Sthandwa sam wathi angikulinde uzobuya, ngangi lokhu ngihlalele - TopicsExpress



          

Sthandwa sam wathi angikulinde uzobuya, ngangi lokhu ngihlalele ethembeni ukuthi ngelinye ilanga uzobuya, nase mphakathini sengiphenduke inhlekisa kuthiwa ulinde ijuba lika nowa angisathembi uzobuya, kodwa sthandwa sam bekuyini ukungishayela ucingo ungazise noma inini uzobuya. Hamba juba bayokuchutha phambili, kuyadabukisa ukuthi awusazi khumbuli izingane zakho ezimbili, kodwa kusobala ukuthi imnandi impilo yase silungwini. Izethembiso zethu sezithanda ukushabalala okwamazolo ebona ilanga, izinyembezi zami zihlale zigobhoza mihla namalanga, themba lami kodwa bekuyini ukubuya kanye ukuphela kwenyanga, ngoba nezithembiso zakho awuzifezi uhlezi uthi uzobuya ukuphela konyaka. Hamba juba bayokuchutha phambili, kuyadabukisa ukuthi awusazi khumbuli izingane zakho ezimbili, kodwa kusobala ukuthi imnandi impilo yase silungwini. Sthandwa sam sasifungile sathi sohlukaniswa ukufa, kodwa manje ngathi sesihlukaniswa ukusa, kube kade kuyini ukusa ngoba usubuya nokufa, angiqondile ukubaluhlaza kodwa wawu ngazi ukuthi kuyokuqoqa ukuhlwa. Hamba juba bayokuchutha phambili, kuya dabukisa ukuthi awusazi khumbuli izingane zakho ezimbili, kodwa kusobala ukuthi imnandi impilo yase silungwini. X Da Poet
Posted on: Fri, 18 Jul 2014 15:33:01 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015