KUNGANI? by Zamokuhle Kwaito Khumalo EPISODE-08 - TopicsExpress



          

KUNGANI? by Zamokuhle Kwaito Khumalo EPISODE-08 Enjoy! [Abafundi babuya emthandazweni uMrs Mthembu ukhuluma nomseshi Buthelezi] Mseshi: Kwakwi c.d enjani leyo? Mrs Msomi: [Ngolaka] Angani ngiyachaza Mseshi yayi mhlophe ibhalwe ukuthi ibhavo! Mseshi: Ehlisa ulaka thisha, iphi yona leyo c.d? Mrs Msomi: Awume-ke ufuna ukuthi uNomndayi uyena owadubula uZulu? Cha phela lawo amanga aluhlaza, phela uZulu ubesefana nobhuti kuye! Ngeke nje leyo ayikho mseshi nisola umyeni wami ngoba kade eyisekela lakhe? Mseshi: Ngiyaphinda ngiyabuza futhi, iphi leyo c.d? Mrs Msomi: I c.d kwathi sekumele siyidlale umsomi wabanesiyezi wawa yaqhephuka. Mseshi: [Ecabanga] Mmmmmh! Okay ngiyabonga Mem, thanks for your time! Mrs Msomi: Okay! [Kusehhovisi likaMsomi] Miss Gumede: [Emamatheka] Hello! Hello! Baba kaNhlanhlah! Mr Msomi: Ya! Miss Gumede: Ave sesikukhumbule sthandwa sami, yazi noNhlanhla belokhu engikhalela la ethi ufuna ubabah [Esondela kuye] Mr Msomi: [Ehlehla] Yini kwenzenjani Pretty? Miss Gumede: Hawu sifuna u-Good morning kiss my husband! [Ezibuka isandla] Mr Msomi: [Ediniwe] Ey ey! Awuphume! Please. Miss Gumede: Yini uvuke esayidini eli wrong lombhede? Ohh sengicishe ngalibala yazi ngidinga imali engango R 1000 ngifuna ukuyokwenza I check up! Mr Msomi: Anginayo! Miss Gumede: Haybo kanjani nje, angani yena umaNgcobo uyamunika imali. Ngoba enjani yena phela Msomi nami sengunkosikazi wakho. Kusasa ngifuna siyo signer enkantolo. Ngifuna sishade lomshado ka 50/50 and ungithengele a diamond ring. [Emamatheka] Mr Msomi: [Ethuka] Habe! Usangene umshado wami? Akho ring wayithola. Miss Gumede: Lutho phela ayihluphi, mina ngizotshela umaNgcobo ukuthi I’m preg and tell uButhelezi that uwena owadubula u Mr Zulu. Mr Msomi: [Ephefumulela phansi] Okay! Okay! Pretty yenziwa kanjani leyonto? Miss Gumede: [Ehleka] Kuhle usubuyile umqondo! I’ll tell you later baby wami [Emuqabula esiphongweni] [oStiks noNsimbi basematoilet bayaphuza futhi kanti futhi sebedakiwe] Stiks: [Ngezwi lomuntu odakiwe] Ey yabona Nsimbi ayigobi mfana uma engabona uMsomi ukuthi ngemali yakhe sithenge ama carvella notshwala angavele asangane asho ukushayeka phansi! Nsimbi: [Ngezwi lomuntu odakiwe] Ey inemali leyandoda ey ubonile kodwa? Stiks: Habe! Ucathi kuyadlalwa lapha phela leyandoda yu Deputy principal! Nsimbi: Kusobala nomaNgcobo usemafutheni nalomfana wabo uMandla. Stiks: Kakhulu ntandane, yabo namuhla nginqena ngisho ukufunda, sengathi kungafika umuntu angiqubule angiyise ekhaya, [Ezamula] Ey ngiphuze kakhulu izolo. Yabona kuyasiza ukuzwa nami wawuyoze uyidle nini nje ntandane I nandos? Nsimbi: Hawu awuzwe-ke uStiks! [Emukhomba] Yabo namuhla ngifuna ukuhlupha lokhu okuyiscefe! Stiks: Yizo ntandane sisonke ngiyaphakamisa [Ephakamisa izithupha] [Sekuyisikhathi sebreak uThemba ungase staff room ulinde I Miss Gumede] Thembi: [Emuqhweba] Miss uthe angifike nge break! [Ebambelela okhalo] Miss Gumede: [Enyipha] Ey ey yaze yanesicefe nansi ingane. Thembi: Phela uma ungafuni ngizomutshela uthushu Msomi! Miss Gumede: [Enxapha] Nx! Okay ufuna malini? Thembi: R500 Miss Gumede: [Emangele] Habe! Nansi ingane ingiqola booh, udakiwe ngokuchamela I pregnant test nje? [Kusestaff room u Mrs Msomi no Mrs Mthembu bayaxoxa] Mrs Mthembu: Ihe awusho-ke ntombi uvela waqala I drama nje wathi awufake ama dimaz liguqubele? Mrs Msomi: [Ezihlekisa] Kade ngawagcina ama dimaz maXulu, anjani ayangifanele? [Eziqhenya] Mrs Mthembu: Aybo yazi ngathi isinambuzane uthe ungena bese ngiphethe I doom ngesandla ngize ngabona ngoba ususeduze ukuthi uwena [Behleka] Mrs Msomi: Ey awudeleli Nkosikazi! Mrs Mthembu: Wothi ngibone ukuthi zizongifanela yini, awusho-ke I hambe kanjani I annivessary? [Emugumula] [Emangele] Habe! maNgcobo kwenzenjani unani esweni? Mrs Msomi: [Enginginza] Ayi ma maXulu manje ku ku… Mrs Mthembu: [Enqikisa ikhanda] No! No! This is getting out of hand, yini uzothi ulale ngeso? maNgcobo kwenzakalani? Kuqale kwayimigqa ebusweni manje sekuyiso elivuvukele… Mrs Msomi: [Ekhala] uMsomi ungishayile… [uMiss