Ngincamela ukufa part6 (mchunu) hal, nxe - TopicsExpress



          

Ngincamela ukufa part6 (mchunu) hal, nxe kunxapha ungcongo ilona thumba leli njengoba ifoni yalesikhohlakali icima nje, ezwakale esho umazuma huuuuu uzwa ukhipha umoya akade ewubambile ubesebona ukuthi yaze yamuqhatha indodana yakhe, (njabulo) yini wakhuna nje ufuna ukuqamba maph amanga ewabhekise kunina lamazwi, athule ungcongo abuke umfazi wakhe osejuluke efa kunzima manje, sekukhona nabantwana la ekhishini akuselula ikhulunywe lendaba , aqhamuke umagugu nokudla anikeze abazali bakhe nabafowabo nezingane zakwabo kudliwe ai akudleki kumazuma afune nje amanzi okuphuza amaphilisi akade ebuyenawo exobho esibhedlela , kdwa ungcongo useyabona kukhona okushaya amanzi la bonke laba akade bekhuluma lodaba bathi choko choko bashiye ukudla ziqoqe izingane zibeke (ngcongo) nkosikazi akuyiwe kolalwa awu wezwa lelo unkosikazi wasukuma esheha ebona ukuthi waphuma kulenyakanyaka, bavalelise bayolala , unjabulo ubhizi nocingo lwakhe uthumelela intombiyakhe imiyalezo yokuxolisauyamtshela uyamkhumbula ngeku kulaleke, iphendule intombi yakhe ulondiwe woza uzongilanda nami ngiyakukhumbula, asukume eshesha unkunzana aphume ngomnyango, ..... Balele ongcongo nonkosikazi wakhe kdwa ungcongo ubhekile uyacabanga kwazise inkukhu isiyawusola umgqakazo, kusenjalo esazibuza ukuthi umfazi wakhe weminyaka engamashumi amabili nesikhombisa kungabe uyamujolela, kungene ucingo luvela ku kumchunu kwazise phela akazi ukhona umnikazi walomfazi amfonelayo, alucindezele inkinobho eluhlaza athule abesekhulumile umchunu mtakwethu ifoni yami iyacisha nyampu icishe futhi, adonse ivolovolo lakhe ungcongo ogqoke aphume, mephuma esangweni ahlangane nonjabulo nolondiwe babambene bayahleka bayajabula nje, mefika kubona afike athi oh kanti inina ngithi izigebengu (njabulo) ithina baba, abuyele ngaphakathi usejikiswa ukubona izingane zijabule futhi ebona ukuthi lolondiwe akanacala umuntu onecala umkakhe, futhi ebona ukuthi ulondiwe uzomzalela umzukulu akamyeke umchunu ngoba hleze ingane iphatheke kabi ngoyise kuze kudlulele kumzukulu wakhe, afike alale nenyoka yakhe asesaba kwakuyithinta, kuse ekuseni avuke kuqala ungcongo akiline igceke, bathe bevuka onjabulo bethi bayakhaphana ekuseni ababize ungcongo, athi abangene endlini usafuna ukukhuluma nabo ngenhlawulo yamchunu, babuyele elawini lakhe unjabulo,,,,,, uvukile umazuma ucambalele ubheke phezulu uyasho ngenhliziyo aw ngaze ngasinda sengibanjiwe, acabange ukufonela umchunu ngokumazisa ukuthi ukhona ungcongo akangafoni methi mpu mpu mpu ifoni ayikho abone ukuthi isakungcongo namanje, aw kdwa umchunu angangilinga yn afone? Kodwa umama wayeshilo ukuthi konke engikwenzayo ngizenzela mina kuyabuya manje, kdwa ungcongo mengase ezwe nje ukuthi lezingane eziyisithupha akuzona ezakhe yena unaleyodwa nje vho unqobani angangenzani, angisaphathike mangase ezwe nokuthi ngalahla ingane, ohe ukube iphila yiphi yona impilo masenginje mina, kwazise phela ukuth akazi ukuthi ulondiwe lo iyona ngqo ingane yakhe, yena umzonda kangaka nje ulondiwe umzondela ukuthi uba umfazi wamchunu umangabe engekho umangubo, ngoba umchunu wayiqala isencane ingane wayitshela ukuthi akayizali futhi meke yasho iyohamba ingazazi iyohlalaphi ngoba ayaziwa nokuthi eyakuph, wayiqala kanjaloke umchunu ingane , waze wabanjwa umazuma nengane yasho ukuthi izotshela umangubo ukuthi naye uqome umchunu ngoba yayike ibone ingane kdwa izithulele, kusenjalo angene ungcongo nkosikazi siyohlawula kamchunu , aw baba namanje usalakulendaba kusho umazuma (ngcongo) akujiki nalu ucingolwakho aphume ahambe, egcekeni unqobani uyise ulondiwe unjabulo, bakhuluma udaba lokuyohlawula, (ngcongo) wena moni womuzi womuntu uyasala awuhambi esho unjabulo yebo baba kuvuma unjabulo, (ngcongo) nqobani, makoti asambeni singafiki engasekho umchunu baphume ngesango baye kwamchunu, esangweni lakwamchunu siyakhuleka kamacingcwane............ Iyaqhubeka sekuzosha looool
Posted on: Tue, 25 Nov 2014 20:16:38 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015