NOMA UNGAKAZIBONI NGESO LENYAMA KODWA - TopicsExpress



          

NOMA UNGAKAZIBONI NGESO LENYAMA KODWA SEKUNGEZAKHO!!!! NGOKUKAMARKU 11:24 Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Uma ngiseThekwini ngifuna ukuthenga impahla e Cape Town, ngiyaye ngifakele labo bantu engithenga kubo imali yaleyo mpahla kwi bank account yabo. Uma sengiyifakile, esandleni sami ngisuke ngingayiboni. Kodwa lokho akungikhathazi ngoba ngenkathi ngikhokha ivele yaba eyami ngalesosikhathi. Ukungayiboni kwami ngeso lenyama akusho ukuthi akuyona eyami, futhi akusho ukuthi angeke ngiyibambe ngesandla. Kungekudala emva kwezinsukwana kufika indoda kumina yakwi Courier Company ilethe impahla yami ifike ingisayinise, bese inginika impahla yami. Ngosuku engithenge ngalo impahla, ngiqeda lapho ngiqhubeke nezinye izinto, ngiziphathe njengomuntu osenayo impahla yakhe. Umuntu ongazi angangihleka ethi ngikhuluma ngento engingenayo, kodwa angakwazi ukuthi iyeza isendleleni. Kuyenzeka imoto ephethe impahla yami ilibaziseke endleleni ngoba idlule e garage yafaka u petrol, futhi kuyenzeka ibambeke kwi traffic noma ihambe kancane ngenxa yokukhuphuka kwentaba. Kodwa lokho akungidikibalisi, futhi ithemba alilahleki, ngoba okusalayo mina ngiyazi ukuthi impahla eyami, noma abantu bangathini. Kanjalo noma ukhuleka. Lento oyidingayo, kholwa ngenkathi ukhuleka ukuthi sekungeyakho, hhayi ngamahla uyithola. Uma uthi Amen usuchaza ukuthi makube njalo, njengokukhuleka kwakho. Ukuvula amehlo akho emva komkhuleko ungayiboni lento obuyikhulekela akungakuqedi amandla. Linda uthandaze ngokubonga eNkosini, ngoba lento oyicelile usunayo vele, ukuthi isa downloader from the Spirit into the physical. Abantu bangakuhleka, uthi unemoto bengayiboni, kodwa hlala kwi confession yakho, yokuthi unemoto ungajikiswa abantu. Kungekudala lamazwi owakhuluma njalo ngokungaphezi azophenduka imoto yakho, aphenduke umshado wakho, aphenduke umsebenzi wakho, aphenduke i promotion yakho kanjalo njalo. Kodwa uma uzosaba ukuthi abantu bazothini, ungalishayi i order lakho, ungasigxeki thina esishaya ama order ezinto zethu bese beyazi deliver. Nawe shaya i order lalento oyidingayo. I Courier Company yaseZulwini okuyizingelosi ilindele ukuletha i order lakho. Uma usulishayile i order lakho kuyaye kuthiwe awubanike izinsuku eziwu 7 ukuze lifike kuwe. Kwezinye izikhathi baye bacele izinsuku eziwu 21. Lokhu kuya nge order nanokuthi lisuka kuphi. Ngakhoke uma usukhulekile ungaphindi emuva uyoshaya ugxeke umkhuleko wakho, uthi awusebenzi, ngoba uma udelela umkhuleko wakho ufana nomuntu oshaye i order, lathi selilungisiwe wabuyela kulabantu ashaye kubo i order wathi abali cancel ngoba awusalidingi. Our God is a God of results. #DEPOSITOR_IMIKHULEKO_E_BANK_YASEZULWINI Vuseleleka Njalo No Ps Sanele B. Gumede
Posted on: Thu, 17 Jul 2014 07:03:40 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015