[R] Simjay Gumede UThibhoz udlula ngasekamelweni - TopicsExpress



          

[R] Simjay Gumede UThibhoz udlula ngasekamelweni likaMgwaja. Amangale uThibhoz ebona umbhede undlalwe kahle futhi nekamelo lihlanzekile. Kusenjalo, wabona imvilophu ivele kancane ngaphansi komcamelo. Wayithatha imvilophu, wayivula, wathola incwadi phakathi. Athuke uThibhoz ezibuza ukuthi kwenzekeni. Ngaphandle incwadi, ibhalwe kanje: Baba wami engimthandayo Athuke kakhulu kunakuqala, ezibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi ingane izibulele. Ayivule, ayifunde incwadi. Ithi: Baba wami engimthandayo Ngokukhulu ukuzithoba nokuphatheka kabi, ngithi angikwazise lokhu. Ngibalekile lapho ekhaya nentombi yami entsha uPho Kunani ngoba bengibalekela ukuthi wena nomama benizongithethi sa. UPho Kunani uyinkalakatha uma kuza ngasocansini, ngicabanga ukuthi nawe uma ungamazi, ungabona ukuthi umama akaliboni elidlalayo. Bengazi ukuthi ngeke uvume ngiqhubeke naye ngoba ufake amacici yonke indawo, kanti unamatattoo futhi ugqoka izingubo ezimnyama ezibamba umzimba wakhe, ngaphezu kwalokho mudala kakhulu kunami. Akulona ucansi oluvuthayo kuphela, kuyimanje unezinyanga ezimbili ekhulelwe. UPho Kunani uthi sizojabula kakhulu. Kukhona i-caravan anayo esizohlala kuyona ehlathini. Iphupho lethu-ke, wukuthi sibe nezingane eziningi kakhulu. UPho Kunani usengivule amehlo ngabona ukuthi insangu ayilimazi muntu. Sizoyitshala siyidayise. Emva kwalokho sizobe sesithenga amaphilisi siwadayise, sibe yizicebi. Okwamanje sikhulekela ukuthi oSosayensi bathole ikhambi leNgculazi ukuze abe ngcono uPho Kunani. Ungakhathazeki baba, ngineminyaka ewu-12 manje, ngiyakwazi ukuzinakekela. Ngelinye ilanga sizokuvakashela ukuze ubone abazukulu bakho. Yimina indodana yakho uMgwaja. P.S. Baba, akukho okuyiqiniso kulokhu okungenhla. Ngivakashele umngani wami uSuper. Bengikufundisa ukuthi musa ukuphapha, into esekamelweni lami eyami, awuhlangani nayo. Ngiyakuthanda. Ungifonele uma usuwehlisile umoya, futhi sekuphephile ukubuya
Posted on: Sun, 04 Aug 2013 13:12:21 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015