Isifundiswa part 2 By Sizwe Wami Kepha Angasho lutho umlisa. - TopicsExpress



          

Isifundiswa part 2 By Sizwe Wami Kepha Angasho lutho umlisa. Amehlwana akhe athi khopho khopha ngemuva kwazo izibuko lezo. UMpo avule isicabha nge: “Ubukhokhile njena?” “UR50 lowo ngowami ngilinde ushintshi.” “Wo kanti ushwashwada kangaka wuwena okhokhe ngemali enkulu futhi. Ingani vele izifundiswa zinemali eningi. Angithi thina abashayeli bamatekisi niphinde nisibize ngomagez’ompompini?” Asuke lapho uMpo aklebhule UR50 phakathi kwendawo. Kukhuze abagibeli/ “Nanku-ke ushintshi wakho-ke sifundiswa. Shaya kwangathi uyehla emotweni yami. Angazi awuzithengeli ngani eyakho imoto.” “Elinye itekisi sengiyolitholaphi? Futhi lolucezu lwemali ngiyolusebenzisaphi?” “Akuyona inkinga yami leyo!” Asho lawo maqede umfokaNdlovu, asithi guncu isicabha ziye kakhulu. Isifundiswa sisale lapho sinkemile nesicetshana semali okuthiwa wushintshi waso. Ehhene, usifundisele nakusasa ukuthi singaphinde seyise umshayeli wetekisi. “Ziyeyisa lezinto. Uthi besikhona isidingo sokuthi elokhu ethi klifi klifi wesisi?” UMpo usebuza kumgibeli wesifazane obekade embalela imali lapha eduzane naye. Abe namahloni wokuphendula umuntu wesimame lona. UMpo ulokhu emeba ngeso. Hhayi yena akekho emgangathweni, kepha kungabuya kuthiweni njena? Phela yize noma esiyikhehla njena umtakaNdlovu usaqonywa kakhulu . “Imali yami kufanele ibe ngR105 uma ngabe usuxakekile wesisi.” Asuke lapho aqhube athi uMpo: “Ngizozithathela UR105 ibese ngihlukana nani phansi. Seniyozibona-ke ukuthi niphuma kanjani ngoshintshi!” Washo maqede wazihlafunela ubala umtakaNdlovu. Aze avulele nomsakazo ke manje. Wawutshelw’ubani ukuthi uyinduna, wabheka abafika late emsebenzini … lapha ethekisini abagibeli baxakeke ngoshintshi. “Ingabe ukhona ophethe ushintshi kaR20?” Sekubuza omunye umgibeli. Bonke abagibeli baphuthaze emaphakathini abo, aphume onke amasenti, hhayi-ke nebala ushintshi ube khona. Ixazululeke inkinga kashintshi. Hhiya-ke likhuphuke kanzima itekisi, lidumela phezulu ngemuva lishunqisa intuthu ubungaphika uthi liyasha. Ngenhlanhla kuphinde kuthi ukwehlela, hhayi lithathe futhi ngesivinini esingatheni. Yilo leliya itekisi lize liyowela amalobothi ebomvu, hhayi phela ubengeke asakwazi ukuyibamba uMpo. Uma ikhamera ingahle imbambe , useyolithetha ligcwele. “Ngicela ukwehla ebhasitobhu mshayeli!” UMpo avele amzibe umuntu lona. Uyazi abagibeli babuye basanganelwe ngamakhanda abo. Usho ukuthi imoto izokwazi kanjani ukuma laphaya kulesiya sitobhi? Umgibeli lona ubengasho ngani isikhathi sisekhona? Akaboni ngani ukuthi sekuyehlela manje, kanti nemoto isiyazindizela kalula njena? Wawutshelw’ubani ukuthi uyinduna, wabheka abafika late emsebenzini …usho kanjalo umsakazo. Yilo leliya itekisi selendlula ibhasitobhi ngesivinini esikhulu. “Ngiyehla bo mshayeli!” Kube kwangathi uyamemeza manje lona owesifazane: “Drayiva! Wedrayiva!” “Kukhona owehlayo mshayeli!” Itekisi lize liyothi nsi kumalobothi abuqamama negalashi, sivuleke, abagibeli, sebededele lomgibeli obekufanele ehle lena emuva. Ugan’ unwabu, ngumuntu wesifazane osekhule impela. Cishe unguntanga yabo oMpo. Athi lapho esehla, anyonkoloze uMpo kabi maqede asibhaklaze kakhulu isicabha kuthi xhifi lapha kuMpo. Amalobothi abe luhlaza. Liphinde lisuke itekisi. Wawutshelw’ubani ukuthi uyinduna, wabheka abafika late emsebenzini …usho kanjalo umsakazo. Lehle ngaleso sivinini itekisi. Kuthi lapha phambili kube khona imoto emile ifiphaza izibane zokupaka. Kungenzeka ukuthi yayisifile kanjalo. UMpo athi jeqe esibukweni, hawu nakho okungumedemu womlung eza kancane lapha ngemuva. Avele ayifake phambi kwakhe umedemu lona asazithithizela kanjalo. Ashaye ihuta umedemu. “Hhayi suka, thula wena medemu!” Aze aqhwayele umfazi womlungu isandla ngewindi. Ishosholoze kanjalao, kude kude erenke eBree. Phela kufanele aphinde azothatha omunye umthwalo wokugcina. Kusenjalo kukhale umakhalekhukhwini wakhe ulapha ekhukhwini yeshethi