UHLOBO LWAMAFILISTI 1. UHLOBO OLUTHATHA UKHOLO - TopicsExpress



          

UHLOBO LWAMAFILISTI 1. UHLOBO OLUTHATHA UKHOLO (FAITH) Kunohlobo lwamaFilisti elahlasela ama Israelites ngesikhathi sika Eli. Lohlobo lwahlasela uIsrael lwaze lathatha ukholo lwabo (umphongolo). (1 Samuel 4) Yes, kunezimo ezikushaya empilweni uze uqale ukungakholwa ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa. Izinto zisuke from bad zibe worse kube sengathi umthandazo wakho owaphumi nakwi ceiling yendlu. 2. UHLOBO OLUBUSA NGE INTIMEDATION (CONFIDENCE) Kunohlobo lwamaFilisti lo Goliath, olwasabisa amabutho ka Saul ngendoda eyodwa eyayinamandla futhi inkulu kunabo. (1 Samuel 17) Yes, kunezimo ezifika empilweni yakho uzibone ungelutho. Uzibone unga qualify kuyo yonke into nje ngendlela izinto zizimbi ngakhona empilweni. Uthi ubheka iCV yakho uyibone ingafanelwe ngisho umsebenzi woku cleaner ngenxa yobu useless bayo. Lukwenze usale ungenayo I confidence nencane. 3. UHLOBO OLUDLA AMANDLA AKHO (SUCCESS) Kukhona lohlobo lwamaFilisti elalihlasele ngesikhathi sika Gideon. Elalibalinda ukuthi betshale ngamandla abo kodwa masekufanele bavune lufike lihlakaze amasimu abo. Lize lithele upelepele ukuthi noma bethi baqala phansi bayatshala ngungamili lutho. (Judges 6) Yes, kukhona izikhathi empilweni la ubona sengathi usebenzela emuva. Usebenze kanzima kodwa imali yakho ungayiboni nokuthi iphelela kuphi. Kunokuthi ingene imali kodwa uhlala usezikweledini. Uze uzibone ngathi awukhuli, career yakho ime ndawonye, progress empilweni ingabonakali. Abantu abaseduze kwakho bayaphambili kodwa wena akwenzeki lutho. __________________________________ Kodwa engikuthandayo phezu kwakho konke lokhu ukuthi amandla kaNkulunkulu abonakaliswa kuzozonke lezinhlobo zamaFilisti. Isiqubulo engihamba ngaso kulezinsuku sithi; Noma ungangehlula mina kodwa angeke umhlule uNkulunkulu wami. Noma ngabe yisiphi isimo noma uhlobo lwamaFilisti olubheke nawe, make sure awuyi empini engekho uNkulunkulu nawe. Sino Nkulunkulu ongabuswa yisimo kodwa ongaphezulu kwesimo. Uma izimo ziza ngamandla, wena raise i standard seFAITH yakho. Noma izimo zikudonsela phansi, ungasusi amehlo akho phezulu. Yiba more CONFIDENT emandleni kaKrestu Jesu. Ayikho i SUCCESS edlula ukwazana no Jesu, noma impilo yakho ingebe la ufuna ukuthi ibekhona kodwa kukhona abakuleso simo sakho kodwa kubi kubo ngoba abana Jesu.
Posted on: Fri, 25 Jul 2014 09:27:15 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015