The Return Of Satanism 7 esedlule - TopicsExpress



          

The Return Of Satanism 7 esedlule is.gd/mXTFb2 esokugcina. Mandla Gazu Bakhuleka ngezinhliziyo oLondeka. Ngokukhulu ukushesha kwakhanya endlini. Basho kanye kanye Siyabonga Nkosi . Bafika emkhathini bezwa ngembondlomane yezwi akuyena uDimoni ke lona manje. HOW DARE YOU NIBANINGI KANJENA NIHLULWA NGABANTU ABANE NJE KUPHELA nguDeveli uqobo lwakhe ke lona okhulumayo. . NKOSI SIYAXOLISA BEKUNGAPHEZULU KWAMANDLA ETHU Kusho uDimoni. . AYIKHO INTO EBINZIMA WENA DIMONI LAPHAYA. NGIFUNA WENA 3555, 277! . Nkosi silalele bevuma kanye kanye . NIZOBUYELA KHONA LENA NIZOHAMBA NO DIMONI. NIWAPHENDULE LAWAYA MANTOMBAZANE UMA NIHLULEKA MAWABAFFFEEE ABE UMHLATSHELO WETHU Bake banqikaza phela bekungelula neze ekuqaleni. Kodwa benza njengoba kushiwo. Bahamba, abanye basala benza isikokela bebeke umfaniswano woNokwazi. Bethandaza umthandazo ongazwakali. **** . Londi usathane usihlasele namhlanje.. Londi! Bheka obani laba manje? Bangene kuphi? Base bebabona ke manje oSabelo noBen . Sabelo! Ufunani kithi? Why ufake izingubo ezinjena? Ubani lo osabekayo enihamba naye? Kubuza uLondi UDimoni ekhiphe imali ayiphonse phansi . SIDINGA NIKHONZE ULUSIFA KUZOBA NGEYENU LEMALI YONKEEE. Kusho uDimoni . Thina asiyidingi imali yakho. Futhi uShembe wami wanele . Heeey wena Ntombazane Dont ever mention that name again kusho uSabelo . Hhayi bo Sabelo ngeke ungitshele ukuthi ngenzeni uNyazi olwami kuqhubeka uLondeka esenesibindi manje. . Londeka ngeke besenze lutho laba bayakhohlwa thina sihamba namadoda angempela. Lo sathane (ekhomba uDimoni) Wahluleka ukulinga uJesu entamben.. . ASIWADINGI LAWO MAGAMA LA! MAAN! ANIZWA KANTI? UDimoni esekhafula umlilo. . Noma ungakhafula umlilo wakho sathane ndini awunamandla la kimi uLondeka endonsa iFodo lakhe ephaketheni elibhekisa ngakubo Libaxhophe kanti nalena emkhathini liyabaxhopha behayize. NoNokwazi ebambe ibhayibheli lakhe kanye nekilesi* yakhe. Bengayekile ukukhuleka Fire! In the name of Jesus!! Sathane awunamandla futhi awunasabelo kweyami impilo! Fire Fire kuthandaza uNokwazi. . Nkosi wena awawukhona nase mandulo Mqambi wendlela, Yiba nami kulempi unginqobele ngegama lika Shembe ongasoze angilahle. Phinda uzibonakalise umnqobe uSathane Fire him! ngu Londeka lowo. Benyamalale ngokushesha oSabelo . Baphi Londi? . Bahambile. Kodwa asiqhubeke sikhuleke ngampela ulibize igama likaNkulunkulu wakho Nokwazi. Ngoba manje akekho umunto ozokulamulela kulolu laka luka sathane ngaphandle kwakhe. . WE HAVE RETURN sekuzwakala amazwi wonke amakhona endlu. Kwase kunzima bephosa izinto oSabelo kodwa bengazinaki bethandaza ngamandla nje kuphela, Emthathini kwavele kwafika umlilo owashisa wonke umuntu owayekhona. Nangapha bawa oSabelo sebegcwele igazi ngomlomo, bahayiza kakhulu. Bangakunaka lokho oNokwazi baqhubeka nokuthandaza. Wanyamalala uDimoni kwasala uBen kanye no Sabelo Sebefile. Siyabonga Somandla ngamandla akho osiphe wona usathane akanamandla ngaphezu kwakho uNokwazi lowo. ULondeka waqabula ifodo lakhe ebonga umusa elimenzele wona. . Abaningi bafa kodwa ibandla likamfundisi labuyela esimeni esijwayelekile umfundisi akahlalanga isikhathi eside kodwa wayesiyicelile intethelelo kuNkulunkulu wakhe . . . .The End Written by Mandla Njabulo Gazu. Ungalilahli ithemba uNkululunkulu ungakuwe ngaso sonke isikhathi. Bekungeyona iTrue Story lena isuselwe ekhanda and ngiyihlanganise ngezigameko ezenzakayo emhlabeni Imali yiyona esifaka ezinkingeni, siyabulala, siyantshontsha, siyaphuza zenza konke okungalungile ngenxa yemali. Ukusebenzisa uShembe kanye noJesu ngifuna umuntu ekholwe yilowo muntu amkhonzayo. Ngoba ukusebenzisa umuntu oyedwa lokho kugcina sekubanga inxabano, omunye esethi singcono thina kunani ngoba uMandla ubebhale ngeyethu inkonzo. Kanti cha! Zonke izinkolo ziyafana sonke singabaka NKULUNKULU owadala izulu nomhlaba kuphela sihlukene ngaba profethi. AMEN!!! Lv u all mcwaaa!
Posted on: Mon, 17 Nov 2014 08:29:04 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015