UNINI UMNGCWABO? Ngo-2005, ngashintshelwa ePark Rynie, kwaMame - TopicsExpress



          

UNINI UMNGCWABO? Ngo-2005, ngashintshelwa ePark Rynie, kwaMame weziNgelosi. Iningi lamakholwa alapho kwakungamaNdiya. Nginezinsukwana nje ngifikile sekufika umndeni uzongibikela ukuthi ngayizolo umkhulu wakhona ushonile. Ngadlulisa ukudabuka kwami nenduduzo ngase ngibabuza-ke ukuthi izinhlelo zomngcwabo. Ngacishe ngawa esihlalweni uma bethi bafisa ube ngo-1pm. Umkhulu ushone ngabo9 ebusuku, bona bafika kimina ngabo 8 ekuseni bafisa umngcwabo ube ngo-1 emini. Ngahluleka ukufihla ukudideka kwami. Eqinisweni ngathi, that is impossible. Kuningi okumele kulungiswe. Bathi; hayi kusho ukuthi lokho okuningi kungakuwe kodwa ngakithina konke kulungile. Isidumbu sikamkhulu sizofika lapha esontweni ngo12 to lie in state, sicela iMisa ngo1 bese ngo2 sithathwa siyolothiswa. Nangempela kwenzeka njengoba beshilo. Isonto laligcwele phama. Kukhona amaNdiya ngisho aphuma koNewcastle, Harding, Umhlali/Thongathi, njll. Ngithe sengihleli ngedwa ngazibuza ukuthi kanti thina uMgqibelo sawulinda nani? Uma umuntu ekwazi ukufa namuhla angcwatshwe ngakusasa, isonto futhi ligcwale, thina sihlulwa yini? Indaba isemqondweni. Uma ungahlala phansi ubale i-cost yokulinda uMgqibelo: - imali esetshenziswayo ukuthenga izinhlobonhlobo zokudla komzala kamalume ka-anti kagogo kababomncane. - uthini ngamakhekhe, tiye, juice, minerals alaba abasuke bezobona mhlawumbe kwasoso abalishiyile lingayi ndawo. - uthini nge-stress ke, kuphikiswana, abanye beqhamuka nemibono ewu-101 ngalomngcwabo, abanye beluleka nokuthi ake kuyohlolwa. Angisho ukuthi ngithini? Kodwa kuyiqiniso ukuthi ngokwesintu umuntu ubengcwatshwa ngelanga afe ngalo noma ngakusasa. ubufakazi balokho isiko lokuphonsa iga(ba)de elenziwa yilabo abebekude ngesikhathi kufiwa futhi kungcwatshwa. Even indodana/kazi or umzali ubengalindwa, ubefika aphonse iga(ba)de. Uboke nje ngabomu, u-recorde i-income (amasoso, izipheko, contributions zozalo) ne-expenditure kusuka kushoniwe kuze kube ngelanga emva komngcwabo. Uzozisholo wena.
Posted on: Thu, 17 Jul 2014 12:50:41 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015