Simjay Gumede UMjikijeleni noMathayi babefake isicelo somsebenzi. - TopicsExpress



          

Simjay Gumede UMjikijeleni noMathayi babefake isicelo somsebenzi. Kwadingeka ukuthi babhale i-test ukuze kubhekwe ukuthi ubani owulungele umsebenzi. Bayibhala-ke itest. Kuthe sebeqedile, amakwa amaphepha abo. Owayebabhalisa wabe esethi: Nobabili nithole 9/10, kodwa-ke sesinqumile ukuthi ubani esizomthatha. Athi uMjikijeleni: Ubani oqashwayo? Athi obhalisayo: Sinqume ukuthi sithathe uMathayi. Athi uMjikijeleni: Yini ndaba nithathe yena, ngoba phela sobabili sithole 9/10. Athi obhalisayo: Asiqashanga ngalokhu enikutholile. Siqashe ngenxa yalokhu eningakutholanga. Athi uMathayi: Kanjani? Athi obhalisayo: Nobabili nithole izinamba ezifanayo, nawronga unamba 5 nobabili futhi. Lokho kucacisa ukuthi kukhona okade ekopela. Athi uMjikijeleni: Pho naze ngani ukuthi ubani obekopela? Athi obhalisayo: Kunamba 5 uMathayi ubhale ukuthi,"Angiyazi impendulo yala" wena Mjikijeleni wabhala ukuthi,"Nami angiyazi"
Posted on: Tue, 17 Sep 2013 07:12:47 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015