NGENZIWA UBUHLUNGU BENHLIZIYO Part-14 Umbhali:Lunga - TopicsExpress



          

NGENZIWA UBUHLUNGU BENHLIZIYO Part-14 Umbhali:Lunga KaNxaba Akayizwa kahle uSthembiso eyokuthi kumele ahlukane noLethiwe kodwa futhi kunzima ukuthi aqhubeke ngoba uyamuzwa uLethiwe ukuthi wethukile nokuthi uyiphoyisa nakho lokho kwenza ukuthi amsabe kakhulu kunakuqala Shuthi mina kuzomele ngikhohlwe uthando noma ngezenjani phela kwanele manje abuye athathe ifone yakhe afone futhi Yebo Sthembiso Ya Lethiwe manje siyahlukana ngempela? Sthe mina ngisakuthanda kodwa akusizi ngoba uzofa ushiye umndeni wakho nengane yakho ngenxa yami ngicela samukele bandla noma kubuhluku aphefumule kancane uSthembiso Hhayi ngiyakuzwa Lethiwe kodwa ke kimi akuphelile ukuthi ngiyakuthanda nalena yokuthi ngifonele indoda yakho ngicela ukuxolisa bandla kuyo ngeke ngikwazi ukuyenza Sthembiso phela uma wenzanjalo uzobe ufaka mina enkingeni ngoba uzovele athi asihlukananga angikhombe ngesibhamu ethi asize kuwe,kube uyazi uhlanya kanjani uSakhile Noma kunjalo Lethiwe kodwa ngicela akholwe nguwe kuphela mina phela angithandani naye Angazi ke Sthembiso mina Impela ngisho njalo nje Kube sengathi uSakhile kade ebalalele ngoba wafona ngaleso skhathi naye Hellow Ya Lethiwe umfonele lomuntu wakho? Yebo ngimfonele Hhayi mina lokho ngizokukholwa uma esefonile washo lento oyishilo kuyo ngoba sikhulume kanjalo naye nawe futhi angithi Ye...yebo kodwa uthe ngeke afone Uma kunjalo phela ayikho inkinga ngizomenza afone mina esuke evale ucingo uSakhile abuye afone ngokushesha futhi Hei ntambama ngizodlula lapho ngikubone ngifuna sikhulume ungasheshi ulale Ohk usevuma konke uLethiwe phela uyazi ukuthi uthandana nomuntu oyinkinga uma kuyiwa ngasekulweni Kwathi sekuntambama ngempela wafika uSakhile wafika wama ngaphandle waphuma uLethiwe ethukile kodwa wafika wangena emontweni Ya yazi lomuntu wakho udelela ngempela akaze afone kanti utheni wena kuye Nje mina ngishilo ukuthi asiyeke futhi ngicela akufonele asho ukuthi sesiyekile wathi yena ngeke akwazi ukukufonela wena kholwa ilokhu okushiwo yimi kuphela ethule isikhashana uSakhile ebuka phansi ebambe esiphongweni Yazi Lethiwe into engenza ngehlise umoya ukuthi nawe kade ungibekezelela ngibheda kodwa lokho akusho ukuthi ngikunika igunya lokuthi feba,ngikholelwa ekutheni lokhu olwenze ngoba kuyimi ebengiqhelile kuwe kumanje ke ngizimisele ukulungisa wonke amaphutha ami ngicela ukungalwi nje nawe sithandane njengabantu abadala manje nasekhaya bafuna ngishade manje kanti nami vele sengimdala ngiyabona ngakho ngicela leliphutha olenzile ungaphinde ulenze noma elicishe lifane nalo nje ngoba ngempela hmmm. Esuke ethule Into engifuna ukuyibuza kuwe ukuthi ungakwazi yini ngempela ukushada nami ngoba ngifuna ukuqala amalobolo manje side isikhathi ungibekezelele ukuqala impilo etsha ngeke ngisakwazi Yebo ngingakwazi Ngamanye amagama ngingaba umyeni wakho Lethiwe,ngeke sixabane sungigangela emshadweni Ngeke ngithi ngeke sixabane kodwa engingakusho ngeke ngiwenze amaphutha asobalo njengokuqoma nokuthi ngingakuhloniphi nawe uyazi Sakhile mina ngikubekezelela ungishiya nengane incane ugijima namantombazane manje ngingahlulwa yini ke sengishadile Hhai ke ngicela sedlulise yonke lento sithathe njengokuthi ayenzekangaka nje kodwa uma iphinda hhayi ke Ngempela