Ibhalwe nguZaziyena N Bukeka ANGEKE KUHLALE - TopicsExpress



          

Ibhalwe nguZaziyena N Bukeka ANGEKE KUHLALE KUNJE (Esesibili) * * * Ubuthongo abufikanga kuNomathemba ephenduke njalo ocansini acabanga ukuthi yena ntombi emhlophe efana nezihlabathi zolwandle owake wathola isicoco sokuba ngu Miss Phola location,waphasa kahle nasesikoleni uzobe ethwala amasaka amalahle awamikise emizini yabantu,,zehle izinyembezi ngalowo mzuzu umcamelo usumanzi.kungapheli mizuzu mingakhi likhale iwashi avuke abase iParrafin-stove abilise amanzi okugeza anele yena nomama wakhe apheke umdoko,avuse umama wakhe amusize ngokugeza nangokudla kwazise akulula ukuthi azenzele izinto loku ashayeka ngensimbi emakhishini kamlungu odokotela bamtshela ukuthi une Head trauma eyabanga i-Brain injury yingakho aphenduka impumputhe. Ezwe nge hooter ye lorry ukuthi sekunjalo,aphume aqonde khona umshayeli amunike i-overall azosebenza ngayo,,agibele emuva lapho kugcwele khona amalahle afice amadoda amabili,,sanibonani­ igama lami nginguNomathemba ngiyathemba sizosebenzisana kamnandi kuphendule munye athi mina ngingu Bhuti-Sipho senginonyaka ngenza lomsebenzi ngakho ke neholo lami selithe ukukhuphuka kancane,lensizwa engihamba nayo nguSizwe uqale ukusebenza kulenyanga edlule, Ababuke bobabili uNomathemba afikelwe yisihawu lapho ebuka uSizwe obukeka emsulwa futhi kungathi ukhathazekile nalamakhaza ngathi azomuphephula,uBhuti­-Sipho yena ubukeka aqotho futhi anomusa. Athathe umbhobho wakhe uBhuti-Sipho amemeze!!! Amalahle ngapha,, fudumala kulobusika ungavumeli amakhaza azenzele intando,thola ukufudumala noma uzifanela nami ushimile kumemeza uSipho,,ahleke kancane uNomathemba kanti noSizwe ufile yinsini,,Luhambe usuku nabantu bebhokile ngokuhleba uNomathemba yiloyo naloyo ukhala ngokuthi intombazane enhle kangaka ingasebenza umsebenzi ofana nalo abanye baze bakhulume ebezwa,,Asondele eduze kwakhe uSizwe amnike isibindi ungabanaki abantu dadewethu okusalayo imindeni yethu angeke ilale ingadlile.. Aphele amaviki uNomathemba esewamukelile lomsebenzi futhi esekujabulela ukuvuka ekuseni kwazise bebasebenzisana kamnandi bano Bhuti Sipho kanye noSizwe ohlezinjalo ethulile ukhuluma umakunesdingo. Ngelinye ilanga agule ubhuti-Sipho angezi emsebenzini kusale uSizwe noNomathemba,ngenxa yokuzimisela kwabo azange kube nzima kakhulu waqhubeka umsebenzi,yilapho abaqala khona ukwazana kancono baze bagcina sebangabangani abakhulu,Kwamujabuli­sa lokho uBhuti-Sipho mhla ebuya,,yize lomsebenzi uqedelana isithunzi kodwa bebahlezi njalo bejabulile sebazibiza nge three Musketeers Lehla impela izinga lenhlupheko yaNomathemba sebadla nokudla okunempilo banomama wakhe kwazise ngempelasonto bebathola iBonus,,nobuhle bakhe sebuphume ngamandla kodwa umama wakhe eloku engamtsheli ukuthi wenza msebenzi muni ngoba engafuni ukuthi azizwe ewumthwalo.. Ziphele izinyanga ezine uNomathemba eseqala ukungatholisisi kahle ukuthi kungani ecabanga ngoSizwe njalo uma elala nasezindlebeni zakhe kunkenteza iphimbo lakhe elipholile,,kodwa yini eyenzeka kimi,angikaze ngacabanga ngomuntu ngaphambilini,kungen­zeka yini ukuthi lento eyenzeka kimi yile abayibiza ngoTHANDO Iyaqhubeka
Posted on: Fri, 16 Jan 2015 10:04:34 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015