2013 unyaka wami wokuphumelela empilweni, unyaka wezibusiso - TopicsExpress



          

2013 unyaka wami wokuphumelela empilweni, unyaka wezibusiso empilweni yami..Ngibonga unkulunkulu ngokungamela noma ngingumoni phambi kwakhe. Awu wena ongizondayo, ongithakathayo, onamagqubu, ongifisela okubi nawe onemibuzo engapheli yokuthi ikaze uzitshela ukuthi uyini, soke sibone uyoqeda yini or uyosebenzaphi. Khohlwani njengesidomu esikoleni ngeke kwenzeka lutho olubi empilweni yami...Phambili ngempilo phambili, emuva ngomona emuva... Awuthi ngikuhlebele izinto ezenzeke empilweni yami kulonyaka ( Ngigqoke ijazi lokuqeda idegree ongoye, ngarijista ihonours ongoye futhi ngizoyiqeda, ngakhethwa kuma KZN Young achivers awards, ngathola amaBursary azongikhokhela isikweletu sami, awu maduzane nje uzozwa ngizogibela indiza eye Cape Town ngimenyiwe ukuba ngofunda khona isonto elilodwa mayelana nabantu abakhubazekile... Awuzibukeke wena nomona wakho ukuthi ukephi kunonkulunkulu nezinto angenzele zona...Sale usuyekela nje ngeke kusalunga...Wahluleka ngisho usungikhubaza uthi uyaqeda ngempilo yami kanti awazi ukuthi ilapho uyinyusela khona phezulu.Ngiyakuxolela kodwa ngoba awukwazi okwenzayo, ukwenziswa ubumnyama okukho, ngiyakukhulekisa ukuba inkosi ikusize nawe uphume ebumnyameni, uze ekukhanyeni lapho ngikhona nami...Ngiyabonga Nkulunkulu kanye nendodana yakho owayithumela phezu komhlaba... Ngiyabonga Ozithobayo Hlubi Cebolozakha "Qhathizwe, Mr-Confess" Nkosinathi "MaDisprin
Posted on: Tue, 20 Aug 2013 20:45:52 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015