KHULUMA SIKUZWE: Iphephabhuku iDrum, libe nengxoxo nomfundisi - TopicsExpress



          

KHULUMA SIKUZWE: Iphephabhuku iDrum, libe nengxoxo nomfundisi wodumo uDr HQ Nala, la khona ekhulume wathi kumele iqembu likaKhongolose lixolise kuye, kungenjalo lizokhala ngaphansi okhethweni lwangonyaka ozayo. IMove nayo ikhiphe udaba la khona uNala ekhulume wathi abalandeli bakhe angeke bayivotel i-ANC. Konke lokhu kuqutshulwe inkulumo kaNgqongqoshe wezeMpilo uSbongiseni Dhlomo, owathi uNala uyadukisa uma ethi welapha igciwane le ngculaza. Ngokwakho ngabe ukholwa wukuthi kumele ngempela i-ANC ixolise kuNala? Uma kuwukuthi uwuMnala, ngabe ngempela angeke uyivotele i-ANC? Awuveze ukuphawula kwakho ngemibuzo esiyibekile, noma uveze imizwa yakho ngokusho kukaNala. Beka uvo lwakho ku-isizulu@news24
Posted on: Mon, 25 Nov 2013 11:30:03 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015