UTHANDO OLUMSULWA (part17) kwathi kuthambama ilanga udokotela - TopicsExpress



          

UTHANDO OLUMSULWA (part17) kwathi kuthambama ilanga udokotela wayeselithathile igazi kusboh nemiphumela isifikile uSaneh ulokhu ehleli eduze kwakhe emubambe isandla uSboh kwase kusele amasosha amahlanu kuphela nodokotela wakubalula ukthi sekunzima kakhulu akasaliboni ithemba kuSboh, akuselula sisi bekufanele nimlethe kuse early kodwa sizozama. Kwaba ngathi uyaphupha uSaneh kodwa engafa kanjan nje uSboh wakhe esemncane kanje kwagciwane ulithathephi akekho owamphendulayo udokotela wamshiya kanjalo kwangena unesi owayazana noSaneh phela wake wamsiza eshada eyomhlobisela emphekela,wangena wamfaka uxhaxha lwamapayipi base bezncokolela noSaneh wathenbisa ukthi uzomnakekela yize sekunzima. Wahlala uSaneh kwaze kwashaya u11 ebusuku,wathi esezumekile uSboh noSaneh waphuma wayolala ezihlalwen ukusa kwaziwa uyena wavuka wayobheka uSboh wafica unesi ezama ukumupha ukudla uSboh wambona uSaneh wamoyizela kodwa kunzima ukukhuluma wathatha isitsha kunesi uSaneh wazama ukumfunza yena wadla uSboh yize kwakungadleki kodwa wayejabula ukubona uSaneh wakhe emfunza,waqeda uSaneh wamsula umlomo wase emphuzisa amaphilisi wavalelisa wathembisa ukubuya ntambama. Waphuma ehamba kancane ebonakala nje ukthi lukhulu olundlayo wangena emotweni wayishaya yazula eya endlin wafike wageza waqonda emsebenzini wafica uAmanda eoffice wamnika okhiye bakhe wabonga washo nokuthi uSboh use Addington uzophindela ntambama eyombona wathi uAmanda uzohamba naye,wasebenza uSaneh kodwa inhliziyo yayingavumi nobuthongo bumbambile sashaya iskhathi sokuphuma uAmanda esefikile waqoqaqoqa uSaneh wase engena emotweni bahamba kulemoto kudlala islow jam ikhalela phansi kwangena ingoma ka Celine Dion ethi think twice wayicula uSaneh yaze yaphela esecweba nezinyembezi wamnika itissue uAmanda wathi engakhali uSboh uzoba ryt. Bafika esbhedlela uSboh wajabula yize ayengakakhulumi kodwa kwakubonakala nje,kwangena ukudla wamfunza uSaneh noAmanda wamphuzisa amaphilisi wase evalelisa uAmanda wasala uSaneh (iyaqhubeka)
Posted on: Wed, 01 Oct 2014 08:12:48 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015