Gumede uxoxa no Thembi] Thembi: Please ngicela lingapheli elanamuhla miss G. Miss Gumede: Angithi ngiyachaza ukuthi ngisazoyigqoma kuMsomi, yini kodwa ukungalayithi girl? Thembi: [Emamatheka] Ngiyakubongela Mrs Msomi to be... Cha ngiyakuvuma uyazenza izinto zakho mina ngangithi uyasangana ngenkathi uthi ufuna ukufaker ukuthi u pregnant. Miss Gumede: [Emamatheka ezibuka isandla] Usasho okuncane yazi phela uvumile ukuthi siyohlanganiswa eNkantolo [Ekhophozela] Thembi: [Emangele] Habe! Usho kanje? Miss Gumede: Cha wena ucathi kuyadlalwa, yabo loNkosikazi wesidwaba umaNgcobo ngizomudlisa ngamapayipi… Thembi: [Emamatheka] Miss G you my role model shame… Miss Gumede: If kunjalo-ke musaphela ukubhayiza Thembi, convince yourself ukuthi ingane ekaZungu. UNsimbi akana lutho isi-aramu seNkosi nje. Thembi: Yazi Miss nomah washo njalo… Miss Gumede: Uqinisile phela umaGoge, mele uhlakaniphe ucabangele ikusasa nengane. Uzokhomba ngophakathi girl phela imali kwaZungu ikhiwa ngamafosholo. Plus uZungu iNkosana, uzalwa iNkosi yase sigodini sase Ngwaqube. Thembi: [Ejabule] Serious? Miss Gumede: Yini ubungazi? Baqinisile uma bethi amathanga ahlanzela abangenamabhodwe. Yazi mina ngifisa kanjani ukukhulelwa ingane kaMsomi? Neyakhe uZungu I wouldn’t mind… Thembi: Haybona Miss G, uZungu owami awu… Miss Gumede: [Ehleka] Iheee esani isikhwele, yini uyamuthanda? Thembi: Yes kodwa mina I’m worried ngengane izokhulu ihlala kumuntu ongesiyo uyise wayo. Miss Gumede: Life is too short to stress ngalezozinto, even if kuba njalo kuhle ngoba uma uzale umfana ingane yakho izoba iNkosi kanti lokho kuzokwenza uNdlunkulu. Kwazise phela umaNxumalo wakhe akabatholi abantwana. Thembi: [Emamatheka] Uma uwundlunkulu kuba njani? Miss Gumede: Weeeh kusamele ngihlale nawe phansi ngifundise Thembi ngeke, wena ngathi umusha kule game. [Kusematoilet uStiks uhlezi noNsimbi] Stiks: Haaaa! Ngane ngisho izikhothane azigqoki kanje! Siyabakhotha khotha khotha ntandane! Nsimbi: [Ehleka] Ubani ophethe leskole? Stiks: Imina! Nsimbi: Ubani sekela lakhe? Stiks: Impintshi yami! Nsimbi: Ey angikaze ngidakwe kanje ngane yoooh! Asambe manje siye e classin Stiks: Relax I have something for you ntwanas. [Evula u isikwama] Nsimbi: [Emangala] Haaa! Ngeke angiyibhemi lento mina Stiks. Stiks: [Ekhulumela phansi] Sssssshi musa ukumemeza, okwanamhlanje kuphela ngane! Nsimbi: Ayi ayi ayi ngeke mfethu, iwunga! No! Stiks: Lalela lempahla I grand mfethu yazi uzizwa ukowakho umhlaba, ngiyakutshela mfana uphenduka u Mark Shuttleworth uvele uzizwe ukwi space… Nsimbi: [Egoloza] Ngeke Sandile angizishayi ntandane. Stiks: Shuthi wena awusesiso isisebenzi Nsimbi, mina angikaze ngakulahlekisa bheka nje ugqoke I carvella ngenxa yaStiks. Kodwa mase ngibhekiselwa phansi isekela lami kulungile mfethu ayikho engaphandle. Nsimbi: [Edabukisa] Stiks nakwugwayi washo kanje, wathi sobhema I glue kuphele, kwalandela ugwayi, zayi nsangu manje sekwi wunga mfethu. Lento iyabulala mfethu iliqedile izwe. Stiks: Yazini hlehla sisebenzi, mina ngizozidalela ndlela thize. [Emuhlahlela amehlo] Awusesilo isekela lami, siyezwana… [Ephuma] Nsimbi: Okay okay-ke mfethu ngizoshaya I pull eyodwa! Stiks: [Ehleka] Yes! yes! Nangu six [Ephakamisa izithupha] Bengazi ngane! [Kusestaff room] Mrs Msomi: No hlala phansi maXulu. Mrs Mthembu: Cha! Ngeke angivumi ngisaya kuye ngifuna angitshele kahle ukuthi uyenziswa yini lento uMsomi. Yazi akufani naye… [Enxapha] Mrs Msomi: [Ecweba izinyembezi] Nkosikazi, you will make things worse. Ngisamthanda mina angifuni ukuhlukana noNomndayi. Mrs Mthemba: [Ethetha] Thanda ukuthini maNgcobo? Yazi phela cishe wakukhipha iso bheka nje unjani! Mina ngibuya kuyo lento angiyifiseli ngisho isitha sami. Sizodlala amadoda lento kumele iphele! Mrs Msomi: Sothi uma sifika ekhaya, aphinde angishaye futhi. Please maXulu mina ngiyakwazi ukuzilungisela ezakwami please… Mrs Mthembu: [Ehlisa umoya] Hhayi uma usho njalo kulungile maNgcobo. Make nje wakuthinta ungazise phela mina uMsomi angimesabi. Bengifuna ayobhadla ejele njengo Mthembu, mhlampe ikhanda leli eligcwele upelepele