Uma uthola incwadi eposini, isuke ifakwe kwi envelope. Incwadi - TopicsExpress



          

Uma uthola incwadi eposini, isuke ifakwe kwi envelope. Incwadi akusiyona i envelope kodwa incwadi isuke ikwi envelope. Ne-envelope isuke inezinto ezimbili ezisemqoka ngokwayo. Isuke inekheli kanye nesitembu. Lezizinto zisemqoka nje ukuthi incwadi ifike lapho iyakhona, uma isifikile kuyaphela ukubaluleka kwe-envelope. Uma incwadi isifike ezandleni zomnikazi, into ayenzayo uvese adabule i envelope kabuhlungu ukuze akwazi ukuthola i message yencwadi. Ngifuna ukuthi namhlanje wena uyi envelope ephethe incwadi edingwa umhlaba. Kahle kahle thina asidingi wena kodwa sidinga incwadi efihlwe kuwe. Kuyenzeka impilo ikudabule kabuhlungu, kodwa ngicela wazi ukuthi awubulawa kodwa kufunwa incwadi efihlwe kuwe. Lobubuhlungu obuzwayo noma ngabe obanhloboni, akudatshulwa yona incwadi kodwa i envelope okufihlwe kuyo incwadi ephethe i message. Bonke abantu abaphumelele bangakutshela ukuthi badlule kubuphi ubuhlungu, kwakufunwa incwadi ekwi envelope.
Posted on: Thu, 13 Mar 2014 07:29:07 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015