NASENHLUPHEKWENI!!!!! Ngelinye ilanga, kwakunomlisa owazithola - TopicsExpress



          

NASENHLUPHEKWENI!!!!! Ngelinye ilanga, kwakunomlisa owazithola umthandazo wakhe uphenduleka ngamhla ebizwa ukuthi ahambe aye enkambeni yamasosha ukuze aqeqeshwe. Lokhu kwamuthokozisa kakhulu. Lomlisa wayekholwa, futhi emuthanda u Nkulunkulu ngenhliziyo yakhe yonke, futhi engakaze angabaze nangelilodwa ilanga ukuthi ukhonza I Nkosi enamandla. Sekufike usuku lwakhe lokuthi ahambe aye emasosheni, wakhuleka nomndeni wakhe, kwakhalwa, kwaqatshulwana, kuvaleliswana, bamutshela nanokuthi bazomukhumbula, aze angakhohlwa ukubabhalela. Wafikake enkambeni, yaqala I training. Wayezimisele kakhulu, ngoba kwakuyiphupho lakhe leli. Kwakuthi emva kwe training, angahlali nabanye abantu, athathe lelo thuba azifundele ibhayibheli lakhe. Enkambeni amagumbi okulala awahlukanisiwe, kuba nje ihholo elinemibhede. Njalo wayethi uma evuka ekuseni athandaze, kanjalo noma eseyolala, bemuzwa njalo uma ethandaza, yize ayengamemezi, futhi babemubona eguqile. Lokhu kwenza ukuthi bagcine bengamuthandisisi ozakwabo, ngenxa yalesisenzo sakhe. Sebemubiza ngamagama, bemugcona ngo Nkulunkulu wakhe, kodwa akazange waphela amandla, waqhubeka nokukhonza u Jehova. Bonke abantu babengasamufuni, bethi uzenza ncono, befisa engathi angavele afeyile I training agoduke, kodwa kwangenzeka ngokufisa kwabo, ngoba wayezimisela kukho konke akwenzayo. Kwathi ngelinye ilanga, umphathi wabo, wavuka necebo elizokwenza ukuba lomlisa axoshwe enkambeni. Bashaya I inspection engalindelwe. Bafika kulomlisa, babheka umbhede wakhe, bathola ukuthi undluliwe, futhi ngobunono, babheka I uniform yakhe, bathola ukuthi I clean, nama bhuzi akhe apholishiwe. Bazama yonke into ababengayicabanga, kodwa abakwazanga ukuthi bathole into ezokwenza ukuthi axoshwe. Kwathi sekusele amasonto ambalwa ukuthi baphothule I training yabo, kwakhona I exercise abayishayayo, wavele waphasa ngamalengiso lomlisa. Uma ebuzwa ukuthi ukwenze kanjani lokhu, ngoba kuyoyonke iminyaka bekhona beqeqesha abantu, abakaze bayibone into efana nalena. Waphendula wathi ubengeke akwazi ukwenza into enjena ukube ubengazani no Nkulunkulu. Amandla ka Nkulunkulu wonke lawa. Ngibonga yena. Lokhu kwenza ukuthi abaphathi bakhe, nozakwabo bathukuthele, bathi njalo uhlala usibangela iscefe ngalo Nkulunkulu wakho, othi usebenza emfihlakalweni. Omunye wabaphathi waqhamuka necebo lokukhombisa abantu ukuthi akekho lo Nkulunkulu, iphupho nje kwaphela. Walanda okhiye be truck. Watshela lomlisa ukuthi kune truck enkulu epakile emva kwase nkambeni, bamuyalela ukuba ayishayele abuye nayo azoyipaka ngaphambili, lapho ababekhona. Wathi lomlisa akakwazi ukushayela I truck, wadinwa kakhulu umphathi, wathi akudokwe eligayelwe yena lelo ukuthi lomlisa akakwazi ukushayela I truck, kodwa okusalayo. I truck uyidinga isukile ngemuva izopaka lapho ayemi khona. Wahamba lomlisa ethanda ukudangala, baqala bamuhleka, bethi akathandazi ngani ku Nkulunkulu wakhe azomusiza. Wahamba lomlisa wangena kwi truck. Engakoyidumisi, waqala wathandaza isikhathi eside, waze wathandaza nangezilimi, kuphuma nezinyembezi. Wayelokhu ethumela omunye wozakwabo, umphathi ukuba ayobheka, babuye bathi, yinye nje into ayenzayo, I truck ayidumi, kodwa yena uyakhala. Baqhubeka bahleka, angaze akhale nje engabe uyavuma ukuthi ayikho lendaba ya Nkulunkulu wakhe. Bathi bazomulinda ngoba vele abajahe ndawo. Kwathi kusenjalo, besahleka kumnandi, yavele yaqhamuka I truck, ehamba eshaya I hoot lomlisa, ngenxa yentokozo eyayingaphakathi kuyena, bathuka boma nkwe, bethuswa into ababeyibona ngamehlo abo. Wafika wayipaka I truck, wehla waya kubona. Uma efika kubona, bavele bakhala ezimathonsi, bamukhothamela. Wababuza ukuthi kwenzenjani, baphendula bathi siyaxolisa kuwena naku Nkulunkulu wakho. Kusukela manje nathi sesizomukhonza lo Nkulunkulu osebenza emfihlakalweni. Wababuza lomlisa ukuthi pho sebengaze bakhale kangaka, ngenxa nje ye truck. Bathi akusikho lokho. Into ebakhalisayo ukuthi le truck ekuthiwe akayishayele, kade yafa, futhi ayina njini, ayina diesel, kodwa ikwazile ukuthi idume ihambe, yize seyahlula omakhenikha. Inye kuphela into ebingahambisa le truck, amandla ka Nkulunkulu. Akungathi ngoba ubona abantu behlekisa ngokholo lwakho, bese ulishiya phansi, ngenxa yabantu, ukhethe ukulandela bona. Abantu noma bangakuhleka, kodwa ungasuki, ngoba kungekudala u Nkulunkulu uzozibonakalisa kubo bonke labantu abahlekisa ngawe. MDUMISE NJALO, NASENHLUPHEKWENI!!!!!! THERE IS A PROMOTION THAT IS COMING IN YOUR LIFE RIGHT NOW IN THE MIGHTY NAME OF JESUS, RECEIVE IT RIGHT NOW!!!! Ps Sane
Posted on: Fri, 01 Nov 2013 07:57:04 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015