MPHEFUMULO WAMI WOPHELELAPHI NA? (UMBHALI U-KHULEKANI N - TopicsExpress



          

MPHEFUMULO WAMI WOPHELELAPHI NA? (UMBHALI U-KHULEKANI N IMBONGIYODUMO NHLEKO) Bongiwe mzukulu ngicela uzihloniphe nalapho uyakhona, imfundo iwona khiye wempumelelo yakho, sengithembe wena uwena osuyongingcwaba mzukulu, uze uziphathe kahle uwuhloniphe umhlaba unyathele ngokucophelela lawo ngamazwi ashiwo nguMaDlamini ugogo kaBongiwe ngenkathi uBongiwe ehamba ekhaya eyofunda eThekwini, e-University of KwaZulu Natal lapho wayeyokwenza khona izifundo zakhe ezimayelana nomthetho . Phela uBongiwe lona wabe ezalwa indodakazi kaMaDlamini eyashona eminyakeni engamashumi ababili eyadlula kanti uBongiwe wabe esemncane kakhulu empeleni nokwathi emva kweminyaka emibili kushone unina kwasekulandela uyise, uBongiwe wasala eseyintandane nakuba kunjalo uMaDlamini wakwazi ukukhulisa umzukulu wakhe ngemali yempesheni abe eyithola kanti futhi wabe esizwa nayiyo imali ekhishwa uHulumeni yokubhekelela izintandane. Njalo ukuphela kwenyanga igxenye yemali yesibonelelo kaBongiwe njengentandane yabe ifakwa ebhange ukuze akwazi ukuqhuba izifundo zakhe uma eseqede ibanga leshumi, Phela lokho kuwumgomo ohambiselana nalemali. Yabe isikhonyana yona impela ngenhlahla uBongiwe waphasa kahle ebangeni leshumi nokwenza ukuthi asithole isikhala enyuvesi, Phela kwabe kungelula kuye ukuthola isikhala njengentombazanyana yasemakhaya izinto azikho eduze uma ufuna ukuPosa kumela uye edolobheni nolwazi lokuthi isicelo sifakwa kanjani lwabe lungatholakali kalula kodwa uthisha wabo wazama ukubanika ulwazi wabatholela namafomu okuthiwa ama-C-A-O forms, Phela uBongiwe Ngowase Hluhluwe esigodini esibizwa ngokuthi yisoDakaneni, waba nenhlahla ngoba wasithola kalula isikhala enyuvezi, nokwenza uMaDlamini waba nethemba lokuthi usezohlukana nosizi. Nembala wahamba wayofunda uBongiwe kwelaseThekwini enyuvesi ya-KwaZulu i-UKZN. Njengoba wabe esekhule ngokwanele wabe esenayo imvume ephelele yokuthi azikhiphele yena imali yakhe eyabe isebhange eyabe ibekelwa ukuthi afunde kwazise akasasitholi nesibonelelo sikaHulumeni phela usemdala manje. Cishe esikoleni waya izinyanga ezine kuphela phinde ukubonakala esikoleni, kanti nasekhaya akasaziwa neselula yakhe ayisangeni. Sekuyiminyaka eyisithupha uBongiwe alahleka ekhaya akaziwa esikoleni akaziwa konke lokho kwamphatha kabi uMaDlamini wabe esefune waze wadela kodwa lutho ukuthola umzukulu wakhe. Abanye babemkhomba khona lapho eThekwini ko-Point, abanye bemkhomba ko-Mbilo koClairwood nako Maritzburg koMbali kuma- section akhona ngokwehlukana kwawo. Kodwa lutho akatholakali. Empeleni uBongiwe akayingenanga eyokuyofunda waya okwalezo zinyanga ezimbhalwa waqede wazihlalela wansi wazidlela imali yakhe phela wabe esephuza ebhema unkabi lo kanye nabangani bakhe abathola khona kuma-Club, kwanele kwaphela imali ebhange wabe esengena emsebenzini wakudayisa ngomzimba khona lapha eThekwini wabe edudene nomngani wakhe uNokuthula ngenkathi bengena kulomsebenzi bafika bathola abanye khona lapha. Eqinisweni nje uBongiwe wabe engasenguye lowaya okwakuyingane ezihloniphayo phela wabe esedla nezidakamizwa. uMaDlamini ubese ebheke wadela ngenkathi ethola umbiko othi umzukulu wakhe ushonile, uBongiwe watholakala eseshonile kanye nenye indoda eyabe ingaziwa batholakala behlangene kodwa sebeshonile nokwaze bayohlukaniswa esibhendlela. uMaDlamini wenza yonke imizamo ukuthi afihle ithambo lomzukulu wakhe esizwa yibandla lakhe kazise wabe engumkhokheli ebandleni. Kwaqashwa