lizovuleka. Mrs Msomi: Asiyike lento Nkosikazi. Mrs Mthembu: [Enxapha] Nx! Nge annivessary yenu pho? [Ediniwe] Amadoda ayizinja kabi, yazi umuntu ufike umthande umike konke into akudingayo bese ezokubonga ngeplate eligcweleni yona! [Kusehhovisi lika Msomi] Miss Gumede: Hellow Msomer… Mr Msomi: Yah! Miss Gumede: Ubukeka ukhathazekile my husband, ufunani, I massage? Mr Msomi: No ngiryt khona into oyidingayo? Miss Gumede: [Ngezwi eliphansi] Come on Msomer ngizobona uyise wengane yami, [Esondela kuye] Bese sikukhumbule kodwa Nomndayi. No Msomi junior belokhu ekhala ubusuku bonke, manje awusho siyanini enkantolo? Mr Msomi: Inkantolo yani? Usangene yini ekhanda maGumede? Miss Gumede: Haybo angani wena ungithembisile ukuthi uzongishada! Ohh another thing Msomi I need a new ring yazi le isiyangibhora nje ngifuna the one with diamonds ehambisa ne neckless yakhona. [Emamatheka] Mr Msomi: [Ethwala izandla ekhanda] Awu kodwa Nkosi yami kanti mina ngenzeni, uwena ngala no- Nhlanhla, uMandla ungifuna imali yokukhokho enyuvesi umaNgcobo naye. UMseshi naye ula nemibuzo, ey okwami okwenzandla… Miss Gumede: Plus mina angihleki nje ngiyafuna ungishade phela ingane yami angifuni ibe umlanjwana, No! Ngifuna izalelwe emshadweni, ihlale nabazali bobabili. Ifunde ezikoleni eziphambili… Mr Msomi: Please please ngiyacela Pretty… Miss Gumede: Yes khuluma baby wami. Mr Msomi: Khipha leyongane ngizokwenzela noma yini! I’ll buy you a diamond ring… Miss Gumede: [Emangele] Habe! Uyazizwa uthini Msomer? Phela UNhlanhlah uyi diamond ring ngokwakhe, no that a big No! [Ezithinta isisu] Ngeke nje ukubone lokho over my death body! Futhi you only have few days if ungangishadi nje I’ll tell everyone ukuythi ngikhulele ingane yakho and that you were involved kwi shooting ka Zulu. Mr Msomi: [Ethetha] Kunje kunje kungenxa yakho! Angani ngakutshela form the start ukuthi ngiganiwe! Miss Gumede: [Emubuka ngeso lokufensa] Kodwa mina Msomer angizange ngikuphoqele and kwakumele u condomise if wawazi ukuthi you were not ready to have a child. [Esondela kuye] Yini olwani ulaka, usufuna umuthi ? [Eziphenya isiketi] Mr Msomi: Please! Suka eduze kwami… Miss Gumede: [Ezitshela] Haybo asiyindawo-ke, phela nami Msomer nginama needs njengomuntu wesifazane. Ukuthi ngikhulelwe doesn’t mean… Mr Msomi: Doesn’t mean ukuthini? Pretty kusemsebenzini la! Miss Gumede: Aybo kanti uNhlanhla samthola sikephi? [Esondela kuye besho bemuqabula] [Umseshi ukhuluma noThembi] Mseshi: [Ememeza] Yewena ntombazane woza la! Thembi: [Ezitshela] Yebo Mseshi. Mseshi: Habe yini wangikweqela amehlo kwenzenjani? Wagcaluza akumele ngabe useclassini? Thembi: U Mem akazange afike so sine free… Mseshi: OK! Ngifuna ukukubuza imibuzo emibalwa mayela ne c.d… Thembi: Aybo mina angisaphenduli lutho angani wena awunginikanga umehlo kaboni wami. Mseshi: Khululeka uzowuthola ntombazane. Are you sure ukuthi le c.d eyayikuZulu kwakungeyaMsomi? Thembi: Mseshi uThishomkhulu wathi angimuhambisele kuMsomi I c.d ebekade eyifaka kwi laptop yakhe. Angisho ukuthi he is involved ekulimaleni kukwaZulu kodwa nje kuyasolisa why kuthathwe I laptop kuphela? Kusobala khona lento ekade ikwi laptop! Mseshi: [Enqikizisa ikhanda] Uqinisile lapho khona okushaya amanzi… [Esithubeni kuqhamuke u Miss Gumede] Miss Gumede: Hello! Hello! Ninjani? [Emangele] Haybo wena akumele ngabe useclassini? Mseshi: Hamba ngibongile sisi. Thembi: Hawu kodwa umehlo kaboni wami… [Esho ehamba] Miss Gumede: Eh awuhambe wena! Ooh by the way my name is Miss G Mseshi: [Exwaya] Ngiyajabula ukukwazi Miss G, mina ngumseshi Buthelezi. [Bexhawulana] Miss Gumede: Ngqengelele! Awu Shenge! [Emamatheka] Mseshi: Nkosazane! Miss Gumede: Wow yazi nami I always wanted to be umseshi ngisakhula futhi nje ngisanalo lelophupho. [Emamatheka] Angikholwa ukuthi imina-lo okhuluma noMseshi [Emuxhawula futhi] I hope to learn a lot from you! Mseshi: Awu Serious unegalelo lokuba nguMseshi? Miss Gumede: [Ekhophozela] Kakhulu ngqeng’s. Mina nje ngumuntu ongazwani nento ebheke ecele angisaphathike ubugebengu. Ihhhe yazi ngakhumbula ngelinye ilanga sisakhula sisebancane