Simjay Gumede Nakhu-ke ngelinye ilanga ngithola ucingo oluvela - TopicsExpress



          

Simjay Gumede Nakhu-ke ngelinye ilanga ngithola ucingo oluvela kuMjikijeleni. Ethi ucela ngize ngendiza yami enophephela emhlane ehlathini elikhulu elisesiqiwini lapho babebulele khona izinyathi. Uma ngibuza ukuthi kungani edinga ihelicopter, wathi ayikho indawo engahamba izimoto. Nangempela ngiye. Ngithe uma ngifika khona, ngathola ukuthi babulele izinyathi eziyisithupha. Ngibatshele ukuthi ngeke ngikwazi ukuthwala izinyathi eziyisithupha. Athi uMjikijeleni: Awukahle Simjay ukuba nomona. UKilometre ngonyaka odlule wazithatha nje izinyathi eziwu-6. Athi uThibhoz: Ngempela Simjay, uqinisile uMji. Futhi isimo sezulu sasifana nesanamhlanje, futhi zaziwu-6 izinyathi, kanti i-helicopter yakhe yayilingana neyakho. Ngibone ukuthi anginakho ukwenza ngenye indlela. Ngivume. Bazifake-ke izinyathi zabo eziwu-6. Sisuke ngayo indiza le. Iphakame kanzima. Ibe ngaphezudlwana kwezihlahla. Ihambe ibangana emoyeni, ivele iye kophahlazeka phansi. Ngenhlanhla kungalimali muntu. Athi uThibhoz: Mjikijeleni, yikuphi la iphahlazekele khona le ndiza? Athi uMjikijeleni: Iphahlazeke ngqo la kwaphahlazeka khona ekaKilometre ngonyaka odlule.
Posted on: Tue, 23 Sep 2014 19:57:01 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015