phansi no Zandile akasekho angisamboni. Sengize ngalithola ibhentshi lokuhlala yize kukhona amanye amantombazane ahleli angikwazi ukukhululeka nje kahle,kuthi kusenjalo ngibone lomaqinase owu Mandisa ethi pheshe! Ngithi ngiyamumemeza angangizwa kanti ulandelana no Thulani ngivele ngisukume ngiqonde ngqo kubona Anifuni mina?! Kusho mina ngimemeza bona sebebuqamama kunami baphenduke Aw sibheka wena dear,kade ngimtshela lona ukuthi kade umfuna,mina ngsaya kuZandile ungilindile langaphakathi esho esifulathela uMandisa sasala sabhekana no Thulani Aybo cha bayashesha abanye olova sebekufake amathambo esiswini njalo pitsununu?! Esho ehleka kuvela lelizinyo lakhe lesiliva uthulani ngivele ngimubuke nje ngingahleki nokuhleka Ngisacela sibuyele eceleni laphaya(ngikhomba indawo ebuqamama nabantu) avume ahambe phambili ngimulandele ngemuva usevele washintsha ubuso nje ungafunga ukuthi kade ephuza inhlaba indlela ahline ngayo sengisaba nokuvula umlomo wami ungathi uzovele angisacaze ngenkulu impama,kodwa jesu ngingathini nje? Hhayi aphenduke ke athi sekuthulekile lapha uthini sisi? Wavele washintsha ubuso kwadlala amadolo kumina Thulani ngalelilanga sigcina ukubonana kwenzakalani? Ngihlengezela izinyembezi Hehehehe nidakwa nize nikhohlwe,uqonde ukuthi awusakhumbuli? Asho angibheke emehlweni Mfethu ngicela ungitshele,angisakhumbuli lutho ngavuka ekuseni ngisendaweni engingayazi ngisho ngiqhubeka nokukhala okuyimanje ngikhulelwe ingane engingayazi ukuthi ngekabani ngimubheka emehlweni Manje pho mina uthi angenzeni ngalembudane ongitshela yona?nami angazi kwenzakalani ngalelalanga kodwa ke mina ngavuka ekhaya ngaya emsebenzini wena ke sisi angikwazi waphelelaphi,if you dont mind nginezinto ekufanele ngizenze,anginaso isikhathi sezinganekwane! Waphenduka wangishiya ngimile lazula ikhanda kwahlwa emini,impela umhlaba ungijikele..ngahamba ngezinyawo ngisuka eSteve Biko ngiya eCity campus umoya wami uphukile ngizozala ingane engenababa,kungani konke lokhu kwenzeke kumina? Ngenzeni kubani mina nkosi? Mhlawumbe uma ngingafa umhlaba uzoba ncono ngaphandle kwami. Ngafika endlini kungekho muntu,kyacaca oLebo abakabuyi ngavula amadilowa wonke ngifuna kwasani eyamaphilisi,kuncono ngife!!! Ngawathola nempela amaphilisi ngawathola ayexubile nje ngawahlanganisa,ngathatha ibhayibheli lami ngalibeka phambi kwami ngaguqa ngamadolo phansi ngathandaza baba ngonile ngicela ungithethelele,umhlaba ungijikele,ungihlulile umhlaba senganele ngasikhihla esikaNandi ngathatha iphepha nepeni ngabhala amazwi ami okugcina bangani bami kanye nani zingane zakithi ngihlulwe umhlaba,akekho ongonile ngizone mina,nisale kahle emhlabeni niziphathe kahle zingane zakwethu,ma nobaba ningixolele sobonana kwelizayo,ngiyanithanda nonke Iyaqhubeka
Posted on: Tue, 12 Aug 2014 18:20:18 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015