bantu bayathanda ukubuza ibhasi ibhaliwe, umphendule azilengise - TopicsExpress



          

bantu bayathanda ukubuza ibhasi ibhaliwe, umphendule azilengise uma ethanda: 1. Akubuze ukuthi uyapheka yini ebe ekubona uqoba, wothi cha ngishintsha umntwana inabukeni. 2. Nificana kwa-Edgars akubuze ukuthi ubuzokwenzani, wothi bengizobheka amathayi uzwe ngathi kune-discount. 3. Afone phakathi nobusuku akubuze ukuthi ulele yini, wothi no no no nginisela ingadi. 4. Akubuze ugqokeni ebusuku, wothi i-rain coat. 5. Taxi ibiza R15 wena ukhiphe uR20 akubuze nibangaki, wothi backseat yonke. 6. Akufice edolobheni kade ninaye e-rank akubuze kanti nawe ubuza la, wothi cha empeleni ngiya ezulwini angazi ngfunani lana. 7. Ukufica e-clubbin awudansi ukufa akubuze uba uphilile kodwa, wothi kusasa ngiyaphuma la esbhedlela. 8. Ufake i-jacket akubuze uyagodola yini, wothi hhayi bo ngenzela ukundiza kahle. 9. Usemsebenzini akubuze yasebenza yini, wothi cha ngishefa izinza 10. Uyadla ukubuza ukuthi ulambile yini, wothi nah ngiyakupakisha just incase 11. Umtshela kahle ukuthi usaya e-salon, akubuze yokwenza ikhanda yini? Wothi nje nah uhambisa i-washing. 12. Akufice e-KFC udla, akubuze uzodla inyama lana nawe? Vele uhleke uthi hhayi ngizogunda utshani. 13. Ufake ijoyini yesonto akubuze kanti nawe yasonta, wothi cha sigqoka kanje masiyogida indlamu. 14. Ufake i-uniform athi hau uyafunda kanti? Wothi cha nginguthisha. 15. Ukufica e-cinema ukubuza kuthi ubuzobuka i-movie yini, khipha i-tissue usule izinyembezi uthi cha bengizo identify isdumbu la e-mortuary... #bo_homeline #ninjan_kuyi_friday_ntambama
Posted on: Fri, 12 Sep 2014 15:51:32 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015