ekhaya kulahleke imali. Ngimutshela umah ukuthi imali ithathwe ubhuti wami omncane, sebezame ngayoyonke indlela sebemushaye baze bakhathala. Mseshi: Hawu! Eshaywelani manje… Miss Gumede: Ngasho ngathi cha akangashaywa phela isigebengu siding i-logic mele usebenzis ingqondo! Qagela ngathola kanjani ukuthi uyena? Mseshi: Wathola kanjani? Miss Gumede: Kulula yabo if usesha someone phela mele usebenze ngabantu azwana nabo I mean asondelelne nabo. Angipholisanga maseko ngavele ngaqonda straight to his friends. Hawu basho-ke ukuthi imali bathenge ngayo oswidi namakhekhe! Mseshi: Habe! Ey uhlakaniphile Miss G eh? Miss Gumede: Uba yena? Ave ngihlakaniphile shame and futhi mina ngibazi bonke othisha bala esikoleni saseMajuba If you have questions let me know. I will be more than gratefull to assist you! Mseshi: Ngiyabonga Nkosazane Miss Gumede: Last thing bengicela kusasa sibe ne launch I have question ngokuba uMseshi [Emamatheka] I need to know more yazi I can even quit I teaching! Mseshi: Eeeeeh kulungile Miss G! Miss Gumede: Bye Mseshi: Bye [Ekhuluma yedwa] Ey kubukeka kulungile lokhu kwentombazane, ayi ngamtholake umuntu engizomusebenzisa. [Kuseclassen kwa 10a] Zinhle: Yes Themba wami this has to Stop! Yazi kuvele kuzwele kumina uma sebekuhlupha… [Edabukisa] Themba: Yes uqinisile Zinhle yabo namuhla ngoba bengekho kushaya umoya! Mina kodwa ngeke nje ngibabuke bengishaya. Zinhle: No akusiyo indlela yokulungisa izinto leyo Themba! Themba: [Egoloza] Aybona mina ngizoba indoda enjani Zinhle? Indoda eyisiyoyo nje eshaywa abanje abafana! Wena uzofeeler kanjani procteted uma unami? Zinhle: Themba it not about me feeling protected uma nginawe, either way akusizi ngoba uma sebekushaya kuba buhlungu kimi! Themba: [Enqekuzisa ikhanda] Yah! Ikhakho-ke manje ngizoyeka ibhola ngiyojima ukarate! [Ebheka phansi] Zinhle: Themba listern to me please ngicela ungibheke Themba: Yah! Zinhle: Angithi wena uyamuthanda uZinhle? Themba: [Ekhophozela] Yebo ngiyamthanda! Zinhle: Please phela baby wami enza njengoba esho phela uZinhle, ungaliyeki ibhola phela lelo ithalente lakho and futhi I think you should use it to fight against le discrimination. Themba: Kanjani Zinhle? Ngilisebenzise kanjani? [KuseStaff room] Mrs Mthembu: Nginesu Nkosikazi, kuzomele sazise nangu uMseshi Buthelezi ngalesisenzo sikaMsomi! Mrs Msomi: Habe! Angani ngiyachaza maXulu ngithi angifune muntu mina ozongenelela ezindabeni zakwami kanti wena uzwa kanjani? Angani ngikhuluma isiZulu nje! Mrs Mthembu: Phela mina mngani ngikukhathalele kanti futhi ngiyayazi lenkinga obhekene nayo ngibuya kuyo. Mrs Msomi: [Ehlisa izwi] Cha Nkosikazi, ngizothini uma esevuka ubhejazane engixoshe kwakhe? Mrs Mthembu: Akulutho maNgcobo okubalulekile ukuthi wena ungahlukumezeki, cishe nabazali bakho into yokugcine nje leyo abangayivumela sisi. Ubusuke wakhuluma nabo? Mrs Msomi: [Esholo phansi] Cha… Mrs Mthembu: Ayi ake ngikuyeke ntombi mhlampe usuyasho nje ukuthi waze wanesidina umaXulu. Mrs Msomi: Kanti akunjalo maNgcobo… Mrs Mthembu: Iheee heee ay maNgcobo! Mrs Msomi: Engabe usufuna ukuthi Nkosikazi phela ngiyalwazi lolohleko lusuke luzolandelwa indaba ngemuva. Mrs Mthembu: Ayi yabona le ngeke uyikholwe! Mrs Msomi: Iza nayo ngilalele ntombi! Mrs Mthembu: Ngisho usigqejezane, u glamour ndini lo waseGoli… Mrs Msomi: [Emangele] Selenzeni lelo yengandoda? Mrs Mthembu: Awubonanga yini sisi? Phela inkunzana isi-engaged ungabona ifake ekanokusho I ring le! Mrs Msomi: [Exwaya] Habe! Engabe isiphi leso sibhanxa asesirobhile… Mrs Mthembu: Asazi ntombi kodwa khona ubambe omkhulu ufish, efika nje la eMajuba use engaged. Phela thina sahlala iminyaka oMthembu begoloza nokusishada… Mrs Msomi: Usasho okuncane thina o-Msomi basilinda izinkulungwane zeminyaka bengafuni ukulobola. Ey futhi ayikho into ebuhlungu njengaleyo ntombazane, indoda ilokhu ishintsha izimoto ngapha nangapha lutho nje wena ayikunakile. Lapho no chommieser bakho abazibekile phansi bashada ngapha nangapha… [Behleka] Mrs Mthembu: Iheeee ungasho uliphinde lelo ntombi sekosinda ezamanje, phela amantombazane amanje wona