UZENZILE CHAPTER 15. - TopicsExpress



          

UZENZILE CHAPTER 15. Iyalulama neNgane kaBoni esbhedlela bandla, noNomali usEyithengele nebabywalker ukuze kujwayele izinyawo zayo ukuzimelela phansi. Wagcine esekhishwa esbhedlela kodwa odokotela base bemdonsa ngendlebe ukuthi inyanga nenyanga amlethe esbhdledlela umtwana ukuze etholwe ukuhlolwa kwanyanga zonke. Wavuma uBoni wahamba nomtanakhe waya ekhaya okokuqala ngqa emvakwezinyanga eziwu 11. Babemnakekela bonke umtwana useze uzama nokucathuza. USgodo wafona wacela ukuba bazolanda uThuli ngoba useluleme ngokwanele ukuthi abuyele ekhaya. Ahambe uNomali aye komlanda. Usengcono impela ngoba negazi selibuyile kuyasho ukuthi akasagqilazwa ilutho. Wafika ekhaya uNomali esemthengele izingubo ezintsha eziningi, esemlungisele kahle neKamelo lakhe. UZethu esephumile kulo ngoba wayevele ezifakile. NoNomali wathutha eflethini wabuyela ekhaya ukuze ahlale nomama wakhe. Kahlalwa kahle kulomuzi wanke umuntu esekhombisa injabulo, umuntu owayengajabule uZethu yedwa ngoba wayelokhu ebamahloni okuthi uye owabulala umyeni kadadewabo. Kantu uThuli yena yonke into useyidlulisile. Sekunemfudumalo impela kulomuzi, nakhona sekufana nayo yonke imizi sekuyaluza nabantu egcekeni. Waphela unyaka uNomali wabe eseboleka uBoni imali ukuze ayoqedela unyaka wakhe wokugcina. Ingane yona isihlala nogogo wayo uZethu. UThuli yena igcine isimbhora lento yokuhlala ekhaya engasebenzi ekubeni usana 43 years nje kuphela. Kwamele uNomali atshele uZethu ukuthi kumele bahambe beyokwenza i affidavit yokuthi uyaphila uThuli akafile. Ayikho phela into ayiphilayo uma engenamazisi kusafana nokuthi usafile. Kwaba enye into enzima leyo kuZethu ngoba wayazi ukuthi kuzomele baqale baluchaze lonke udaba kumaphoyisa. Ebona nje ukuthi asazoke akhulume yonke into ayithandayo ngaye. Ecabanga nokuthi noma sebesukile amaphoyiseni nase home affairs nakhona kuzomele baluqale phansi lonke loludaba. Kodwa ayikho into ayengayenza kwakumele kuyiwe. Bavuka ke ngelinye ilanga ekuseni baya emaphoyiseni, noma afike alubabaza loludaba kodwa akubanga ngalendlela ayezitshele ngayo. Benzelwa i affidavit base benikela ehome affairs. Babasiza nabakhona bathi basazobhala incwadi bayithumele epitoli bese belinda impendulo kuyinkathi ekwazi ukubhalisela umazisi omusha, athole konke namakhadi akhe asebank athole ne persal number yakhe ngoba wayekade eyiclerk likahulumeni. Kwaphela amasonto amabili yase ifona ihome affairs icela ukuba bafike. Banikela khona yase icisha intombazane esebenza khona isitifiketi sikaThuli sokushona, yase imenzela umazisi wesikhashana azowusebenzisa esalinde lo omusha. Waya nasemabank walungisa zonke izinto zakhe zabuyela esimweni. Wabuyela nasemsebenzini impilo yonke yakhe isibuyele esimweni. Kwaphela inyanga uNomali wathengela unina unyanyavu lemoto ngoba le endala kwaphela ngayo mzukwane bengingqika nayo. UZethu yena uhlala ekhaya ugadana nengane kaBoni ondliwe kanye nayo. QHUBEKING joyina igroup ethi DEE-KAY THE NOVELIST ukuze uthole izindaba zami ezintsha nezindala.
Posted on: Wed, 29 Oct 2014 06:16:08 +0000

Trending Topics



iv>

Recently Viewed Topics




© 2015