imoto eziwa onke amalungiselelo. Yinkonzo yokuvalelisa uBongiwe ngaphambi kokuba ayobhekwa endlini yakhe yokugcina Bazalwane ngiphoxeke kakhulu ngomzukulu wami engimkhulise kanzima maqede waduka nezwa waze watholakala esefele emanyaleni......akhale lowo kwabe kunguMaDlamini. Kuphunye ekhaya sekubhekwe emathuneni, sekusemathuneni ngenkathi kuqhamuka unyanyavu lwemoto kanokusho yohlobo luka-BMW imihlobo esanda kuphuma eyabe inamantombazane odwa, abe efake ezincane izigqembe emotweni kudlala umculo udlalela phezulu, Baphenduka bonke abantu bayibuke lemoto emva kwesikhashana ehla lamantombazane aqonda khona emathuneni empeleni kwabe kungabangani bakaBongiwe ayesebenza nabo kulomsebenzi wokudayisa ngomzimba. Nembala afika amabuqamanyana nje wayekhona noNokuthula okwabe kungumngani omkhulu kaBongiwe, yaqhubeka inkonzo abaningi besadidekile indaba yalamantombazane angaziwa lapha endaweni, uMfundisi uNgcobo waqala ingoma ethi Ithemba lami ngonyuka nalo ngilibambe ngesandla ngize ngiyongena nalo ekhaya ezulwini nokwathi uma eyimisa wafaka ethi Ezulwini ayingeni imithwalo, isango lakhona lincinyana wathi lapho eyivala nayo wafaka ethi MPHEFUMULO WAMI WOPHELELAPHI NA?, ILANGA LAMI SELIYASHONA NKOSI NGUWE OWAZIYO wathi lapho engakayiqedi enye yalamantombazane angaziwa afike ngonyanyavu lwemoto yaphakamisa isandla lapho isiyasidinda isililo, bemangele bonke abantu yilentombazane abangazi ukuthi ifuna ukuthini uMfundisi uNgcoba wathulisa bonke abantu wabiza lentombazane eyabe iphakamise isandla, yasondela eduze kwakhe wabe eseyinika ithuba ukuba isho efuna ukukusho, Ngiyaxolisa ukuphazamisa, igama lami nginguNokuthula Ndlela....ikhale....uBongiwe bekungumngani wami omkhulu---ikhale---- nami----ngingomunye obesebenza naye kulomsebenzi wokudayisa ngomzimba kusho uNokuthula, kubabaze wonke umuntu lapho uMaDlamina usekhale waze waphathwa isibibithwane, munikeni ithuba aqhube untombazane kusho uMfundisi uNgcobo Besize lapha njengabangani ukuzofihla umngani wethu, bengimele kude kodwa ingoma eculwe nguMfundisi ethi: MPHEFUMULO WAMI WOPHELELAPHI NA?akhale kuqhuba yeba belu uNokuthula yiyo lengoma engenze ngazithola sengiphakamisa isandla ngoba ngilaphanje ekhaya angaziwa ngalahleka eminyakeni eyishumi nambili--akhale bonke abantu selelusizi ngendlela emangalisayo, babodwa abathi lentombazane iyababambezele bajahe ukuqeda qhubeka ntombazane kusho uMfundisi uNgcoba Okubuhlungu ukuthi angazi ukuthi uma ngingafa namuhla umphefumulo wami uyophelelaph---i---akhale, yingakho nje ngibone ukuthi lelithuba lingabe lisangedlula Mfundisi ngiyazinikela enkosini, futhi uma ngisuka la angisabuyeli kulamanyala akade ngiwenza sengiya ekhaya ngiyoqala impilo entsha noNkulunkulu wami kuqhuba uNokuthula ngezinyembezi. Ndodakazi ngiyakubongela ngenhlahla oyitholile yokufumana uJesu esafumaneka, Ibhayibheli lithi ziyohlanzwa noma zibomvu nawe ezakho sezithethelelwe ngokuvuma kwakho, okubuhlungu nje ukuthi umngani wakho esimfihlayo namuhla yena akasalitholanga lelithuba wena olitholile kuqhuba uMfundisi uNgcobo Ntombazane yami okwayizolo sekwahlulile hamba ungabe usambeka emuva, isibindi obenaso siyamangalisa kuqhuba uNgcoba. Waqeda lapho wavula izwi wabe esethi sebengalehlisa ibhokisi nembala kwabanjalo wathunwa uBongiwe, Ilanga lasithela emafini kwazise labe libafazi bedub inyama khona manjalo kwadlula amalanda amaningi elandelana wawabuka uNokuthula aze ayosithela. IYAPHELA!!!
Posted on: Fri, 22 Nov 2013 08:28:48 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015