KUXABENE UBENDLE By Zamokuhle Kwaito - TopicsExpress



          

KUXABENE UBENDLE By Zamokuhle Kwaito Khumalo ISIQEPHU-01 Isimo simanzonzo emva kokubulawa kwe Nkosi yesigodi sase Mfezi u Cijimbi Khumalo. Amakhosikazi akhona akhihla isililo sika Nandi, kubune ngisho izihlahla ngisho nezintaba zakhona kuyabonakala ukuthi azeneme neze. Usizi lubhalwe emehlweni esizwe sonke samaNtungwa. [USolomuzi oyinkosana endala ka Khumalo ufunda iphephandaba elibhalwe ngamagama amakhulu amhlophe ukuthi “IBULAWE NGESIHLUKU INKOSI YAMANTUNGWA” bese ngenhla lizoba nesithombe esikhulu seNkosi] Solomuzi: [Ecweba izinyembezi] Baba, Mntungwa, Mbulaz’mnyama. Wangetha kahle wangetha elika Solomuzi. Kusukela namuhla sengizawukuba iso lomuzi wamaNtungwa. Isizwe sama Nguni siyinyathele emsile sizobona ukufana kwezinqa…Ngeke ngeke kuze kugcine sona… [Uthe esakhuluma kwavele kwatheleka u dadewakhe uZinhle] Zinhle: [Ekhathazekile] Solomuzi mfethu… Solomuzi: [Ethuka] Zinhle wavele watheleka nje, awungqongqozi ngani? Zinhle: Yini ngawe, kodwa ungenwe yini? Solomuzi: Ngingenwe yini makwenze njani? Zinhle: Solo sonke sibuhlungu ngokukhothama kwa baba. Lobuhlungu obuzwayo nathi siyabuzwa. Le yokuyoqala udlame angiboni kuyisu elihle, ukubuyisela okubi ngokubi akulungile nebhayibheli liyakusho lokho. Solomuzi: [Ngesankahlo] Nebhayibheli lani lelo bhayibheli lizombuyiso ubaba? Lizowubuyisa umhlaba wakithi owathatha isizwe samaNguni? Zinhle: Akukapheli ngisho iviki sitshale ubaba, wena usufuna ukuqala phansi ususe izimpi! Kumele simumhloniphe ubaba simzilele ngendlela… Solomuzi: Hhayi! Ukuzila kwani? Iqhawe alizilelwa, wena nje ungikhulumela imbuda mbudane. Yabona labantu ababulale ubaba bazoyikhotha imbenge yomile. Bazowukhomba umuzi onotshwa… Zinhle: Ngiyacela, ngicela ungayenze leyonto mfowethu. Cabangela mina owenza ibange leshumi ngizoba yini esikole, phela indlela eya eskoleni idlula khona ngase maNgunwini. Solomuzi: Khululeka ngeke baze bakwenze lutho. Uma bengathinta wena kobe sebethinte mina uqobo, kobe sebefuna umphefumulo wami. Zinhle: [Ebalisa] Lento ofuna ukuyiqala izosusa okhulu umsindo lo. Ayilunganga ayilunganga neze, phela izimpilo zethu zizoba sengcupheni umuntu usezolala ubuthongo benyoni. Wazi kahle kamhlophe ukuthi laba bantu bayingozi kangakanani Solomuzi… Solomuzi: Uma bake baba ingozi babeyingozi ngesikhathi sika baba u Cijimpi, seligaya ngomune umhlathi manje, sekubusa mina u Shiya lemfene. [Ezishaya isifuba] Zinhle: [Ezitshela] Aybo kwahle-ke weh Shiya lemfene, ubusa kusukela nini? Mhlawumbe usulibele, awukagcotshwa ukuthi ube iNkosi. Solomuzi: Ha! Ha! Ha! Washo engathi ngizogcotshwa emva kweminyaka ezinkulungwane dadewethu. Ngizothumela iNduna u-Gatsheni ukuthi abize ingqungquthela, ahlabe umxhwele azise wonke umuntu wala e Mfezi ukuthi kusasa umcimbi wokugcotshwa kwe Nkosi. [Emamatheka] Lothi lizilahla kunina nje, mina ngizobe sengiy’Nkosi ngokupheleleyo. Zinhle: [Emangele] Kanjani nje? Solo ungayenza kanjani into enjalo, yazi phela sizophenduka inhlekisa kubantu… Abantu ngeke baze bayivume nje leyo. Solomuzi: Uzobona abantu bazobe belingana nezimpethu zendlovu, bazophuma ngobuningi babo bezothamela lomcimbi. Zinhle: Ngeke mfowethu, ngeke angivumi abantu bazothi… Solomuzi: [Emephula ulimi] Bazothini uma kuthiwani? Phela imina iNkosi, umthetho ushaywa imina onenkinga nalokho ngizomdingisa kulesi sigodi! [Esithubeni kutheleke u Gatsheni] Gatsheni: Eh Solomuzi be… Solomuzi: Ibambe lapho-ke Bab’ Gatsheni, Ngicela ungenzele nje. Hambo hlab’mxhwele wazise bonke abantu ukuthi ngiyagcotsha kusasa. Gatsheni: [Engingiza] Eh… Eh… Kodwa Solomuzi be…bek’ngakuhle… Solomuzi: [Emephula ulimi] Ya. Bekungakuhle uma lento engikutshela yona ingenziwa manje! Gatsheni: Yebo Solomuzi, yebo Ndabezitha! [Ekhokhoba ephuma ngomnyango] Solomuzi: Yabona-ke dadewethu! Iyona lento engikhuluma ngayo yabona ukuthi bangisaba kanjani? Zinhle: Ey awukwahle, ubusukhulumile no Bab’mncane ngalento? Solomuzi: Ayi…Wazini loyo? Into ayaziyo nje amambawu. Nginesiqiniseko sokuthi la ekhona uqhuba imbuzi ucwile kuzo izinkambi zikaFaru. Zinhle: [Ehleka] He he hee…Ey ave ubheda. [Kusesigodini sama Nguni, zimbiwe insele yazishiya wonke umuntu ufinya ngendololwane. Abantu baningi babulala inyoka emzini we Nkosi. Babodwa abaphuzayo, amakhela nezinsizwa zizishayela ingoma. Nabafanyana abasakhula babhulana ngezinduku esibayeni balwela iphaphu.] [Kungaphakathi endlini u Sakhile ukhuluma noyise u Mnguni] Sakhile: [Exwaya] Baba, bonke labantu abangaka bazokwenzani layikhaya? Mnguni: Ayi Qwabe akukhulunywa kanjalo mfana, phela lesi isizwe sakho Sakhile, ngelinye ilanga uwena uzobe uphethe labantu. Sakhile: Mina ngibuze ukuthi bafunani lay’khaya. Noma owani lomcimbi obenzele wona… Mnguni: Ohh ayi sengiyakuzwa-ke manje mfana. Namuhla sibungaza usuku olukhulu singa Nguni… Sakhile: Usuku lwani baba? Mnguni: Kunalendawo engale kwe Ntaba iNsengeza. Leyandawo besiyibanga nesizwe samaNtungwa, namuhla isingeyethu ngokuphelele. NeNkosi yabo futhi ayisekho… Sakhile: Ay’sekho ikephi, baba niyibulele? Mnguni: Ibisigugile vele leyanto, u Bhengu uvele wayabhokoda kanye ngomkhonto yavele yazithulela. Sakhile: Baba, leligazi enilichithayo nizak… Mnguni: Mfana usuyabheda manje, suka la eduze kwami uma ungazi ukuthi ufuna ukuthini. [Kungaphandle esigcawini u Bhengu oyiNduna ye Nkosi ukhuluma nesizwe] Bhengu: [Ememeza] Mayihlale phansi ibamb’mthetho! Isizwe: Mayihlale phansi ibamb’mthetho! Bhengu: Hlala phansi! Isizwe: Sengihleli! Bhengu: Hlala phansi! Isizwe: Sengihleli! [Sonke isizwe sihlale phansi silindele induna ukuthi ikhulume] Bhengu: MaNguni amahle i Nkosi khona efisa ukukudlulisa esizweni sayo. Isizwe: Yebo Mhlonishwa! [Akuphelanga isikhathi esingakanani yabe isithelekile i Nkosi esigcawini] Isizwe: [Bephakamisa izandla] Ndabezitha! Qwabe! Oyeye! Mnguni: [Ezikhwehlelisa bese emamatheka] Eh ngiyabonga ngiyanconcoza maNguni amahle. Ibambe ngakho! Ngiyajabula ukunibona nibahle futhi nihlangene. Ngiyacabanga wonke umuntu uyazibuza ukuthi kungani iNkosi incume kangaka. Isizwe: Ndabezitha! Mnguni: He he he he! Baye bathi ukujabula kuyashintshana, namuhla ngiyabona ngathi kujabule isizwe samaNguni. Ngithi anginazise ukuthi iNkosi yama Ntungwa ifile ikwagoqa nyawo sikhuluma nje, kade itshwala khona namuhla. Isizwe: [Bejabule] Yebo! Yebo! Ibambe ngakho! [Sajabula kakhulu isizwe kuhle kwengane yamukeliswa amaswidi noma mama bekikiza] Mnguni: He he he! Okusho ukuthi umhlaba usungowethu ngokuphele. Asisawubangi namuntu! Isizwe: Bayede! Ndabezitha! Mnguni: Esinakho nesiyikho namuhla kungenxa yale Nsizwa [Ekhomba u Bhengu]. Sondela Bhengu bakubone baba. Lensizwa idlale iqhaza elikhulu ekugudluzeni isitha sethu. Iyona ezonilandi ngohambo lwayo… Sondela baba. Bhengu: Ngiyabingele esizweni! Awu nathi bo Ngcolosi asibancinyanga sesikhuluma emva kwama Khosi. [Emamatheka] Uhambo lwami belungelula neze kwazise lendoda engangibhekene nayo bekuyinkunzi yangempela. Okwasizayo kakhulu ukuthi ngiqale enyangeni yami ngokukhendla. Ngayifica emasimini iqunusile inkunzana, angibange ngisapholisa maseko ngevele ngamubhokodo ngomkhonto emqaleni. [Emamatheka] Isizwe: [Bejabule] Yebo! Yebo! Uyindoda! Iyaqhubeka Ngiyabonga
Posted on: Fri, 02 Jan 2015 13:12:54 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015