UGogo oneminyaka ewu 77 wayehlala yedwa emkhukhwini e Tembisa. - TopicsExpress



          

UGogo oneminyaka ewu 77 wayehlala yedwa emkhukhwini e Tembisa. Wayehlupheka ugogo. Impahla zakhe zidabukile. Engenakudla ugogo. Umkhukhu ayehlala kuwo ungekho esimeni esihle unuka phakathi abantu behlekisa ngaye. Khepha ugogo njalo nge sabatha wayehamba ukuyomdumisa uNkulunkulu. Noma abantu behlekisa ngami. Noma ngingenakho ukudla. Noma nginga nazo impahla zokugqoka. Noma ngihlala emkhukhwini ngizophuma ngiyemdumisa uSmakade. Kaze alilahle ithemba uGogo ngoba ekhonza uJEHOVA weqiniso. Amandla okukhuleka. Wayekhuleka ugogo. Kwathi ngolunye usuku ehleli phandle kwaqhamuka abelungu ababili. Bakhuluma naye ugogo. Bathi gogo ungathanda sikwenzeleni. Ugogo wathi ngicela ukudla nje qha. Bamthatha ugogo abelungu bahamba naye. Bangena naye komunye umuzi omuhle. Wabuza ugogo wathi , bantwabami umuzi wenu muhle kakhulu. Baphendula abelungu , cha gogo , umuzi wakho lo. Mina no mfazi wami sikuthengele lomuzi , impahla yonke ephakathi gogo ngeyakho. Hlala nje unethezeke. Zehla inyembezi ku gogo ecabanga ukuthi uyaphupha. Bathi gogo , lo ngu sisi ozokusiza la ekhaya. Uzokhokhelwa yithi. Ama bills ala ekhaya azokhokhelwa yithi. Okwakho yikuhlala nje. Wakhala ugogo , washo lamazwi , Nkulunkulu uyalideka itaFula phambi kwezitha zami ngidle zingibhekile. Oh Nkosi. Someone pliz shout AMEN.
Posted on: Sun, 25 Aug 2013 16:35:20 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015