Hi admin. Fihla igama please. Nginengoduso la enginengane mayo - TopicsExpress



          

Hi admin. Fihla igama please. Nginengoduso la enginengane mayo ena-14 months manje. Ngiyiganise ngomhlaka 3 May kulonyaka senza ne-engagement. Akukho engingamenzeli khona nomntwana coz sesihlala ndawonye. Inkinga ilana ke. Uma sixabana ngento encane akafuni sixoxe silungise izinto. Kuphela izinsuku namasonto ediniwe engafuni futhi sxoxe. Lapho ke inkomo ngiyizwa ngendaba coz usuke engafuni kwakona ngimthinte. Uma esephutheni kugcina kuyimina o-wrong coz uvele abale izinto ezindala nathi zenziwa imina kuyena. Izinto uyazigcina kuyena azikhiphe ngoba sengimsola kugcine sekuyimina engixolisayo. Njalo uma sinenkinga imina engizihluphayo noma sengizihlupha ke uvele nathi mina ngikhuluma undendende yena ukhathele imina futhi samanzi nopharafini. Ngenzenjani coz angfuni ukumshaya tithing angizwani nomsindo ngizwana nokthula. Lomuntu ngisho ngithi ngyathandaza uthi ngilwa naye. Angsazi kmele ngenzenjani. Ngixolise ukulula kade ngisebenzisa iphone yomuntu. Ungazise uma sekunjalo
Posted on: Thu, 17 Jul 2014 20:35:16 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015