Sithakela Isizwe Ngombono Wakho – Ezase Africa Uhlelo - TopicsExpress



          

Sithakela Isizwe Ngombono Wakho – Ezase Africa Uhlelo olusebenza ngomakhalekhukhwini ebelihlose ukusabalalisa ulwazi ngezempilo ezithinta i-HIV nokuqinisekisa ukuthi umuntu uyazivikela ezifweni ezithathelana ngokocansi njalo njalo e Uganda alibanga nemiphumela ebilindelekile. Kunokuthi lusize abantu ngokubanikeza ulwazi olusemqoka oluzobavikela ucwaningo lukhombise ukuthi lukhuthaze ukungathembeki. Uma umama eselitholile ulwazi oluthe thuthu ngokuzivikela uyalibalekela ucansi olungaphephile bese ubaba wase khaya ephumela ngaphandle eyolithola kwenye indawo. Lokhu kuphambene nenhloso yaloluhlelo okukhombisa ukuthi ukwanda kolwazi nge HIV nocansi oluphephile akusho ukuthi abantu sebezocabanga ngendlela ehlukile. Ngabe yini esenza singashintshi ukwenza noma sesithola ulwazi? allafrica/stories/201306180483.html?aa_source=mf-hdlns
Posted on: Tue, 18 Jun 2013 18:11:43 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015