ngiyaxolisa Sakhile mina bengicabanga ukuthi indaba yami nawe ayisekho ngoba kade ungasafoni kwakufona nje kanti nami phela ngiwumuntu nginemizwa Asidlule kulokho sthandwa sami sinamaphutha sonke manje kube sengathi kwehla umthwalo kuLethiwe kubuye nothando lwakudala ngoSakhile USthembiso kwakunzima njalo uma kuyizimpelasonto ngoba wayesejwayele ukuba noLethiwe manje umzwangedwa wawuzidlalela ngaye nje waze wazithola sefonela uWelile ngolunye usuku Hawu kutheni namuhla ngifonelwa nguwe Sthembiso kubuza uWelile ezwakala nje ukuthi akanankinga Hhawu kanti ngathi ngeke ngisakufonela yini Cha awushongo kodwa wathi mina ngingakufoneli manje bese ngingazitsheli nje ukuthi ngoke ngifonelwe nguwe Hhayi ayikho leyonto mina angixabene nawe awusho ukuphi Eish awume kancane khona ofonayo awuvale ngapho bakithi evale uSthembiso vele uncengile kuphele isikhashana ebone uWelile sebhaza afone futhi Ya suqedile? Ya kodwa ngithi ungafoni ngizoba bhizi yazi Hawu uzoba bhizi kanjani la ongafonelwa khona Sthembiso ngiyakuhlonipha ungubaba wengane yami manje ngeke ngikwazi ukuvele ngithi nje ngiya kumuntu wami kumele wamukele lokho engikushoyo kokuba bhizi Ooh usho ukuthi ngingafoni ngoba uzoba ungekho ekhaya Yebo Kusale kuba buhlungu futhi kuSthembiso kodwa kunzima ke ngoba uyena aziyekela uWelile. Ebuhlungwini obunjalo uSthembiso ethi uzihambela edolobheni azithele kuHlengiwe athi ake azidlalele nje Hhayi bo nkosazane wabukeka sengathi awuphili nje kulomhlaba esiphila kuwo emamatheke kancane uHlengiwe Usho ngani bhuti Ngibona indlela omuhle ngayo ngabe udabuka kuliphi izwe ngoba cha ukuthi ungowalana emzansi ngiyaphika ephenduke ngokuhleka uHlengiwe Hhayibo musa ukungibukisa ngabantu bhuti mina ngingowakhona la beshaye izimpahla vele bayalandelana uSthembiso uphambili eqede bese eyamlinda Yazi sengilinde wena nje awusho ungowakwabani kuphi NgiwuHlengiwe Mvuna eNkundusi ngisebenzela khona la eMtuba Ngenxa yesikhathi ngicela ungipha izinamba zakho ngingathanda ukubuya sixoxe futhi manje ngihamba nabantu emontweni ayisho uHlengiwe ayibhale efonini yakhe uSthembiso. Ha ma-Oe ningabona ngihlangane noBhuti eSpar angikaze ngimbone umfana omuhle kanjeya ungathi intomabazane bafethu usho ngamadreads amahle nomlomo wakhe ongathi ubomvu bahleke kakhulu abangane bakhe asebenza nabo kwaManaba Funeral Ha Hlengiwe manje ukhulumile yini nawe Hawu anazi nina uze wathatha inamba wathi ujahile manje uhamba nabantu emontweni,ngamnika bafethu yo Ha hhayi cha sengathi uchazekile bo nguye baqhubeke behleke umthandazo kaHlengiwe ukuthi nje afone uSthembiso. Bethi bezihlalele kukhale ucingo lwakhe bebuke yena bonke Hellow Ya uyena uHle lo Yebo uyena Ya uSthembiso lo omnike inamba eSpar singakhuluma noma ubhizi Hhayi singakhuluma esho njalo bese eyasuka kubangani bakhe bememeze bethi uyaphi ngoba sifuna ukuzwa Ya mani ngiyazi asazani kangako kodwa ngikubuke ngakuthanda yazi Hawu kanjalo nje Ayikho futhi enye indlela angingasho Hlengiwe ngaphandle ke uma unayo wena ungiphe yona Cha angisho ukuthi wenza okubi ukuthi ngiyamangala nje Nami ngimangele yazi ukuthi ngiyakthanda Iyaqhubeka
Posted on: Mon, 04 Aug 2014 18:32:23 +0000

Trending Topics



lass="stbody" style="min-height:30px;">
Hi Folks! Do you want to be on of the 15 lucky owner of a 4thwar

Recently Viewed Topics




© 2015