This morning this beautiful message blessed me and thought to - TopicsExpress



          

This morning this beautiful message blessed me and thought to bless yall as well. Bishop Thanda Zulu PLEASE WAIT!!!! Izolo ngidlule kwiATM kunemadlana ebengiyifuna. Uma ngifika kuyo okokuqala yathi Please insert your card. Nempela ngilifake. Yaphinde yathi Please enter your pin code nalokho ngikwenze, yaphinda yathi Select the amount, ngakwenza nalokho. Kuthe uma sengikwenzile konke lokhu yase ungivezela amagama amakhulu athi : THE TRANSACTION IS BEING PROCESSED, PLEASE WAIT. Ngivumele ngithi kuwe, ukholo lwakho ulusebenzisile, wazilukudla, wakhuleka kodwa ubona sengathi akwenzeki lutho empilweni yakho. Ngithi kuwe mana ungasuki ngoba isicelo sakho sisalungiswa, Linda. Into engenze ngalinda ukuthi ikhadi lami bese liphakathi emshinini, nePin code sengiyifakile. Uma bengidikila ngihamba ongilandelayo ubezothola izinto zami. Hhayi ngoba umthandazo wakho ungezwakali, hhayi ngoba ukuzila kwakho kungezwakali, hhayi ngoba ukunikela kwakho kungabonakali but ukuthi nje , YOUR TRANSACTION IS BEING PROCESSED. Wena okwakho ukulinda. Musa ukusola, musa ukubona sengathi wena wadalelwa ukuhlupheka wait patiently because your prayers are being processed. Ungasuki eNkosini linda kuze kulunge. Ngiyazi sekunzima, akusemnandi kodwa uma sekubuya izinto zakho uzobe usuhleka wedwa. YOUR TRANSACTION IS BEING PROCESSED, PLEASE WAIT ! Kuwe kukhulu okusengenzeka, basheshe bakudela, bakulahla kanti basazokudinga. Wow! Need I say more?
Posted on: Mon, 12 May 2014 16:30:47 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015