Sihlaziya incwadi ka Jim Collins no Morten Hansen ethi GREAT BY - TopicsExpress



          

Sihlaziya incwadi ka Jim Collins no Morten Hansen ethi GREAT BY CHOICE “Cabanga ngokuba umdlali ophumelelayo ukuthi kumele azilolonge; alungele ukuveza ikhono lakhe; alandele imiyalelo yomqeqeshi, ozokuba ngumdlali ophumelelayo,” lawa ngamazwi akhulunywe ngu Jim Collins no Morten Hansen ukuhlomisa osomabhizinisi. Kungani bebhale lencwadi Ukubheka ukuthi yini eyenza amanye ababhizinisi aphumelele ngesikhathi amanye ehluleka? Kungani lezizinkampani zikwazi ukuphumelela nangezikhathi zezinxushunxushu? Yini abeza naye ukukhuthaza osomabhizinisi? Bacaphune uAmundsen ethi, “ungalindi ukuthi kuze kube nestorm ukuzithola ukuthi udinga amandla nokubekezela.” Ngamanye amazwi hlala uhlomile ngolwazi, ngabantu asebenolwazi lokuphatha ibhizinisi, uma sekufika isiphepho lingamuki ibhizinisi lakho. Uyahloma ngasosonke isikhathi, awukwazi ukuhloma ‘impi’ sekunomonakalo Ulwazi ngebhizinisi oyenzayo luyokusiza sekumele udonse amandla emgodleni Uma sekuhamba kahle awuhlali unethezeke kodwa uphusha kakhulu Hlala nabantu abakwaziyo ukushayeka bavuka Qikelela lokhu uma unebhizinisi Akukhona ukuthi abaholi bangabantu abathatha ama risk, babe nemibono kodwa ba disciplined Inkolelo ethi, “ukuhola ezweni elisheshayo” kudinga izinqumo neminyakazo ezisheshayo kuyindlela enhle yokuzibulala Izinkampani ezenza kahle ziphumelela ngoba azincintisani okungenasidingo Izinxushunxushu, ukungazinzi, nenhlanhla, yini abanye bephumelela phezu kwakho konke lokhu? Yini okumele uyenze ukuze ibhizinisi lakho lihambe kahle? Iba creative futhi uzithibe noma uzihloniphe Gwema izinhlekelele Khetha kahle abantu ozobambisana nabo Uma kwenzeke yathi ukucwila ibhizinisi, ungamkhohlwa okutakulile Abulawa yini amabhizinisi? Ukungabi creative Ukungabi nombono Ukungalangazeleli ukuzibona uya phambili Ukusaba ukuthatha i-risk Elokugcina kumuntu osebhizinisini nasafuna ukuliqala Hlela izinto zakho kusenesikhathi Ungaxhamazeli Uma sekufika izikhukhula, qinisekisa ukuthi ibhizinisi lakho alisileli emuva noma life Yiba nolwazi ngezomnotho, ukwehla nokuqina kwamandla email Yiba nolwazi ngezimakethe nokuthi ulidayisa kanjani ibhizinisi lakho Yiba nolwazi ngezobuchwepheshe Ungayishiyi ngaphandle ipolitiki neqhaza eliyibamba kwezamabhizinisi
Posted on: Thu, 02 Oct 2014 05:40:17 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015