Lol lol bayahlekisa laba oProgram director abazenza osiyazi - TopicsExpress



          

Lol lol bayahlekisa laba oProgram director abazenza osiyazi ababhedayo so bengiqashwe komunye umcimbi so kwi program bangijomba kubhalwe ukuthi Entertainment Siya ngiye kuye ngokukhulu ukwehla Siya : Mphathi wohlelo ngicela ukubuza sengizongena nini ngibona ungijombile la ohlelweni MC : uma sekuthanda mina Siya : okay manje awusho uzothanda nini ke? MC: ungangibuzi lokho wemfana imina ozobona njengomphathi wohlelo ngikufakaphi uthe ungubani igama lakho? Siya : Ngingu Siyabonga MC : so shono wenzani uyadansa, noma uyacula Siya: ngihleke ngiyadansa mphathi wohlelo MC : (athathe imicrophone) manje kuzongena umfana ozonandisa ngokuthi asidansele uSiyabonga kuthuleke nje Siya : ngingene ngibambe imic ngizithule igama lami nginguSiyabonga Mpungose then everyone wajabula kwachwazwa then ngenza umsebenzi wami ngishiye wonke umuntu emi ngezinyawo uMC elokhu ekhamise emangele ngemuva MC : abuyele kwi Mic siyabonga kubafwethu ukuthi babe kanye nathi joh ay ay Then uma sesiyodla useyeza uMc uzokhuluma nathi MC : mfoka Mpungose cha mf2 mina ngiwumlandeli wakho omkhulu laphaya ohlelweni lukaDudu. Yazi bengingakuboni ngithi ilabafana abahluphayo abazokona umcimbi mina kodwa ngyalizwa izwi kancane ngiyakubona nobuhlakani ebesiphendulana ngabo ukuthi inkunzi le manje awusho akukho okufunayo okuphuzwayo? Ngoba nginalo ibhodlela laphaya emotweni? Ha wena umsebenzi wakho ngiwuthanda kabi nginanamaCDs akho laphaya emotweni Siya: thanx ngyabonga qhawe nangesupport yakho but angiphuzi lol lol kazi uthenga maphi amacds ami ngoba anginayo icd esiphumile lol uthatha ama chance lol
Posted on: Mon, 20 Oct 2014 08:17:50 +0000

Trending Topics



Recently Viewed Topics




© 2015