ave enesibindi kabe lezi zethu izingane zivele zizicelele umendo. Mrs Msomi: Weeeeh ingako-ke namadivorce emaningi kanje maXulu, phela kumele kusuke kuyena enhliziyweni umfana noma umnomzane lowo. Mrs Mthembu: Ey ungasashongo ntombi, engabe konakalaphi endlini yakithi emnyama. Yazi phela imishado ave isimvela kancane kanti ngezikhathi zethu kwakukhathala wena wawungazi ukuthi uzoya kumuphi uyeke muphi! Mrs Msomi: Mina ngiyayibona inkinga maXulu. Mrs Mthembu: Awuphefumule ngizwe maNgcobo… Mrs Msomi: Inkinga iqala ekukipiteni mah! Phela umfana uma esakushela ningahlali ndawonye ukuthembisa izulu nomhlaba akuthembise ngisho nawo umshado imbala. Hambe-ke uyahlola naye, phela naye usuke engasasiboni isidingo sokuthi akushade ngoba usuke usuqale ngokugcinwa ngakho. Wena wake wabonaphi I political party eshela ama members ayo? Wake wamuzwaphi nje umfundisi eshumayeza abantu bakhe asebephendukile ethi mabaphenduke? Mrs Mthembu: [Ehleka] iheee wangehlula maNgcobo yazi phela ugeqa amagula ntombi! Mrs Msomi: Yebo injalo nje lento, siswele yona indlela yokwenza izingane zethu ukuthi ziyibone lento Nkosikazi. [Umseshi umi yedwa kusho kungena ucingo] [Kukhala ucingo] Mseshi: [Ekhuluma yedwa] Ey madoda ngizothini kodwa kuMnguni… [Eyiphendula] Mphathi wami! Mnguni: Ngqengelele, kanti kwenzakalani? Mseshi: Mphathi manje la… Mnguni: Manje ini, kanti umsebenzi wakho awuwenzi yini Buthelezi? Sekuyophela iviki lonke lutho wena ukufika ne report, noZulu naye uyalulama esibhedlela kodwa asikezwa lutho ngakuwe! Mseshi: Ngiyaxolisa Qwabe, ngiyathembisa lothi liyathambama elakusasa khona esizobe sesimbophile. Mnguni: Usho ukuthi awukatholi lutho nje? Mseshi: Ngathi umsolwa ula esikoleni saseMajuba, ngisola isekela lakhe leli abathi uMsomi. Ngoba ngisho nje mphathi ngathi kunuka okusantungwana khona ka esikoleni! Awungabe usadukiswa umkhondo tshela nabanye abaseshi bayeke mina sengimtholile umsolwa. Mnguni: Okay akube njalo kusasa ngithumela iveni! Mseshi: Makube njalo Msphathi! [uStiks no Nsimbi baphuzile balibangise ehhovisi lika Msomi] Nsimbi: Yabona Stiks ntandane! Imnandi leyaphahla yakho yooh yazi ngizizwe ngiseParis ngithe incinza elishisayo. Yazi mangibheka kahle ngathi bekumlungu u cream nange. Stiks: Ha haa haa ngikutshelile ngane lesa staff ngisivuse kude kabi. Ey nami ngivele ngazibona ngiphethe uThandi. Sine pic nic sihlezi esinandini esiluhlaza sishaya I wine ntandane. Nsimbi: [Ehleka] Ey uyaphupha sosha, phela loyamntwana akazishayi ngawe! Stiks: [Edabukisa] Ey mfethu yazi angisazi kuzomele ngenzenjani, angazi ngithatheni ngihlanganise nani sengicabanga nokumbamba ngendluzula manje. Nsimbi: [Emangele] Habe! I harassment phela leyo, mina nginalo icebo Stiks mastiksana. Stiks: Khuluma ngilalele ngane. Nsimbi: Kulula vele umkhafule! Stiks: [Emangele] Habe! ngimukhafule? You mean ngisebenzise umuthi? Nsimbi: Kulula Stiks, mina khona ukhokhovula lweNyanga engilwaziyo ekuthiwa uCele, ikuqoma ngalo lelanga… Stiks: [Ecabanga] Ngathi isu eliryt lelo [Befika bengqongqoza] Nsimbi: [Engqongqoza] Qo! Qo! Qo! [Bephusha bengena] Mr Msomi: [Emangele] Stiks! Nsimbi! Niphuzile? Ziphi izicathulo zesikole? Yini le eniyifakile? Stiks: Yini kodwa ukuba inyoni Msomi, awuyazi i-carvella? Nsimbi: Ayibonisiwe le-one, kufanele yakhula la eMajuba ilusa izinkomo. Mr Msomi: [Enxapha] Nx! Liphi I card lami? Stiks: [Emulingisela] “Liphi I card lami” Ey awukwahle wena, asizile ngalokho la, sisazophuma ehhovisini lenu! Nsimbi: [Emukhomba] Awushaye isixaxa manje! Mr Msomi: [Ekhala] Nkosiyami kodwa lezingane zifunani kumina? Izolo nithe uma nginika I card izophela lento… Stiks: Ey ey awukwahle ukutetema Msomi, yazi ukukhala kontomdala kuyibhadi kanjani, please awuziphathe kahle [Enyipha] Mr Msomi: Please ishoni into eyodwa eniyifunayo ngiyathembisa ngizonenzela. Nsimbi: Uyethembisa Msomi? Mr Msomi: Yebo Stiks: Yangizwisa Nsimbi? [Bebukana] Mr Msomi: Khulumani phela! Stiks&Nsimbi: [Besho kanye kanye] SIFUNA UYEKE UKUTETEMA [Behleka] [Sekuyikhathi se break] [umaGoge ukhuluma nomaHlongwa] maGoge: Sikhuluma nje ngabe mhlampe sikwagoqa nyawo