lakhe. Awudonse abuke inombolo emshayelayo. Owu, nguSuzie intombazane yaseSoweto lowo. Okusho ukuthi uphatheke kahle ngempela izolo. Bahlangane khona lapha etekisini emlayishe lapha ngaphambili izolo ntambama. Hheyi phela ukwazile ukumbamba ngolwimi wathamba wathi potololo. Sikhuluma kanje., uSuzie uvuke ekamelweni likaMpo namhlanje. Avale umsakazo aphendule uMpo: “Hello dali.” “Hello Mpo, ukuphi?” Kuzwakala umsindo kwangathi userenke uSuzie. “Ngisendleleni ebheke edolobheni, ukuphi wena?” “Ngiserenke, please ngicela uzong’thatha ngok’shesha…”Athi ukubindeka uSuzi. “Ngicela usheshe please!” “Yini sekwenze njani manje?” “Kukhona omashali abang’shela ngenkani, bathi angeke ngigibele ngingakabaqomanga…”anqamuke uSuzi. Kuthi xhifi kuMpo. Ingabe sekwenzenjani ngentombazane lena webakithi? Ingabe obani lomasheli abamshela ngenkani? Kungenzeka ukuthi nguMjiyako lowo futhi njengoba wuyena othanda ukushela amntombazane ngenkani. Futhi uthanda ukushela lapho uMpo eshela khona. Ikhehla elinguMjiyako lona laqala kudala ukuqhudelana noNdlovu. Yilo leliya itekisi lishosholoze kanjalo ngomgwaqo uBarry Hertzhog. Abagibeli abalinde amatekisi abheke eBree , badle ngako ukuba baningi. Uthi esimze endlula abone ngomuntu ephakamisele umunwe phezulu. Ewu madoda, ubezokudla kahle uma ngabe ubengalayishile amatshe lawa. Nxa! Kanti ngabanjani laba bagibeli abangasehli ngisho naseGreenside noma okungenani eCheckers yaseEMMarentia? Hhayi suka! Kuthi njengoba wayehamba emzileni ophakathi, abone sekukhona imoto esijikela ngesangokwesokudla laphaya phambili. Kwangathi yayi lindele ukuthi izimoto zendlule zonke. Ewu, sekufanele uMpo abuyele emzileni wangasokwesokunxele futhi manje ukuze akwazi ukwendlula. Avele athi jeqe esibukweni kanye ibese eyifaka khona. Kanti Kukhona okwengane yomlungu ngesithuthu angakubonanga. “Hhayi wenzani?!” Sekukhala abagibeli bebambelele emakhanda ngezandla. Ingane yesithuthu ayishaye kanye uMpo indize iyothi iyothi thanqa phansi. Azame ukuyiphepha ukuze angasayiqedeli ngokuyifahlaza ngamasondo ingane lena. Wuye lowaya eseyongena ngemuva kwemoto lena abezama ukuyiphepha. Abambe amabhuleki umonakalo usumkhulu ngempela. Lembula ingubo langena! Behle bephangelana abagibeli. Abashayeli bezimoto bamele eceleni. Kuphuthunywe emshayelini wesithuthuthu. Kwakugeleza igazi emgwaqeni. “Uyabona-ke manje mshayeli ukuthi usuwenzeni?” Kwakubuza omunye wabashayeli. UMpo wayeseqhaqhazela njena, ehluleka nokwehla emotweni. Umsakazo usewucishile manje. Memfu amaphoyisa. Asheshe ngempela kulokhu. UMpo awabone esezungeza itekisi lakhe. Alibuke maqede anikine amakhanda amaphoyisa. Asuke lapho ayozungeza nale moto ayingqubuzile, babuye baye esixukwini sabantu esasizungeza umshayeli wesithuthuthu. Wo laze lamshonela namhlanje umtakaNdlovu! Kodwa yishwa lani leli? Khona lapho abone umlisa ofake ezibuko elandelwa ngumedemu womlungu esondela efasiteni letekisi likaMpo. Ambukisise lomuntu yini kwangathi uyamazi, umazelaphi kodwa? “Awusho-ke” Sekuthatha lona wesilisa ngaphandle kokubingelela. “Kungani ungasaphumi emotweni yakho?” Kuthi nya impendulo eqhamuka kuMpo. “Njengoba ungehlise etekisini lakho ngoshova, ubungehlisela ukuthi uzophinde ushayise imoto kankosikazi wami?’ Wo, amkhumbule manje uMpo lomuntu, yilesiya sifundiswa asehlise lena emuva. Umlisa wezibuko akhiphe isicephu semali uMpo amnikeze sona lapho emehlisa. “Mina thatha lapha isicephu semali yakho, bengicela usisize ngokusilungisela imoto yethu khona manje! Kungenjalo itekisana lakho leli sizoligcina!” Inkukhu yayisinqunywe umlomo kumtakaNdlovu. Khona lapho amaphoyisa endlela asondele etekisini. Kuthiwe makehle uMpo, usengaze aboshwe mayelana necala lokubulala ngaphandle kwenhloso. Ewu, madoda, kanti yini kangaka, yishwa lani leli? “Uyabona uma ngabe ubukwazi ukuphatha kahle abagibeli bakho bengizokumela enkantolo. Hamba kahle ndoda.” Sekusho umlisa wezibuko.
Posted on: Thu, 09 Oct 2014 06:32:49 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015