Sihlaziya incwadi ka Zanele Mbokazi kanye nobhishobhi Mpendulo - TopicsExpress



          

Sihlaziya incwadi ka Zanele Mbokazi kanye nobhishobhi Mpendulo Nkambule ethi Before the vows Konke okumele ukwazi ngaphambi kokungena emshadweni. Izinga lezehlukaniso liphezulu futhi liyethusa. Ukuphila amanga emshadweni nokusaba abazalwane nokucabangela izingane kwenza imishado eminingi yakhelwe ezeni. uZanele Mbokazi kanye namazwi kaBishop Mpendulo Nkambulo bakunika isithombe esigcwele ngomshado. Kungani bebhale lencwadi? Ukuphendula yonke into ephathelene nomshado Ukukhipha umqulu (manual) noma I recipe noma inkombandlela (map) kanye nezeluleko ngomshado Ukuthi ngaphambi komshado uthathe izinqumo eziphusile Uma ususemshadweni uthole amandla ushintshe i-attitude Ubuyise impilo emshadweni wakho Ngaphambi kokulingiselela umshado hlalani phansi nixoxe ngani Thembekani uma senivulelana izifuba ngemuva lenu Xoxani ngezimali, izingane nemisebenzi eniyenzayo osekuzoba ingxenye yenu Lungiselela umshado: Ngokuhambela –‘gym yomshado’ okuyizinkulumo ezakhayo (Khwezela marriage gym course) Imikhuba okumele uziqhelelanise nayo: Ungayi ezangomeni ama psychics akutshele ngophathina noma ikusasa lakho Qhelelana nocansi nezithombe ezizokwenza ululangazelele Ibhalelwe obani Abangakashadi abalungiselela khona nabafuna ukulungisa umshado wabo Nabantu abangazimisele ngokushada kodwa bafunde ngempilo ehlanzekile Umuntu oke washayeka kwezothando ukubuyisa ukuzithemba kuye Izosiza ngani lencwadi emishadweni? Ukwehlisa izimpi nemidonsiswano emishadweni Ngaphambi kokuqhubeka nomshado, thamelani izinkulumo eziphathelene nempilo yababili Ukunika ulwazi ngomshado, Ukwamukela ukuba single I-role edlalwa uNkulunkulu emshadweni Abantu bazi ukuthi uma behlukana kujabula usathane Izihloko ezihehayo: There is nothing wrong with being single- -awujeziswa nguNkulunkulu -akusona isono -uma uthatha isinqumo sokungashadi kumele ube nokuthula ngakho -umshado awabelwanga noma ubani -isikhathi esihle sokuzibeka ube ngowokuqala kuwena Are there any signs of abuse in this relationship? -uma uphoqwa ukwenza izinto ongazithandi ebudlelwaneni-uyahlukunyezwa -uma uphathina wakho okuphoqa ekwenzeni izinto zocansi ongazithandi, uyahlukunyezwa -ungakuvumeli ukushaywa ngisho kuthiwa wone kangakanani -uma isithandwa sakho sikhuluma amagama akwehlisayo uyahlukunyezwa Dealing with the in-laws before marriage -angagxambukeli emshadweni wenu -vikela isithandwa sakho kwabomndeni wakho Elokugcina: okungelona iqiniso ngomshado Ukuthi uzohlonipheka uma ushadile Ukufuna ukuthola ingane, shada (ungangayithola usushadile) Ukuthi uzoba nomuzi wakho (akuyona indlela yokuphuma ekhaya) Upholisa amanxeba okuhlukunyezwa ngobukade unaye Kumele niqale nikipite ukuze nifundane :iqiniso ngomshado Ufika ngesikhathi esiyisiso Uma wabelwe wona uzowuthola futhi uwujabulele Ziyabakhona izihibe kodwa ziyalungiseka ngale kokulwa Kuyakhulekwa emshadweni
Posted on: Thu, 14 Aug 2014 05:34:45 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015