maHlongwa, bonga mina nje ngokusebenzisa umuthi kaCele. maHlongwa: Ngibonga wena noCele nkosikazi bengizoba yini nje kodwa ngimushiye nobani untombazane wami uNomsa. Ngathi esamuncane kanje ezifundela u grade-08. maGoge: Loyamfazi akanazwelo ushiya kuvalwe ngehlahla, yazi uthakatha aze abulale ngisho ikati! Ngiyakutshela inkosi impela. maHlongwa: Manje kuphilwa kanjani nomuntu onjalo maGoge? Phela into yokuhlizwa libalele leyo! maGoge: Sekwahluleka ngisho amaphoyisa nkosikazi,kuthiwa uma eyomubobha afike amubuze kuye! maHlongwa: [Emangele] Habe! Ngeke Nkosikazi kumele kwenziwe something ngalomfazi. maGoge: Angani iyo kanye into engiyikhulumayo ngifuna sibe imbumbe maHlongwa sihlanganyele lomthakathi phela sengehluleka ngizama ngedwa. maHlongwa: Akugeji ngiphakathi. maGoge: [Emamatheka] Ngiyabonga maHlongwa, sekungcono usekhona umuntu esikhuluma ulwimi olulodwa naye. Phela amanye amakhosikazi bevele athi ngiyamusukela. maHlongwa: Laphi khona? MIina ngizikholelwe ngibone ngalawa awami womabili! Uqale ngoZulu wazama thina kwashuku siphethe ukhokhovula lwethu uNdosi [Behleka] maGoge: Ngiyathanda lapho! Ngifuna sithole umuthi uzoshaya uqede ngifuna uphele nya umndeni wakwa Thwala! maHlongwa: [Exwaya] Hawu kodwa Nkosiyami ngisho nabantwana bakhe? maGoge: [Emangele] Habe! Yini nabo uyabadabukela? Angani naye umaThwala wawuthi ngiyamesukela! Angani izona izingane lezi ezithakatha kakhulu, izona ezafakela uThembi umuthi angazi usewuphinde kangaki nje u-6 umntanami? Buka nje sesilokhu sihlehlisa umshado wakhe! [Enxapha] Nx! Ngizinyanya kabi leza zingane mina maHlongwa. maHlongwa: [Edangele] Phephisa, mele uke ubikele uCele mhlampe uzokusiza. maGoge: [Ekhulumela phansi] Angani wathi uCele kuzomele kuqale kugudluke zona lezizingane kuqala! maHlongwa: [Ememeza] Zibulawe? maGoge: Cha ehlisa izwi phela, [Ehkeba] wathi kumele ngibulale noma eyodwa kuzona. Bengicabanga ukugudluza lokhu komfana ngoba ngathi kuyazithithizela kuyi easy get! maHlongwa: Cha! Cha! Cha! Ngeke mina angisiye umbulali maGoge, if sekubulawa nabantwana ngathi ngeke ngisebenzisane nawe. maGoge: [Ezithuntutha izandla] Yini kodwa ukuba u Thomas, ufuna ukukholwa ngokubona? Ufuna baze bathakathe uNomsa bese kuyima ukholwa? Yini awungithembi, phela imina osindise impilo yakhe sikhuluma nje ngabe usudabule abafu. maHlongwa: Ayi kulungile maGoge… [Kuso isikhathi se break uThandi, uThemba kanye noZinhle bayazixoxela] Thandi: [Ehleka] Ngiyakutshela wena Zinhle i-smile asiphele kuThemba ngisho ungamuvusa kwamabili, kodwa ngizibuza ukuthi yini le engaka emujabulisayo. La engasola khona phela inkunzana yayicula ingoma ka Lamar, wawungabona uthando lubhalwe emehlweni… [Behleka] Zinhle: [Emamatheka] Ooh that song, cabanga ngoba wangiculela yona… Thandi: Wow! Serious? Wayengabhimbi nje? Themba: Ayi ayi yabona-ke nihlangene ngami la! Zinhle: Lutho-ke shame yazi ngendlela ayicula kahle ngayo, I prefer to listern to him over Lamar. Thandi: Weh mah, yini engathi nawe udlala uthando… Themba: Hamba manje Thandi, ngathi usunezindaba eziningi. Sokubona sisters! [Ecifa iso] Zinhle: Aybo uthi ayephi uskwiza wami? Kusamnandi kabi ukuhlala naye. Thandi: Ayi, ake ngihambe nakhu engixosha uThembalamantungwa! Useyasho nje ukuthi ngaze nganiphazamisa mhlampe usefuna amanzi e orange [Behleka] Themba: [Ekhophozela] Aybona. Thandi; Bye! Zinhle: Bye girl! I real love your sister yazi ave elungile… Themba: Ey ukuthi uphaphe too much naye yooh! Zinhle: Yea but atleast once you should appreciate ukuphapha kwakhe, it one of the main reasons i’m with you right now. Phela nami ngiyamubonga kakhulu, ngangizokwazi kanjani nje ngaleya letter? Themba: Yah! Yah! Yah! Zinhle: [Emamatheka] haaah ahhaa you don’t wanna hear that right? Nami nje angibi right if ngisizwe uVusi engathi izinto ngingazenzela mina. Themba: Haybo mina Zinhle angizange ngisho njalo. Zinhle: I’m kidding [Evula isikhafitini] nanka Themba ama semiji engikwenzele wona… [Endleleni uThandi ahlangane noStiks ehamba noNsimbi] Stiks: [Eguqa phansi] Awu kodwa Thandi sphalaphala saseMajuba… Thandi: Ey ey please awusuke ngicela ukudlula… Stiks: Ngiyakucela Thandiwe, ngiyacela nami ukuba ngothandiwe inhliziyo yakhe. Thandi: [Enyipha] Mina ngithandane nawe? Uphuzuile yini Stisks? Ngigancamele ukufa shame mina angiba date osikhotheni! Abantu abangazi noma liyaphuma noma liyashona. Stiks: [Esukuma] Awu Thandiwe, buka ngathi ngigqoke ne carvella ngithi mhlampe uzochazeka! Thandi: Mina ngichazwa I carvella? Phela mina angisilo ikhayidi shame! [Esho ehamba] Nsimbi: Aaaah iyeke lento Stiks isidomu asiyazi I cravela ukuthi iluma kanjani. [UThemba noZinhle bayaxoxa] Zinhle: Eish! Themba: [Emangele] Yini Zinhle? Yonke into i-right? Zinhle: Themba can I ask a favour? Themba: Yes! Zinhle: Naba o Stiks no Nsimbi bezangala please Themba, if they provoke you, please ngicela ungabashayi please. Ungaphindiseli ngiyakucela Themba wami… Themba: [Egoloza] Ayi ngeke ayi ngeke Zinhle… Zinhle: Please Themba! [Basho betheleka] Stiks: [Emangele] Ha ha ha! Yangibonisa Nsimbi? Nsimbi: Haybo ngoba ngithi lenja siyixoshile nje, kuphinde kwenzeka kanjani? Stiks: Ey la nenzani la? Niyajola? Uthini umthetho wesikole? Zinhle: Stiks please ngiyacela u… Nsimbi: Ey thula futseg wena sfebe! Themba: [Ediniwe] Yabezwa-ke Zinhle? Yabezwa? Mina ngibekezelele lento? Stiks: [Esondela eduze kwakhe] Yewena uzokwenzani? Yini usunamasende aluhlaza eh? [Emukhomba] Wena usuyagoloza! Nsimbi: Asiyishaye lenja izophuza ukusaza [Emuphushela phansi] Stiks: Shaya! Shaya! Wake wayidla I carvella eh? Themba: [Ehefuzela] Stiks! Nsimbi! Nsimbi: Yewena snayi amagamethu akusiwo awokunwaya izisini, nx! Thembi: [Ehefuzela] Kanti kanti bafwethu nganenzani? Stiks: [Ecweba izinyembezi] Uyazibuzisa uyazibuzisa mthakathi, ingoba ungazi ukuthi unyoko wamenzani kumah wami? Themba: [Ekhala] Angazi lutho mina angazi lutho mina… Stiks: [Enxapha] Nx! [Emufela ngamathe] [iNkosi uMkhize ukhuluma no maDlamini] maDlamini: Ngibuza ngoba baba ukumamatheka akusapheli ebusweni bakhe… Mkhize: Shuthi phela ingane izijabulele kulamalanga. I-laphi inkinga lapho? maDlamini: Kodwa loku kujabula okungapheli Khabazela? Mina ngiyasola ngathi useyabonabona uZinhle umntanami… Mkhize: [Enqikizisa ikhanda] Hhayi hhayi maDlamini ngathi wena uthathela izinto phezulu, uZinhle usamuncane kabi kanti futhi ukhona noGatsheni umuqaphe ngeso lokhozi. maDlamini: [Ehleka] uGatsheni baba? Ngathi ehlezi eziqhubela imbuzi, uZinhle ngiyamazi usekabi angavele amurobhe nje kakulula. Mkhize: Hhayi angivumi, wena njalo nje uhlezi ufuna ukusukela inkosazane yami. maDlamini: Phela mina ngaba intombi ngashelwa ngaqoma, ngiyakwazi ukubona uma umuntu eseziqalile lezinto. Mkhize: Kulungile phela, waba intombi kodwa awuzange ube uZinhle! maDlamini: Mina ingixakile leyokuthi kumele ufonele uMsomi umtshele abuyisele umfana esikoleni, uthi bekungasilo nje isoka lelo? Mkhize: Cha! Uchazile nje nkosikazi ukuthi umfana oxakekile abafunda naye eclassin. maDlamini: Ayi uma usho njalo Gcwabe kulungile, phela angifuni sihlangabezane nenkinga baba, akobe uyasikhumbula isivumelwano esasenza nomndeni wakwa Khuzwayo. Mkhize: Khululeka ugcwale ubhavu, angisoze kanti futhi angisikhohliwe. [Isikole sesiphumile uZinhle ukhuluma noVusi] Zinhle: Yini ulindeni vele? Vusi: Habe! Ngilinde wena! Zinhle: [Exwaya] Usuqale nini wena manje ukungilinda? Vusi: [Ediniwe] Angani ufuna ukuye emadoden, ngiyawazi lomqondo wakho. Zinhle: Amadoda ani Vusi? Please Mkhize awuna-ke izindaba zakho. Ngikhuluma isiZulu ngithi ngizohamba noThandi. Vusi: [Emukhomba] Uze uzibhasobhe lezayzingane zakwaThwala. Zinhle: Haybo banana? Nawe you believe in that stereotype Vusi? That’s really unlike you. Vusi: Isalakutshelwa sibona ngomopho, qhubekake! [Esho ehamba] Zinhle: [Ememeza] whatever! And another thing you have no right yokungikhethela abangani! [UThandi noThemba basendleleni ebuya esikoleni bayazixoxela] Themba: [Ephatheke kabi] Thandi uphi uZinhle? Thandi: Yazi nami I was about to ask the very same question, angimazi kuwena utheni? Themba: Bethe uzohambisana nathi maybe khona into emubambile. Thandi: Yebo kungenzeka, Themba mntaka mah can I share something with you? Themba: Yebo ngilalele. Thandi: [Ezikhwehlelisa] Themba you the most fortunate guy in this world to have Zinhle as your girlfriend. She really loves you, she believes in you more then I do, at times I get jealous. Please please I beg you ngiyacela Themba mntana sekhaya uze ungayihluphi ingane yabantu. Unenhlanhla muhle kanti futhi ungowasebukhosini. I’m so happy for you, and always know that you have my support I will always be by your side. Themba: [Emamatheka] Yebo ngiyezwa! Thandi: She’s the only person okwazi ukwenza wena uveze leso smile. I demand ukusibona njalo, please don’t let it fade away. I’m not sure whether it your first time or not, but to tell you its not an easy journey. All the best my brother. [Evula izandla] Themba: [Emuhaga] Ngiyabonga sister’s. [KuseMzini kwaMkhize uZinhle no Vusi babuya esikoleni] Vusi: Akusizi ukuthi ulokhu ungigolozela la! Zinhle: [Ediniwe] Ukuthi wena nje ave uthanda ukuzenja ubaba wami, uwena ngapha uGatsheni ngapha yazi phela nina seniyiphela endlebeni yami! maDlamini: Ayi ayi sekwenzenjani manje? Vusi: [Emukhomba] Buzayena lo mah. maDlamini: maMkhize kwenzenjani? Zinhle: UVusi mah uyangigada nje… maDlamini: Kufanele phela ubhuti wakho mntanami. Vusi: Lo uhamba nabangani okuthakathwayo emakubo… [Esithubeni kungenelele uMkhize] Mkhize: Habe! Yini loyikhulumayo Vusi? Ungaphinde uyikhulume leyonto, siyezwana? Wazini wena ngokuthakatha? Abantu bazokubulala qede futhi uhlawuliswe, ukunuka umuntu kuyicala elikhulu kabi. Vusi: [Ekhophozela] Yebo baba. Zinhle: Kade ngimutshela babah [Emukokozela] Vusi: [Ekhomba uZinhle] Wena asiqedile nawe! maDlamini: Hambani niyoshitsha ukudla kwene sengikulungisile ngikufake kwe micro wave. Zinhle&Vusi: Yebo mah! [KuseMzini wakwa Thwala] Thandi: Yazi bengithi sofika umah esekwazi ukukhuluma. Themba: Uthe udokotela kuzothatha isikhashana, sibenenhlanhla ngoba lusasebenza uhlangothi. Thandi: [Emangele] Ha! Usho ukuthi ngabe akasakwazi ukuhamba? Themba: Yes ushonjalo. Thandi: [Edabukisa] Cha I stroke ave siyinkinga, besizoba yini nje kodwa ngo mah. [Kusebusuku uMrs Msomi ukhuluma no Mrs Msomi] Mr Msomi: Nkosikazi kanti wena uzongidinelwa koze kube inini? Mrs Msomi: Nomndayi kanti wena uzoxolisa koze kube inini? Mr Msomi: Ngiyathembisa ngiyagcina namuhla maNgcobo, okokugcina ngci! I promise. Mrs Msomi: Yazi kodwa lento oyenzayo ave ingafani nawe, yeka uthando enginalo ngawe Msomi. Mr Msomi: Nami ngiyakuthanda Nkosikazi, kodwa izinkinga engibhekene nazo. Mrs Msomi: [Ekhala] Ziphi izinkinga baba? Iziphi lezizinkinga ezingaka ongafuni ukuzixoxa nami? Khumbula phela thina sasizwana njengo bhuti no sisi. Kwashonaphi lokho Nomndayi? Intoni okumele ngiyenze Hlombe? I really miss an old you! Mr Msomi: Akukho maNgcobo imina nje okumele athembeke kuwe… [Kusekuseni emzini wakwaThwala uThandi no Themba balungiselela ukuya esikoleni] Themba: [Encumile] Cha umuhle mntaka mah angikhathali futhi ukukutshela. Thandi: [Emamatheka] Ngiyabonga bhuti, yabo ukube siyasazi lesigebengu esiwubaba ngabe mhlampe ngithi ngibukeka njengaso. [Behleka] Miss Thwala: [Eshwashwada] Kanti nami ngangimuhle njengawe mntanami… [kwehla izinyembezi] Thembi: [Emangele] Hawu! Thandi: [Emangele] Mah usuyakhuluma. Miss Thwala: Ngayisiphalaphala sentombi uphuma langa sikothe. Ayikho insizwa eyayingazibi kimi futhi mina Thandiwe cishe ngangumuhle ngisho ngaphezu kwakho. Thandi: [Ecweba izinyembezi] Mah kwase? What happened? Themba: Kwenzakalani mah? Miss Thwala: Nanisebancane kakhulu cishe wena Thandiwe mntanami wawunezinyanga ezintathu. Sabona ngelanga kanti sekuvutha I rawondi ngathi ngiyaphathaza ngikuqalaza kwimbeleko kawukho kwacaca ukuthi ngikushiye ngaphakathi… Thandi: Hawu mah kwase? Themba: Kwenzakalani mah? Miss Thwala: Kwangiphoqela ukuthi ngingene kuwo lawo malangabi ngisindise impilo yendodakazi yami. Thandi: [Ekhala] Kodwa mah bungasho ngani sonke lesisikhathi? Ngiyabonga mamah wami! Miss Thwala: Uze ungadlali ngalobo buhle mntanami ngoba nami ngobami… END OF EPISODE-8
Posted on: Fri, 28 Nov 2014 08:18:36 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015